W.M.B. M'KHIZE






0

J.L. VAN SCHAIK

		Leliqoqo liqukethe lezindatshana

	1.	Ungayingeni eyomndeni	1
	2.	Idili likaKhisimusi	16
	3.	Onakho uyaphiwa kuvame	25
	4.	Lembul'ingubo lingene	37
	5.	Isikhuni sabuya nomkhwezeli	52
	6.	'Lapho izivunguvungu	61
	7.	Zibanjwa kweziwudlayo	77
	8.	Zifa ngamvunye	87
	9.	Ikhubalo lenhlanhla	114

1. Ungayingeni Eyomndeni

UGatsheni ngisho naye uqobo lwakhe uyazazela ukuthi lenyanga kaSeptemba ayikaze imlethele lutho oluthokozisayo nolunesibusiso kuye selokhu bashada noMaMthethwa, umkakhe.

Ngonyaka abashada ngawo umphezulu wehlela endlini yabo washisa zonke izimpahla ezazifike noMaNyambose.
Kuthe esethi seladuma ledlula lelo, nakhu sebembamba inkunzi ephuma emsebenzini, bemphuca wonke umholo kaAgasti.  Bashiya bemhlabe amanxeba amahlanu emhlane.
Kulowonyaka futhi, ngayo belu lenyanga kaSeptemba, walahlekelwa wumsebenzi ensisheni ngendlela engabonakaliyo.  Uthi wena ngokwakho sebengaze impela bakuxoshe ngoba nakhu bewuthandana nodadewabo wenduna, kuthi uma sewumhlimbizela ngenxa yesimilo sakhe esesingakugculisi sokudakwa, umfowabo usezokuxoshisa emsebenzini?

Cha, akekho ongaboni ukuthi lenyanga kaSeptemba iyinyanga yamabhadi lapha kuGatsheni.

Njengoba leli sekuyisonto lesibili eqalile uSeptemba, useqalile ukuba nexhala ukuthi kazi ngaloSeptemba uzokwehlelwa yini.

Namuhla wuMsombuluko ekuseni.  Lapha emsebenzini impela ucishe wangeza ngisho nokuza ngoba ngesonto uze walala ngezinkukhu zokuqala belibele ukuphuza.  Ekuseni uze wavuswa yilona 'ubambo lwakhe', uMaMthethwa, ngoba naye esecabanga ukuthi kukhala umshini ka-7 nje, uyise kaCarrot akakavuki.
'Wenantombi kaSikhunyana!  Usho ukuthi awukavuki yise kaCarrot?" kubhoka yena okaNyambose emvusa lapha embhedeni.  'Emsebenzini akuyiwa yini, Boya Benyathi?"
 Athi ukunyakaza, azamule bese esezelula, esethi: "Wo, nkosikazi!  Igazi angilizwa kahle ngoba sengathi ngichithekelwe yinyongo ... Bengicabanga nokuba ngifake umuthi..."
Akabange esaqeda, esememuka emlonyeni: "Uthini, Gatsheni? Ini?  Usho ukuthi uzofaka umshanguzo ngosuku lomsebenzi?  Ingabe impela akwenziwa lutho uma ngabe uyaqinisa ukuthi emsebenzini kawuyi ... Vuka wena, ilanga kalimile!"

Abhoke lapho umame aze amdlikizise zona izinyawo lezi.
"Ngempela KaNyambose, ngiyagula, ngakho-ke angiyi emsebenzini namhlanje," kuzikhalela uGatsheni ezamula ehlikihla namehlo.
"Usho ngoba udlala!  Emsebenzini ilapho oya khona ngenkani!  Okungcono singavele sixabane, baba." Kusalokhu kubhoka yena umame.  "Manje sewufuna ukuqambela abantu uthi bakufake isichitho emsebenzini uma sewuxoshiwe?  Lutho lube lunye Boya Benyathi, hamba wena uye emsebenzi-

Pho, uma sekusho uMaMthethwa, nakanjani kufanele yenzeke lento ayishoyo.  Uzidonsile-ke weza lapha emsebenzini noma kubonakala ukuthi limphethe iphezi lebhabhalazi.  Amanzi lawa uwaphuza ephindelela.  Kwale noma esethi uphuza amahewu, into emuncwana, ibhabhalazi lithi ngilapha futhi angizwa namakhambi.
Kuze kwabangconywana, futhi nedumbe labangcono uma eseke waqhwetshwa nguMsomi bayosithela ngasezindlini zokugezela lapho efike wamphuzisa iwayini.  Kube yinkathi-ke esethombuluka, sekuvuma nokuba asebenze ngoba nedumbe belithe bhe futhi exabanisa zona izintambo zikakotini lezi asebenza ngazo lapha efemini.
Ngedina-ke kwahlanganiswa amasenti bathenga inyama yokosa nemidunjana kapelepele ukuvula inhliziyo.  Basheba amaqatha lawo ngesinkwa.
Yathi lapho ishaya insimbi ntambama, yibo labaya beshaye ujenga sebeqonde kwaMaGumede beholwa uMsomi phambili.  Phela ngoMgqibelo baphuza baze behluleka wase ethi uMaGumede babuye futhi ngoMsombuluko uma sebeshayisile abathelele 'igwaxazi' labo nakhu babemkhokhele kahle bonke esikweledini senyanga.
Baphuza-ke, kwakuhle kwadela.  Kwathi sebebhekene nohhafu owelama amabhodlela amabili, bamethuka eselele uGatsheni.  Uselele akasathi nyaka.  Babasathe bayamvusa, bemnyakazisa, kwaba nje sengathi badlala ngesikhathi.  Uzilalele uGatsheni.
Kuthe lapho umame womuzi esekhuluma indaba yokulala, wasuke waba yinsobonsobo uGatsheni lowo.  Kwala noma uMaGumede esebhoke esekhahlela ethi yena akanayo indlu

2

yokulala izidakwa, wasuke wadonsa izikhumba uGatsheni manje usenguBoya Benyathi ngisho nezinqotho.

Baphuze oMsomi nebandla baze baminye.  Sebekhuluma indaba yokuba nabo babheke eqonde ekhaya ... Mamo!  UMaGumede esevuka inja ebomvu!  "Hhayi bo!  Aninakumshiya phela lapha loGatsheni wenu!  Akukho ndoda kulomuzi.  Pho manje ngingalalisa indoda yomuzi wayo lapha ngiyahlanya yini?  Mthwaleni nina, Msomi, ebeniphuza naye, nimgoduse."

'Wo, Mfo kaMsomi!  Nawe uyazizwela-ke lendaba yokuthi sesiyaxoshwa," sekusho uSibiya esukuma esihlaweni.  "Asisale sesimthwala siyombeka emzini wakhe ngoba uyamuzwa nomame usekhuluma amazwi aneziswana."

'Wena mzala angisho ukuthi ngisolani; ngithanda ningizwe kahle.  Into nami ngibalekela izinkulumo lezi zabantu ezingapheliyo," sekuphendula yena uMaGumede ebhekise kuSibiya.  Phela uthi uMaGumede yena wancela ibele lakwaSibiya, bona ababiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.
'Ngibalekela izinkulumo zomkakhe, uMaMthethwa ngoba unomlomo lowomfazi, we bantu!  Engani wake wangihlambalaza lapha kwamakhutha wathi mina ngikhuthuze umyeni wakhe lo edakiwe!  Cha, mthwaleni nimkhiphe lapha ngoba uma ningamthwali mina ngizomdudulela phandle okungcono alale khona.  Mina sengikhathele yizinkulumo zikamaMthethwa ngalendoda yakhe.

Washo wamdlikizisa kabana emdumela ngesiphika sebhantshi.  Wamdlikizisa waze washayeka etafuleni ngekhanda kodwa phinde ukuba avuke.  Wasimze wagebisa ikhanda kuphela.  Ulele uGatsheni - ulele uBoya Benyathi.  Asukume uSibiya amdudule uMaGumede: "Kahle nkosikazi ukudlala ngomnumzane womuzi kanje.  Okungcono singavele simthwale simgoduse.  Kodwa usungaze udlale ngoNdlovu, umdlikizise sengathi ungumdlwane wenja?" kubhoka yena uSibiya, emhebeza uMaGumede.  'Konje nina bomame bamashibhi nin'alo, umuntu nimthanda esakhokha imali yakhe niyemukele kube kuhle, kodwa uma seniyiqedile seniyamenyanya?  Impela lomkhuba wenu nina makhosikazi amashibhi mubi kakhulu, futhi nginazi kahle."

'Manje yimina lowo osebizwa ngenkosikazi yeshibhi, Sibiya?" sekuphendula uMaGumede embuka ngeso lengulube uSibiya.  Yaphela nendaba kamzala uma esekhuluma kanje

3

obiya ngenkomo.  Ngisho akanake noSibiya lowo, kuphela wamane wafaka isandla ekhwapheni likaNdlovu babemxhaka beNomsomi.  Babemdumela njalo bedidizela naye bebheke emnyango.  Akasesindi naye uGatsheni lowo, ungathi wenza ngabomu!
"Uphikani ukuthi wena uyinkosikazi yaseshibhini ngoba ukhuluma nje wondliwa yimali yethu njengoba uthengisa ngogologo lapha?  Pho manje kufanele ngithi ungunkosikazi wasesontweni kambe?" kubhuqa uSibiya.  "Wena MaGumede uyakhohlwa wukuthi yimali yethu lena oyesuthi, oyembathayo nowondle ngayo lomuzi wakho.  Ungasho nje ukuthi usebenzaphi uma uliphika leli lokuthi uyinkosikazi yaseshibhini?"
Lihlabe lelo lephukele kuMaGumede.  Akhulume engunuza into engezwakali.  Badidizele oSibiya baze bayophuma emnyango noNdlovu.  Baphume bengasavalelisanga. Iyesinda indoda.
Bamqukule bamthwale ibangana bese behlaba ikhefu.  Baphumula kwaze kwaba kahlanu bengakafiki emzini wakhe.  Baze bafinyelela ngelikade nabo sebeconsa.  Baphambuke-ke sebeqonde esangweni lakwakhe, bafike balivule.  Lathi nje lingakhala isango sasicima isibani laphaya efasiteleni lasekamelweni elikhulu lomninimuzi; kade kukhanya khona manje

besekujana.
"Sikhulekile nkosikazi!  Siyakhuleka Boya Benyathi!" kumemeza uMsomi lapho uGatsheni esemhlalise phansi kuvulande.
"Ningobani futhi ngabe nifunani lapha phakathi kobusuku?" kumemeza uMaMthethwa engaphakathi endlini.
"Yithina, mame, oSibiya noMsomi.  Silethe nangu umnumzane womuzi, uGatsheni," kuqhuba yena uMsomi.  "Sicela ukuba usivulele simngenise endlini, nkosikazi."
"Seningaze nimlethe ngalesisikhathi?  Ubekade engazibuyeli ngani yonke imini le?" kusabuza yena umame.
"Into mame kukhona lapho sike sayodlula ngakhona sathi ukulibala kancane," sekuncenga okaNomndayi.
'Nathi ukulibala kancane?  Ningathi nilibale kancane?  Engani manje kuphakathi kobusuku?" kubhoka uMaMthethwa.
"Yebo, - mame, siyaxolisa.  Sicela usivulele simngenise uGatsheni," sekuncenga uSibiya.
"Ubengalali ngani lapho kwaMaGumede lapho imali yakhe iphelela khona?" kusabhoka yena uMaMthethwa.  "Mthwaleni nimbuyisele khona lapho evela khona.  Mina angivuleli sidakwa kulomuzi ngoba sengivele sengizilalele."
Bema-ke lapho babhekana khona ebumnyameni ukuthi lenkinga bazoyenzenjani.  KwaMaGumede nakhona usuke sebefuna ukumhudulela phandle bethi akagoduke.  Nalapha emzini wakhe nangu umame emnqabela ukuba angeniswe.  Basho ngezinhliziyo oSibiya beNomsomi ukuthi cha kulukhuni ngempela ukuba yindoda.  Bamhlalise bamncikise ngodonga khona lapho kuvulande.

'Uyedelela ngempela lomfazi futhi uluhlaza enjalo nje," sekunyenyeza uSibiya enxapha.

'Yimina lowo enithingiyedelela futhi ngiluhlaza?" kubhoka uMaMthethwa naye enxapha.

"Cha kasisho wena ukuthi uyedelela.  Sisho yena uMaGumede lowo ukuthi uyedelela futhi uluhlaza uma esesuthi imali yethu," sekusho uSibiya eseshaya ingwijikhwebu nakhu sekucishe konakala.

Kekuthi cwaka isikhashana.  Bamethuke esekhanyisile futhi uMaMthethwa.  Dukuduku basizwe isicabha sesivulwa ngesikhiye sangaphakathi.

'Wena ntombi kaSikhephu!  Kungabe yibhulukwe lakhe leli eselingcole laba nje?  Ubengenephi, nkosi yami?" kubhoka uMaMthethwa emkhanyisa ngekhandlela ebusweni uyise kaCarrot.  Omdala ulele futhi ucimezile.  'Qha, ayingeni into enje lapha endlini yami.  Okungcono mshiyeni khona lapho kuvulande." Ukhuluma nje useswace ngisho ubuso uMaMthethwa wansondo.  Wenyanya ngisho nokusondela eduze komyeni wakhe.

Bamncenga-ke lapho lacishe laphela ihora.

"Ngiyagcina ngci ukuba ngimvulele sengilele uNdlovu.  Uma ezesuthele lapho emizini yabafelokazi abomendlalela alale khona angabelokhu ehluphana nathi sesizilalele," kunqantuza umame.

'Simlalisephi-ke, nkosikazi?" sekubuza uSibiya engasenanhliziyo nakhu yena useqalanokozela kanti owakhe umuzi ukujana uma kusuka lapha.

"Mshiyeni khona lapho ngasemnyango.  Anginakuyithinta mina into enje!" Washo impela enyakama nasebusweni, ungefunga ukuthi ubona isilwanyana esingangeni ekhaya.  Ukhomba ngaso isitsha sekhandlela.

5

"Nomndayi, ngiziboneleke namuhla ukuthi uGatsheni akanamfazi walutho," sekusho uSibiya sebeyophuma ngesango.
'Wena usho ungambonanga yena umame emini kukhanyal" sekusho uMsomi ehleka.  "Ungefunga ukuthi yisilwane sasendle esithile esihlanganise ubukameli nendlovu kanye nobhejane konke ndawonye.  Okwesishwapha-ke khona ungefunga uthi nansi indlovu iyosithela." Bayithinte lapho insini.
"Uluhlaza futhi unenkani njalo lomuntu.  Mina ngibonile-ke namuhla ukuthi kanti yini ebangela ukuba uGatsheni angaphuthumi ukuba agoduke uma sishayisa ntambama.  Uthi usuke engesabi yona lendlovu yangena yomfazi?" wahleka lapho uSibiya waze wawubamba umkhaba.  Baze behlukana sekukhala ezokuqala.
Kwasa n'gakusasa, ngoLwesibili.  Wavuka khona lapho uGatsheni wabe enikela khona futhi emsebenzini.  Uvuswe yisona futhi isiqhwaga esinguMaMthethwa.  Asimthethisanga, asimqalekisanga, asimsongelanga, thula wena!
Emsebenzini uthe nje engena ngesango babemokha ngensini oMsomi benoSibiya.  Bamxoxela- ezangayizolo ngenkathi indlondlo enguMaMthethwa idlondlobele ifuna ukubadla ibafele.
"Khohlwani nina yindaba yalowo ngoba nami ngimshiye esangithethisa namanje," sekusho uGatsheni ebonga.  "Namhlanje ntambama ngifuna ukuba ngifike ngimtshele ezikabhoqo ngoba lomfazi usethanda ukuchachaza emzini wami."
Babhekane oSibiya noMsomi uma bezwa lelo.  Bese ethi uSibiya: "Ntanga, uma ngabe uzophinda esayizolo, mina uze ungangilindeli ukuthi ngiyokukhapha njengayizolo.  Ngingaphinda futhi ngiyothethiswa umkakho njengayizolo?  Phela yena uthethisa thina kube sengathi yithina ebesikuxaka ngotshwala.  Kungiphinde okwayizolo, Gatsheni?  Lutho eLuthela!" Ahebeze nangesandla uSibiya; qha ubheme wakholwa.
Kuthe kungashayiswa wavalelisa kuqala uSibiya kwathi noMsomi wabika umhlangano kamasingcwabisane azoya kuwona ngaleyontambama.  Behlukana kanjalo-ke kusakhanya ngoLwesibili, kwaba yilowo wathatha eqonde ekhaya.
UGatsheni wathi elivula nje isango lakwakhe lwamuthi he uvalo.  Kazi-ke namuhla uzomenzenjani umkakhe.
"Waze wenza kahle, yise kaCarrot, ukuba usheshe ubuye

6

namhlanje," kuncoma umame lapho uNdlovu engena ekhishini eselibekile ibhantshi ekamelweni.  "Phela, baba, ngithole incwadi evela kumama ekhaya.  Ungibikela ukuthi umalume uZebron, lona abagcina bemkhomba eKhimbili, bamethuke nje esefika ekhaya kanti bese badela ukuthi usawadla anhla-mvana," kulanda yena uMaMthethwa.  Impela ubukeka ejabule namuhla.

'Hhawu!  Kwamnandi ukuzwa ukuthi ibuyile indodana yolahleko.  Siyanibongela, Nyambose," sekusho uGatsheni.  "Mina ngiyaqala nokuzwa ukuthi kanti kwakukhona unyokolume.  Uthi wayekhona nje ngomshado wethu?"

'Cha, wayengekho.  Thina sishade liphelile ishumi leminyaka abhunguka.  Futhi wayengasabhali," kulanda uMaMthethwa eziphephetha ngayo lemvilaphi yeposi lomoya efike nalezizindaba ezinkulu.

"Uthi umame wethuke kabi uma efika lomlisa esezethula ukuthi ungubani ngoba bona bazi ukuthi wafela ekubhungukeni.  Lapha encwadini umama uthi into azikhalela ngayo engakaweli ukuba abone imizi yethu.  Uthi nje uma engabona umuzi kaKate benoDuplicate uyobe usedelile emhlabeni.  Phela mina wayengikhonze kakhulu, bandla, u'Lume.  Thatha nansi incwadi uzifundele."

Washo emnikeza incwadi leyo.  Aqale abuke yona nje imvi-
laphu enesigxivizo saseCape Town. Cha, isandla yisona sakhe
umkhwekazi ngoba abakhe o-"M" laba banemisila, bese 'P"
bakhe bona kube sengathi yilezizindiza zomkhosi ezinophela emhlane. Ayifunde-ke incwadi. Kuliqiniso konke lokhu kushiwo uMaMthethwa. Kusobala umkhwekazi lencwadi
uyibhale inhliziyo yakhe igida emafutheni - abhale amakhasi
amane yena wansondo! Nakhona uyagcizelela impela ukuthi
umalume uzikhalela ngamakhosi lawa, oKate beNoduplicate,
ukuthi ufisa ukubona imizi yabo.
'Impela, Duplicate, mntanami, uze uhlale umlindele lapho
ekhaya unyokolume ngoba sengimnikezile nekheli, nga-
mlayela. Phela akathathanga uZebron, ngakho-ke nakanjani
uzokwabela ingxenye yefa lakhe uma nifike namphatha kahle,
ngendlela asakukhonze ngayo." Iphetha kanjalo-ke incwadi.
Ayigoqe-ke uGatsheni eseqedile.
"Mina kunendawo engingayizwa kahle lapha encwadini,"

7

sekusho uGatsheni.  "Manje unyokolume uzowelela phesheya kwezilwandle uma esesuka lapha?"
Ambuke ngelokutheza umame: "Wena uyagcona nje kuphela.  Kawuzwa wena ukuthi umalume uthini uma ethi ufisa ukuba angibone engakedluli emhlabeni?"
"Into lapha encwadini kuthiwa: 'Mlindele unyokolume ukuze akubusise engakadluleli ngaphesheya"' kuchaza uGatsheni  "Wena pho ukuthathaphi ukuthi uphesheya lowo usho eZulwini?"
"Umama phela mina ngimazi kahle ngoba uyangizala," kusho uMaMthethwa.
"Angingabazi ukuthi ubeqonde ukuthi ngaphesheya kweJolidane .Sewuyezwa ke manje ?Asho ambuke kabana.
 'Ngiyezwa-ke manje, nkosikazi," kuvuma uGatsheni, enqekuza nangekhanda, abambe insini.  "Manje-ke ngoba asinamali kulomuzi, siyomhlinzeka ngani yena unyokolume lowo?  Igamenxe inyanga."
"Kodwa ungesho ukuthi "umalume' nawe ngoba ungumalume wami?  Leligama lokuthi 'unyokolume' angilithandisisi kahle," kuchaza uMaMthethwa enyakama.  Phela ziningana nje izinto yena angazithandisisi kahle.
"Ngiyezwa, nkosikazi.  Ngiyaxolisa uma lokho ungakuthandisisi kahle," kuxolisa uNdlovu ngokuthobeka okukhulu.  'Bengibuza ukuthi yena umalume lowo singambungaza sithini, singenamali."
"Lapho-ke uyakhuluma, yise kaCarrot," kuvuma umame.  "Mina senginqume ukuba ngivuke kusasa ngilibhekise kuOscar, umzala, eSobantu, ngeboleke ama-R70 ngoba kungeze kwalunga uma singezukuchitha gazi kulomuzi uma sekufike umalume.  Bathi futhi uyimpohlo umalume."
"Hawu!  Kanti unyokolu ... habe, angithi njalo, umalume kanti uyimpohlo?" Asheshe azikhuze uGatsheni bese ehleka kakhulu.  Uhleka ngakhona uGatsheni, kodwa wagcina nini ukubona umkakhe eneme kuvela izinyo?
"Mina, baba, bengithi wena yisa izingubo zakho elondolo baziwashe ngoba ayikho imali yokuthenga ezintsha," kweluleka umame.
"Manje-ke, wena uzohamba ubuye ngelanga lapho eSobantu?" kubuza uNdlovu.  "Uthi kungabuyeka ngelanga?  Phela nayo leyomali ngiyofike ngiyikhonze.  Uma kulunga nginga-

8

buya ngolwesine ntambama uma ngihambe kahle." Wakusho lokho uMaMthethwa esuka eyoshona ekamelweni eseqala ukuqoqela uhambo lolo.

Walala ubuthongo obunengilosi phakathi uGatsheni ecabanga ukuthi kulomuzi uchakide uyobe ehlolile uma imamba enguMaMthethwa yalukile.

NgoLwesithathu uGatsheni wavuka engasabonwa nangalukhalo uMaMthethwa, nakhu uthathe ezokuqala izimoto ezibheke eVinishi.  Waze wazivukela ngelikade wase egeza, eshefa, esengena esudini lakhe eliluhlaza.  Leli elinsundu uzolishiya elondolo njengoba eshilo umame.  Phela ngalelolanga bazothathwa isithombe efemini njengoba imenenja enkulu,uMafutha,useyawela, usebuyela kwelakubo eseyophumula.  Isithombe leso esesikhumbuzo esekuleli.

Wathi engena ngesango zaziphangelana ngaye izinsizwa zimncoma ngoba lelisudi limhlala kamnandi.
"Bafana abadala nizobona into engizonenzela yona namuhla ngoba phela namuhla usuku engazalwa ngalo," sekusho lona isakabuli elinguGatsheni lizilungisa ubala.
Yathi ikhala insimbi yantambama zase ziqalile ukugcina usiko lokuthi uma umuntu egubha usuku lwakhe akhungwe ngezipho noma ngemali.  Badodwa abebefaka amarandi, abanye ngamabili.  Kwathi kuvalwa imali yase ihlangene ama-R55.  Kwathengwa-ke inyama kwase kuqondwa kwaMaGumede sekuyobuswa.  Baqala ngokosa inyama kwase kuhlalwa phansi sekuphuzwa.  Umbuso wabamuhle kakhulu nakhu phela baphuza bendlalele.  Bahlakazeka lapho kuqundeka amehlo kwaba yilowo esekhumbula ebheke ekhaya.

Uthe lapho elivula nje isango wamangaliswa ukuthi akakhanyisile ngani namhlanje uMaMthethwa ngalesisikhathi.  Kube yikhathi ekhumbula ukuthi konje namuhla kukwampunzi izidlela nje emini.  Wahleka yedwa omdala esezisola ukuthi ubejaheni kangaka ukuba abuye.  Alivale-ke isango ayosithela eqonde esicabheni sasekhishini.  Mpu, mpu, mpu!  Isikhiye lutho!  Afune kuwona wonke amakhukhu.  Akhumbule ukuthi konje ubegqoke isudi elinsundu leli alifake elondolo ekuseni ngenkathi eya emsebenzini.  Isikhiye sisebhulukweni lalelosudi.  Yenzeka-ke indaba.  Wayizungeza kane indlu exakazisa izicabha namafasitela.  Nawo amafasitela anezinsimbi.  Lezinsimbi umnumzane wayezifakele ukuvimbela abagqekezi; namhlanje sezivimbele yena uqobo lwakhe.
Wahlala phansi uGatsheni wacabanga.  Bese ekhumbula ukuthi endlini encane kunefasitela elincane elingenazo izinsimbi.  Wabe eseqonda kulona lelifasitela elipendwe ingilazi yalo, wathi ufaka isandla ezama ukukhwibila lensimbi elifaselwa ngayo ukuze lingabe linyakaziswa umoya kwafumaniseka ukuthi isandla asingeni.  Okungenani makafune ucingo ayikhwibile ngalo.  Alufune-ke ucingo lolo, lutho.  Phela manje sekumnyama.  Asuke aqonde esangweni lapha afike wasiqaqa isinqanyana socingo, wabe eseyosithela emva kwendlu.  Ayikhwibile-ke insimbi leyo.  Livuleke ifasitela.  Ukuze alingane kulelifasitela kudingeka ibhantshi alikhumule, azame ukungena, avule esengaphakathi.
Ngenkathi eqaqa ucingo laphaya esangweni ebuya ezovula ifasitela ngocingo lolo, uyabuka umakhelwane,uShabangu, ethi uzoke abone ukuthi ngabe lomuntu uzama ukwenzani lapha endlini kaGatsheni.  Angene endlini bese ethatha isiqwayi sakhe, eselandela kancane.  Ambone lomlisa elivula ifasitela; ambone futhi esekhumula ibhantshi elibeka phansi.  Uthe lapho esebhajwe lapha efasiteleni ngomkhaba, wabe eselapha uShabangu nesiqwayi sakhe.  Manje esingasenhla isidumbu kusukela esinqeni, silenga emkhathini endlini, kantike lesi esingezansi silenga emoyeni.  Wayesefikile uShabangu
nesiqwayi sakhe.
"Ngize ngikuthole namuhla, sela ndini!  Kanti uwena lo ogqekeza izindlu zethu uma singekho?" Usho njalo uShabangu uyashaya lapha emlenzeni, emadolweni nasemathangeni.  'Ucabanga ukuthi ungagqekeza endlini kamakhelwane uGatsheni, ngikuyekele?  Ukhe phansi ngoba ngikubambile namuhla."
UGatsheni akasaqhubeki futhi akasabuyeli emuva.  Uyashaya yena uShabangu ubheke phambili.  Uma engazibiki uzogcina emlimazile.  "Kahle phela, Shaby!  Musa ukungibulala bo, makhelwane, yimina uNdlovu."
Ethuke lapho uShabangu nesiqwayi siqathakele phansi.  Pho kusasizani ngoba usemshaye wamkhumula ivi lapha edolweni lesinxele!
"Hawu!  Kanti uwena makhelwane?  Kodwa wena wangena ngefasitela emzini wakho, kwenzenjani?  Kodwa awulimalanga, makhelwane?" kuzikhalela uShabangu lapho emdonsa emehlisela phansi, ezama nokuba amelule.  Awusaqaqambi lapho umlenze.
'Waze wangephula, makhelwane!  Ake ubheke nje ukuthi idolo selivuvukele linjani!" kuzikhalela uGatsheni egingqika phansi ngoba akusavumi nokuba asukume.
'Phepha, makhelwane!  Nami bengithi ngiyasiza, ngishaya umgqekezi, kanti sengilimaza umninimuzi uqobo lwakhe." Kuzikhalela yena uShabangu ebamba eyeka.  "Okungcono angiphuthume kwamfundisi ukuze simncenge akuphuthumise esibhedlela ngoba sengathi ulimele kulomlenze wanga kwesokunxele." Washo ephuma ngesango uShabangu ephuthuma kwamfundisi.
UGatsheni walala esibhedlela ngalobobusuku bangoLwesithathu.  Ekuseni ngakusasa base bemhlola ngogesi ukubheka ukuthi lona ithambo alephukile yini.  Qha, ngenhlanhla sengathi alephukile.  Walala nangoLwesine.
NgoLwesihlanu emva kwetiye lika-10 base bemnikela izinduku ukuthi makahambe ngazo ngalesisikhathi esakhonkiwe kubuyiselwa ivi endaweni yalo.  Wathi nje esebheke esangweni lasesibhedlela ngoba esegoduka nakhu sekuqhamuka oMsomi benoSibiya.  Nabo bebethi bazomhlola ukuthi usenjani kanti nakhu bazohlangana naye esededelwe.  Bese bema sebemlindela khona lapha esangweni, ephoyiseni.
'Hawu!  Yayimbi lendaba ekuvelele, ndoda yamadoda," sekusho uSibiya, behambisana beyohlala emthunzini.  Phela uShabangu wafika ezobabikela ngalokhu okwase kwenzekile.
'Ngaze ngakuzwela mngane wami kade ulele esibhedlela namanzi kagesi ungasawazi," sekugcona uSibiya efaka isandla lapha esikhwameni sakhe ekhipha ibhodlela elisavaliwe.  "Ake uthi qhabu, uxoshe amahloni.  Kodwa uzizwa unjani lapha emlenzeni?"
'Singathini, ndoda yamadoda?  Kodwa beningasafiki ngani ningiphathele ichwane lesipoki?" kusho uNdlovu ethi qalaqala, ibhodlela elibhekisa phezulu ngesinqe.  Athathe amathamo amane kodwa adle ngokuqina.  Bamphuzisa lapho belindele ibhasi.  Bayaxoxa. lbhasi laz'e lafika ngelikade noGatsheni esezidakelwe.  Lifika njalo ibhasi ligcwele; abantu sebemi lapha phakathi.
Bangene laba abaphambi kwakhe bakhokhe lapha

11


kumshayeli.  Naye uGatsheni akhokhe, angene.  Isuke ibhasi lapho sebengene bonke.  Ngenkathi idluthula isuka esitobhini bese kuthi lempunga yekhehla ebeyimi lapha emva kukaGatsheni iye iwele lapha kuyena uGatsheni emhlane, iwise nesigqoko sakhe esisha.  Kwaba useyinyathele emsileni umuntu omdala.  Inhlamba ayikhipha lapho uGatsheni, abantu
bavala izindlebe.
"Ngixolele kakhulu, ndodana, bengingaqondile nakancane ukukuhlukumeza ngiwise nesigqoko sakho," kuzikhalela lona ikhehla lisicosha isigqoko limnikeza.
"Bewungaqondile nakancane? Wena ngokwakho wake waqonda nje selokhu wazalwa?" kubhoka uGatsheni isigqoko lesi esithi hlwi lapha ekhehleni. "Uyabona kodwa ukuthi
ungithunukile lapha emlenzeni?"
"Shwele, ndodana, lixhoshwa libhekile, mfana wami!" kuncenga ikhehla.
'Ukusho kimi ukuthi ngingumfana wakho? Uyazi ukuthi yinhlamba leyo uma uthi kimi ngizalwa uwe?" kusabhoka yena uGatsheni. "Wexhegu ndini, ubona bani lapha ebhasini oyintanga yakho? Ontanga yenu sebezihlalela nabazukulu babo emakhaya, kodwa abaningi sebazifela. Pho wena uyosihlupha kuze kube nini?" kusho uGatsheni efutheka enxapha.
Sebethule abantu lapha ebhasini.        Laba abamaziyo uGatsheni sebenamahloni uma bemuzwa ethethisa umuntu omdala ngalendlela. Uyavutha bhe uGatsheni.'Kahle phela, ndodana, ngamatshe. Ungakhohlwa phela uthi ngingumuntu osemdala kanti futhi "Pho uma nawe uzazi ukuthi umdala awufi ngani ngoba nezulu linile, umhlabathi usathambile? Bona ontanga yenu
usake ubabone nje, madala?" kugcona yena uyise kaCarrot."Impela khehla uyohamba usinda. Ulibonge elakini idlozi ngoba uma bekuyinsizwa enguntangayethu lena engithunuke
kanje, ngakube amakhanda asebomvu. Khehla' uma usafuna ukuphila, ngingaphindi nje ngikubone lapha ebhasini.
Uyezwa lomdodovu wexhegu?" Ademelayise lapho uGatsheni abuye alisikaze nangempama ikhehla, bandla. Lachiphiza unyembezi ikhehla labantu. Lathi nje lingema ibhasi ngasezitolo labe lehla ikhehla, bandla. Lehla nje alisabuzi kumuntu Selixolele ukweduka uma nje lehlukene nalesisiqalekiso sesiqhwala. Lisathuthumela ngenxa yokuthukuthela. Limangele

12


nje ukuthi kodwa wayezalwe abanjani yena lomuntu oluhlaza kangaka, ongabazi abantu abadala.  UGatsheni yena waze wayokwehla kwaMaGumede.  Waze waphelezelwa yibona futhi oMsomi benoSibiya baye bambeka esangweni lakwakhe base bevalelisa.  Abasacabangi nje ukuthi bangangena lapha.  Bathe befulathela wayeqhamuka uMaMthethwa esehlangabeze umyeni wakhe.'Wo!  Baba, ngiyizwile, bandla, lento eyasala yakuvelela.Sengathi ungasheshe uphole, Gatsheni." kubingelela yena uMaMthethwa bebheke endlini "Wena ubuye nini eSobantu?  Kodwa wahamba kahle?" kubuza uGatsheni.Ngahamba kahle, baba.  Nabo ngabafica besaphila, bandla.Bakhonzile bo, oMaMlotshwa!" kusho uMaMthethwa.  Uthe
esuka wabe esehlisa izwi esethi: "Phela baba, ngifike sengimfica eselapha umalume.  Wehle ebhasini lasemini wayeseyohlala kwamfundisi Mahlombe ngoba bekungekho muntu lapha ekhaya."Usefikile unyokolu ... ngisho njalo umalume ?Sekusho uGatsheni esheshe elungisa.  Athi ukumbheka umkakhe.  "Usefikile umalume.  Ngimshiye nje esacambalele ekamelweni elincane," kusho uMaMthethwa.  "Kade sesixoxa nje engikhombisa ibhuku lakhe lasebhange.  Bheka ngoba uKate benomyeni wakhe ubashiye nama-R2500, imali ayishiye kubona ezandleni."lzinkulungwane ezimbili zamarandi namakhulu amahlanu?  Musa wena!  Kanti yena umalume ubesebenzaphi kangaka?" sekubabaza uGatsheni.  Manje sebesondele khona endlini.
Bathi ukuma bakhulumele phansi sebehleba."Kahle phela ukuphakamisa iphimbo," sekunyenyeza uMaMthethwa.  "Manje sizokwenzenjani ngoba phela kufanele simkhunge ngesilwane - sichithe igazi?"
."Manje sesingaqala ngalokho?  Wena wahamba kahle kumzawakho?" kubuza uGatsheni naye ekhulumela phansi."Mina bengithi kungaba ngcono lokho sikwenze kusasa.
Angithi.uzolala lapha namuhla?"Yebo uzoke ahlale izinsukwana lapha," kuphendula uMaMthethwa.  "Ngiyethemba ukuthi thina uzosipha imali eningi kunalena ayiphe oKate ngoba phela umalume wayengikhonze kakhulu mina kanti futhi namanje usangikhonzile."

13

"Kodwa indlela uyikhonjiswe ubani lomuntu omdala?" kubuza uGatsheni beyongena ngomnyango wasekhishini.

'Uthi wehle engasabuzanga ngoba bekukhona isiphoxo ebesilwa naye ebhasini.  Uthi ufikele kwamfundisi base beza lapha bafika kungekho muntu..." kusho uMaMthethwa sebefinyelele esicabheni esisekamelweni.  Afike angqongqoze bese belindela.  Bathule babhekane.  Aphinde futhi angqongqoze uMaMthethwa.
"Ubani lowo?" kubuza iphimbo ngaphakathi.
'Yimina, malume.  Yithina nomyeni wami.  Umkhwenyana ubethi usazokubulisa, malume.  Singangena?" kubuza yena uMaMthethwa ehleka yedwa.

"Senifike naye umkhwenyana?  Ngilindeni lapho edaninglomu, ngiyeza khona manje," kuphendula yena uMahlatse.Bahambe-ke sebeyolindela ukuba umalume afike.  Bahlale isikhashana bese sivuleka isicabha angene umalume.  UGatsheni wethuka lapho kwaba sengathi ubone isipoki.  Nalo ikhehla limbone maqede lime.
"Malume, uyena-ke lona umyeni wa ...'Duplicate, mshana wami, musa wena ukungitshela ukuthi ushade nalesisipoki esingamazi ngisho nomuntu omdala?  Musa ukungibangela usizi..." Lasho, bandla, likhala ikhehla libambelela ekhanda.

"Kahle phela, malume, ngikwazise kuNdlovu, uyise wabantwana..." kuncenga uMaMthethwa."Mshana wami, Duplicate, musa nje ukungitshela ngalesisidakwa sesiphoxo esicishe sangishaya ngempama ebhasini ngimdala ngingaka." Lasho lihebeza ngesandla uma besukuma bezama ukusondela.

"Kahle phela, baba," kuzikhalela uGatsheni.

"Ukusho kimi ukuthi baba?  Engani emini ucishe wangibulala uma ngithi ndodana kuwena!"

Bathule manje babhekane lapho ikhehla libuyela ekamelweni.  Lithe libuya lase ligodle ijazi lalo esandleni, sezizehlela izinyembezi: "Mshana wami, Duplicate, impela ngeke ngabulala ubuthongo ngilele phansi kophahla lwalomfokazi oluhlaza kangaka.  Ngingaxolela ukuba ngilale esigangeni..."Lasho lidumela induku yalo ikhehla.  "Duplicate, mshana wami, bengithi ngizokwabela efeni lami njengoba ngenzile kudadewenu,uKate benoChiliza.  Bafike bangiphatha kahle kanjani, bandla." Aligqoke ijazi aqonde ngasemnyango.
"Impela ngingaba nesono nakumdali ukuba ngingakwabela ifa lami ukuba ulidle nalesisiqalekiso sesiphoxo owasiganayo.  Umuntu ongamazi umuntu omdala!" Lasiqala phansi futhi isililo.  'Ngizocela indawo yokulala kwamfundisi ukuze ngivuke kusasa ekuseni ngibuyele eKapa.  Okungcono lengxenye yefa lami ebengithi ngizokwabela yona, okungcono ngizonikela ngayo ezintandaneni kunokuba ngingayinikeza wena uyidle nalesisiphoxo owashada naso.  Uma ungamazi umuntu omdala ngeke uze umshaye ungcede, mfana wami."
Babephuma noDuplicate beqonde kwamfundisi.
Wavuka ekuseni uSibisi wazihambela.  Labaphuthela kanjalo-ke ifa oDuplicate benoGatsheni.


5

2. Idili LikaKhisimuzi

OMnu. benoNkk.  Ndumo balapha eBruntville Township, maduzane naseMpofana (Mooi River).  Bangabantu abahloniphekile futhi abahlonishwayo ngoba nabo ngokwabo bezihlonipha lapha emphakathini.  Isizathu salokhu wukuthi bobabili basebenza esibhedlela sakwaHulumeni salapha.
Umnumzane nguyena ongumabhalane omkhulu ehhovisi lapho kubhaliswa khona abangeniswayo nalabo abasuke sebephuma, sebelashiwe.  Kuke kwenzeke nokho ukuba umuntu angeniswe lapha esibhedlela kanti akasayikuphuma esaphila.  Nawo-ke lowomsebenzi wokwethula izindaba ezibuhlungu ezihlotsheni kuyingxenye yomsebenzi nawo osemahlombe akhe umfo kaNdumo.
Ilikholwa lensizwa kanti naseSontweni laseWeseli ingumshumayeli wentolibhantshi ebomvu.
Umama-ke yena lapha esibhedlela uqondene nophiko loku belethisa.  Nakhona lapha phakathi kwelokishi iningi lamabhungu namatshitshi owabonayo akhishelwa nguye uqobo lwakhe ngamhla efika kulomhlaba.  Naye, bandla, uma engenaso isikhundla esitheni ebandleni, kungenxa yokuthi ngamanye amasonto usuke ematasatasa emsebenzini khona esibhedlela.
Banezingane ezintathu.  UNomusa, inkosazana, kusengathi 'izama ukulandela ezinyathelweni zikaMaKunene, unina, njengoba iseBaragwanath, esibhedlela lapho iphothula khona izifundo zokuphathwa kwendlu yokuhlinza (Theatre Technique).  UMusa yena bamkhomba eFort Hare lapho ezama khona iqhuzu lobumeli.  Bese-ke kuba uthumbu, uNhlanhla; yena-ke uzobe ebhala uMatekuletsheni kwaDlangezwa.  Sizwa ngabangane bakhe ukuthi yena uzimisele ukuba aze ajobelele iziqu zika-M.B.; Ch.B., okuyiziqu zobudokotela.
Abazali bobabili basekhaya namuhla njengoba kuliSonto.  Banesizungu phela ngoba nakhu usapho luphume lwathi chithi-saka luyothungatha iziphethu namaziko emfundo nolwazi.

"Kambe, nina kaNomusa, wagcina nini ukuthola incwadi evela kuNomusa?" sekubuza uMnumzane ephinda inkomishi yesibili yetiye.  Itiye phela yinto ayikhonze kakhulu.  Uma eselinxanelwe uze aphathwe yikhanda.
"Incwadi kaNomusa ngiyigcine emasontweni amabili edlule," kuphendula umame'ethela ubisi ephalishini lakhe.  "Kungabe ubuzelani, baba?"
Ngisho ngoba mina incwadi ayegcine engibhalele yona ecela imali engu-RlOO, angizange ngiyiphendule," sekuphendula uNdumo.  "Ngiyabona ukuthi wangiduba ngoba akaphindanga angibhalele emva kwalokho."
Uphuza itiye nje,kuzothi ntambama aye enkonzweni.  UMaKunene yena akazukuya ngoba uzobe esebenza ebusuku.  Uzoke athi ukugoba izinkophe uma esebeke izimbiza zedina.  Ibhasi lasesibhedlela lizomthatha lapha esangweni ngabo-6h3O ngenkathi seliqoqa laba abasebenza insukwini kanye naye.
'Imali engako wathi uzoyenzani lokhu bafunda behola nje?" kubuza okaMntimande ephakamisa amashiya.  "lkhulu lamarandi pho!"
"Encwadini abe engibhalele yona, wathi abangane bakhe bahlongoza ukuba kebahambele eSwazini, oTshanini naseSpa, bahambe bebuka umhlaba.  Waze wathi nokusho useyitholile nencwadi emvumelayo ukuba anganyathela emhlabathini wakwaNgwane." Achaze ngesineke uNdumo.
"Uma esefune nezincwadi lezo zokuvakashela eSwazini wabe ecele kubani?" kubuza uMaKunene.  "Lapha kwezami izincwadi angaze angayiphatha leyo yokuzula.  Ikhulu lamarandi pho!"
"Engani phela iyona lento engihlezi ngiyisho ukuthi uNomusa wefuza wena akaze akushiya nakancane," kusho uNdumo ethi qhabu lapha etiyeni lakhe.  Aphakamise amehlo abheke umkakhe.
"Sewuyangiqala-ke manje, yise kaMusa.  Ngake ngacela nanini ukuba kengihambele eSwazini ngingaka nje?  Uma wawungafuni nemali yakho wawungalibeka nje lelo ngesihloko mina ungangifaki kuleyondaba," kusho uMaKunene enyipha.  "Khona manje ungasho ukuthi,uNomusa ngamfuzisa ngani?"
"Iqiniso, nkosikazi, noma libuhlungu kumele silimele.  Kumele silibheke iqiniso ngisho noma lixhopha, lingabhekeki." Washo wathinta isikhwehlela, waphotha  uMnumzane.
"Ngizoke ngizwe..." kusho umame.
"Ngiyaliphinda leli lokuthi uNomusa wakufuza akakushiya ngokuba uthathekile.  Umuntu ongazicabangeli ngokwakhe, ocatshangelwa ngabangane bakhe laba asuke edudene nabo.  Uma nje wena kukhona into eyenziwa ngabangane bakho ngeke nawe usasala.  Naye-ke uNomusa unguthathekile njengawe."
"Eshi!  'tane!  Uma wawungenayo leyomali wawunani umbhalele umntwana umchazele kahle uma ulandula, noma umcelele lapha kimi?  Qha, kulezizinsuku uyakhuluma bo ngalomlomo wakho; kanti-ke ungakhohlwa ukuthi..."
Wanqamula lapho engasaqedanga nalento ayishoyo.  Unqanyuliswa yilomuntu ongqongqoza esicabheni sasekhishini.  Bese esukuma njalo etafuleni eseyovula.  Nebala ubengezwa zona izindlebe zakhe ngoba nangu lomame ofake izibuko zelanga kanye nomhelane wesigqoko esibomvu.  Esandleni uphethe isikhwama esiyitasi, sesikhumba.  Avule bese ema engaphakathi.
"Ngiyethemba ukuthi yikhona lapha emzini kaNkosikazi Ndumo, usister?" sekusho lomame wetasi ngendlela esambuzo noma kambe esakubingelela.  "Yebo, kukhona.  Kodwa sengathi angikwazi kahle, dadewethu," kuphendula uMaKunene embukisisa ngokwexwaya lomame.
"Kanti-ke ungethuki, dadewethu, mina nginguMaNgubane oshadele kwankosi.  Ngihamba ngithengisa izimpahla zikaKhisimusi.  Ngikuyalelwe ngusister Makhoba wathi wazikhalela kabi ngenkathi ubona izitsha zakhe zedina azithenga lapha kimina," kusho lomame engasaphumulanga.  "Uyamazi usister Makhoba?"
Kube yikhathi enza ikhefu lomame.  Kusobala ukuthi lomsebenzi wokukhuluma sewabasegazini lapha kuye.  NoMaKunene ancibilike uma ezwa kuphathwa igama lomuntu amaziyo: "Yebo, uma ngabe ukhuluma ngalonkosikazi Makhoba esinaye esibhedlela," sekuvuma uMaKunene uma sivela isikhadlana lapho naye angase aphefumule khona.
Uzimele njalo uMaNgubane elengise isikhwama esinxeleni.  Kube yikhathi esivula isicabha sesingenzansi.  Bese eqhuba ethi, "Pho, sesingaze indaba siyiqedele phandle?  Ngena, nkosikazi, ubeke isinqe, mntanomuntu."
Amngenise.  UNdumo naye asizwe isitulo sidonswa njengoba usele yedwa lapha endlini yokudlela.  Usebonga ngenhliziyo ukuthi lomame ukufika kwakhe kuyilamulile lempi 'ya-

18

sendondakusuka' ngoba bekungasekho kude ukuba bokhelane noMaMntimande ngenkulumo leyo yofuzo.  Uyamazi phela uMaKunene ukuthi usuke sewuyinyathele emsileni uma ungase ukhulume ngamaphutha akhe.
Azihlalele uNdumo bese eqhubeka nokufunda lamaphephandaba angeSonto anezindaba ezinkulu.  Siseside nesikhathi ngaphambi kokuba aqale ukulungisela inkonzo yasemini.  Baxoxa nje uyabezwa.
'Yebo, usister Makhoba ngimazi kakhulu.  Nasesibhedlela sisebenza naye ebusuku kulenyanga," sekusho uMaKunene naye edonsa esakhe isitulo ehlala.
"Nami, dadewethu, angingakulibazisi.  Njengoba ngishilo ekuqaleni, mina owami umsebenzi yikhona ukuthengisa amaChristmas Hampers," kusho yena uMaNgubane edonsa itasi lakhe, elibeka emathangeni, elivula.
"Kodwa,ntombi kaMbomvu, ungakhuluma ngendaba kaKhisimusi ngalesisikhathi?  Engani asikamqedi ngisho noAphrili yedwa lo?" kubabaza uMaKunene emukela ikhathalogi leli elinezifaniso elikhishwe uMaNgubane lapha etasini.  Izimpahla azisezinhle lapha ezifanekisweni, kanti-ke bayazitusa nakhona lapha embhalweni ehambisana nezithombe.
'Lalela, Mesisi Ndumo, ngikuchazele," isho ithinta isikhwehlela intombi kaMbomvu.  Kusobala ukuthi nakuwona lomsebenzi wayo bayiqasha ngenxa yobuciko bayo-.  "Okokuqala nje, thina bantu imali kasinayo.  Okwesibili, kuyaye kuthi uma sekusondela izikhathi zawoKhisimusi, izindleko nezingxaki zomndeni zisuke zikhuze phezulu.  Angithi kunjalo?"
"Lisho lelo uliphinde, nkosikazi," kwenanela uMaMntimande.  Uthe esathi uyenaba, yase iqhubeka intombi kaMbomvu.
'Manje-ke, ngalendlela yethu yokuthengisa lezizimpahla, umuntu uyakwazi ukuyikhokhela impahla yakhe kalula ngaphandle kokuba azincishe izidingo zomuzi.  Uma kulenyanga ubona ukuthi umpintshekile, izokweqa leyonyanga uze uqhubeke ngelandelayo ngaphandle kokuthi sewunesikweletu senyanga leyo ongakhokhanga ngayo.  Uyayibona into enjalo, Sister?"
UMaKunene anqekuze ikhanda ngoba uyabona ukuthi seyisukile impolompolo lapha kokaMbomvu.
"Mina ngifika masonto wonke lapha eBruntville ngizoqoqa.

19

Lowo okhokhile ngimnikeza izitembu ezilingana nemali leyo asuke eyikhokhile.  Izitembu lezo usezozibhaqeka ekhadini lakhe njalonjalo kuze kuhlangane intengo yempahla leyo ayikhethayo umthengi.  Uma inani lezitembu selifinyelele entengweni yempahla leyo umuntu asuke eyiqokile, ikhadi selizothunyelwa eGoli, ehhovisi, ukukhombisa ukuthi impahla leyo sekungeyakhe, usayikhokhela.  Ngiyethemba ungizwa kahle, Mesisi Ndumo."
"Ngikuzwa kahle, kodwa-ke..." kuphendula usister ethi usazobuza.  Yasuka futhi impolompolo, kusobala ukuthi iyoze ime ngoba sekuphele isipilingi lesi esiwayindiwe: "Sekuyothike ngesonto lesibili kuDisemba, bese ithunyelwa impahla leyo kumniniyo." Akathi ukuthula okaMbomvu - cha, kanti kusathuleka uma ethandile.  "Bengithi kukhona ofisa ukukushol Mesisi Ndumo."
"Benginombuzwana nje omncane uma ungangivumela ukuba ngiwubuze," sekusho uMaKunene ngokuthobeka.  UMaNgubane phela ukhulumela phezulu; ungefunga ukuthi ukhuluma nabantu abayinkulungwane esigangeni nanokwenza.
"Yebo, nkosikazi Ndumo, unelungelo lonke.  Ubuze noma yimuphi umbuzo lapha kimi.  Ungabuza, ntombi, ngikuchazele.  Mina owami umsebenzi wukuba ngikuchazele konke ngalempahla engiyithengisayo, kuthi leyo oyikhethayo bese senza isivumelwano sokuthi uzoyikhokhela kanjani.  Ukuthi umuntu mina ngiyamphoqelela ukuba athenge yinto engingayenzi sampela.  Lokho is not for me.  Ngiyethemba ungizwa kahle, Mesisi Ndumo."
Kungalelothuba lapho umnu.  Ndumo athabatha amaphepha akhe washona ekamelweni ngoba yena insini ike imehlule uma sekumsukile.
"Engithanda ukukubuza mina yilokhu: njengoba esibhedlela ngihola ngenyanga manje-ke ngiyokwenzenjani uma wena sewufika masonto onke uzobasela leyomali yakho?" sekubuza uMaMntimande.
"Wamuhle lowombuzo wakho, nkosikazi Ndumo," sekusho uMaNgubane sengathi ubesewulindele.  "Nokho-ke akufanele ukuba uthi iyabaselwa lemali ngoba usuke uyikhweza njengoba uyikhokha nje.  Angichaze ngithi njengoba amakhastomari ahola ngenyanga kasinawo, lokho kungeze kwakuhlupha

20

ukuba ukhokhe kanye ngenyanga njengoyise kaMpukunyoni. .Naye ukhokha ngenyanga njengoba ehola ngenyanga lapho esebenza khona.  Labo abakhokha ngenyanga bakhokhela
amasonto amane kanyekanye ukuze ngiphinde futhi ngibabone ngenyanga elandelayo.  Ngiyethemba ngiwuphendule kahle umbuzo wakho, Mesisi Ndumo."
"Yebo, ungiphendule wangigculisa, Mesisi Ngubane - ngisho ukuthi, MaNgubane," sekusho uMaKunene.  "Omunye umbuzo enginawo yilo: uma impahla ngiqede ukuyikhokhela
engakashayi uDisemba nenzenjani-ke kulokho?"
"Njengoba ngike ngasho ekuqaleni, uma impahla sewuyikhokhele inani layo lonke, leyompahla sekungeyakho.  Wena uzothi ungalihlanganisa inani lempahla yakho mina ngithumele ikhadi lakho eGoli ukuze babone ukuthi sewukhokhe waqeda.  Impahla yakho iyothunyelwa ngesonto lesibili kuDisemba.  Into engiyincomayo kulelisu lethu, wukuthi ukhokha maqede uthole isitembu'khona manjalo.  Akufani nalapho uthumela imali bese uhlala-ke ulindele irisidi.  Kwesinye isikhathi nalo irisidi lelo lingaze lafika unomphelo.  Ngalendlela yethu kayishoni imali yakho nakancane.  Ngiyethemba sengikuchazele ngokwanele, Mesisi Ndumo.  Wena sekusele nje ukuba uzikhethele leyompahla ekuhlaba umxhwele bese sigcwalisa amafomu akhona.  Angithi ekuqaleni wawukhe i-cutlery set lena owayibona kusister Makhoba?"
Useyasebenza-ke manje uMaNgubane, akasadlali.  "Kungaba njani uma ungathenga i-Dinner set?" Icutlery set sengaze ngayithenga endalini, emtshezi.  I-Dinner set kangiyidingi ngoba sinawo mabili kulomuzi."
"Ungethande ukuthenga ifriji yokugcina ukudla kwakho kubanda futhi kungaboli?"
(Ngiyethemba sekukhona amafriji agcina ukudla kwakho kushisa).
"Umyeni wami wangithengela ifriji ngonyaka esashada ngawo.'
Athule lapho umesisi Nkosi, akhothe izindebe zomlomo ezimanzisa.  Kusobala uyacabanga, ukhalela nesikhathi sakhe esingaka asesilahle lapha.  Ambuke kabusha uMaKunene lo -
mame.  Kanti muhle nje, bandla, uma ewuvalile umlomo.  "Mesisi Ndumo, angithi wawukhona emgidini kaKhisimusi wakwamfundisi Jele ngonyaka owedlule?" sekusho oka Mbomvu ngelikade.  "Uma wawukhona angithi inyama nayidla naze nayibuka?" washo wagwinya amathe uMaMbomvu.  Ikloza phela asuke aziconsele nje amathe uma nixoxa ngenyama.  Angisaphathi-ke uma ikloza liyibona inyama noma nje isesithombeni!
"Kwakuyinyama yona leya!  Sadinga nje ukuthi inyama engakaya umfundisi wayeyithathephi ngoba wayengahlabanga nasilwane nje, pho lenyama engaka enhlobonhlobo uyithathephi - futhi lenyama iklwabusile.  Ungangitshela kambe ukuthi wayeyithathephi njengoba yaze yaba iziduli zabasali uma ngabe uyazi?" kubuza uMaMntimande eyeka nebhuku leli abeliphenya, embheka emehlweni uMaNgubane.
Ahleke kancane lapho uMesisi Nkosi.  Kube yinkathi kuvela nokuthi amazinyo akhe lawa ansundu akasaphelele ngakwesobunxele.  Kunokwenzeka ukuthi akhunyulwa ngenqindi noma kambe wawa kade ehla isitafu ebhasini.  Ahleke ancibilike okaMbomvu.  "Phenya ekhasini 36 lapho ebhukwini uzibonele ukuthi leyonyama yonke umfundisi Jele wayeyithathephi," kusho uMaNgubane engalivulanga nakulivula ibhuku lakhe' Kusobala nje ukuthi lelibhuku selamngena ekhanda laba yikhathekizima lakhe.  Useliqeketha nje ngekhanda omdala.  Pho lokhu naye uMaKunene uyazifela ngomuthi wamakati, wathi nje angaliphenya ikhasi lelo, kwaconsa amathe kwaba sengathi usebona yona inyama yangempela.
Akazange esabuza lutho uMaKunene, kwakusayinwa sona isivumelwano leso sokuthi ungenela inyama leyo njengoba esechithe isikhathi esingaka sikaMaNgubane.
Pho lokhu uhola kahle esibhedlela, eyakhe ihamper wayiqeda nje zingakahlangani ngisho izinyanga eziyisithupha.  Lathathwa-ke ikhadi lakhe lelo seligcwele zonke izikhala kuze kuhlangane ama-R85.
, Impahla-ke leyo bayiletha mhla ka-13 kuDisemba.  Wayisayinela kwakuhle kwadela.  Lathathwa-ke ibhokisi lelo layobekwa phezu kwewadilobhu yakhe uMaMntimande.  Wesaba phela ukuthi angase alingeke lungakafiki usuku lukaKhisimusi.  Abangane bakhe abambalwa usebamemile ukuthi idina baze bazolidla kwakhe uma sebebuya ehlahleni.  Ezinsukwini uKhisimusi ususemnyango, abantu babevuka ekuseni bayodudulana emasilaheni befaka ama-oda enyama kaKhisimusi.  UMaKunene yena yinto leyo angazikhathazanga ngayo naka-

22


 - ingani ikhona inyama ka-R85 emlindile?  Uyabahleka
laba abazobe bethelwa yigazi lezimbuzi nezimvu namakali-
kuni okuyohlatshwa ngokhisimusi.
'Nina wabantwana, Mntimande omuhle, usho ukuthi ungeze nje wavula lapha ebhokisini ungithi hlwa-hlwa amasosishi, nkosikazi othandekayo?" kuncenga uNdumo ngomgqibelo wokugcina njengoba uKhisimuzi uzobe ungoLwesithathu.  Omdala usuku lonke ubezidlalela ithenisi ngoba yena phela akasebenzi ngomgqibelo.
'Uthini yise kaNomusa?  Ngingabe ngenza isono esibhubhisayo uma ngingase ngenze into enjalo," kubhoka uMaKunene eyeka nalento ayinithayo.  "Kungasho wena lo owawungihleka,
ungigcona uthi nokusho mina nginguthathekile!  Uthi ikhona into ongase uyidinge wena kuThathekile?  USimukanandwendwe owafuzisa kabi uNomusa!  Konje umenzi uyakhohlwa, umenziwa yena esakhumbula?  Klibhi-klolo ntombi, yeka
uThathekile wena!" NguMaKunene lowo opikla kanjalo.  Naye uNdumo ageze izandla ngoba uyayazi inkani kaMaKunene uma esuke enqaba nento.  Walala ngawo amasi umntakaNdumo.
Lwaze lwafika-ke usuku lolo olukhulu.  Lapha endlini sekuhlotshiswe sekunjani!  Kulenga amaphepha anemibalabala acwazimulayo, kulenga namabhaluni anhlobonhlobo.  Laphaya phezu kwe-Hi Fi kukleliswe amakhadi lawa ezifiselo.  Ikhabethe lokudla ligcwele liyaphuphuma; kanti nefriji nayo igcwele okupholiswayo.
Yibo-ke labaya benoNomusa naye uMusa.  Basekamelweni, selethuliwe ibhokisi lelo.  Seliyavulwa manje ukuze kufakwe lokho okuzogcinwa efrijini.  Okungasezukuphekwa - imikhusu lena nokunye.Beningelivulele lapha endlini yokudlela pho, ntombi kaMntimande?  Nenzisa okwezimuzimu elazivalela endlini li	vula umgodlagodla walo kanti ugcwele iminyovu.  Kungani-khohli lokho," sekugcona uNdumo ezifundela iphepha lakusihlwa.
'Sewuyathanda manje ukugondela kanti wawusihleka uthi singothathekile?  Musa wena ukungihlekisa," sekusho unina wabantwana.
Balivulile iphepha langaphandle.  Bafinyelele ebhokisini uqobo.  Nalo baliqhaqhe lamaphepha anamathiselwe.  Asifake umame, abuye namaphepha asikiweyo lawa afakelwa impahla efayo ukuba ingafi.  Awakhiphe aze abe inqwaba.  UNomusa yena uphenye ekhasini 36 lona leli lenyama phela.  Bamethuka esezilahla ezihlalweni uMaKunene uma esezwa
ukuthi kukhonani lapha ebhokisini.
Kuthule umoya endlini uma sebewakhipha lamabhodwe
amane ayisethi, amakhulukazi, edlulana ngobukhulu. Leli
elingugalaza, elikhulu kunawo wonke ungazipheka kulo izimbuzi ezimbili. Wo! Zehla-ke izihlathi kuMaKunene esedinga nje ukuthi uyohlanganisani nani ngoba izitolo namasilaha sekuvaliwe. Acabange nabangane bakhe laba abamenyiwe.Kusathule endlini bese ezwakele uNdumo esehleka: "Lizobe lilikhulu bo lelidili lakho likaKhisimuzi nonyaka! Happy Christmas, nkosikazi yami ethandekayo. Angithi wena awusiye ethathekile ezintweni?" washo ephuma eziyela kubangane bakhe laba abahlabile, walala ezidlele izibindi uNdumo.Kazi bayobhekana kanjani oMaKunene noMaNgubane ngamhla bahlangana.




3. Onakho Uyaphiwa Kuvame

Ibhasi lakwaLoliwe leli elihlangabeza isitimela sika-11 ePark Rynie, bese lilindele ukuba lisuke nabantu libheke nabo 	eXobho.  Kubona kukhona labo abazokwehla endleleni kuleziziteshi ezinganeno kweXobho olumantente.  Nalabo abayofika qathatha eXobho bayokwehla maqede bebengena emabhasini ayobedlulisela koMahhehle, koNcakubana ngisho nakonokweja imbala.
Kuphele nenyanga, ligcwele yini pho nalo ibhasi lelo?  Bemi ngezinyawo abanye kanti basangena babheke phambili.  U	khondathi walo nanguya laphaya ngasemnyango elokhu engqafaza amithikithi abagibeli bese ebhala neziteshi abazokwehla kuzo - laba abazokwehla endleleni. lbhasi liyangqi-ngqizela lifudumezela loluhambo lwalo liqwala izintaba namathafa, liguduza izimfunda, liwela imifula nemifudlana liphokophele eXobho-olumantente.
Kuthe sebelindele nje ukuthi selizosuka, nakhu sekuqhamuka umlisa ogqoke ijazi elimpunga elingumnqini kanye nekapisi eliyisikotshi, elinenkinobho okhakhayini.  Baphenduke bonke abantu bayibheke lensizwa yejazi kanti nelanga likhipha umkhovu etsheni.  Iningi amabhantshi liwagonile, liziphephetha ngamaduku lizama ukuzipholisa, kepha nangu lombhemu nejazi lakhe lasebusika.  Ulifasile waze wavusa ngisho nesiphika imbala.
Kayidle nangabude lemambane yakwabo; ilingene nje.  Lombhemu bamethuke eqhamuka nje esithubeni.  Yena akaqhamukanga laphaya ngasemathikithini njengabanye.  Okusobala yena akehlanga kulesisitimela esibheke eKelso, lesi abehle kuso bonke laba abanye.
Eze lombhemu nejazi lakhe uqonde lapha ebhasini ngelikhulu ijubane.  Isandla sokudla ulokhu esiphakamisile eqhweba, ekhombisa ukhondathi ukuthi naye uzogibela lapha ebhasini.
Akaphethe lutho olungumthwalo.  Into nje ayiphetheyo yiphephandaba leli elingumqulu alifake ngaphansi kwekhwapha lakhe lesinxele.  Kwesokudla isandla lesi aqhweba ngaso kunepheshana eliluhlaza.
Ukhondathi eme ambuke lomlisa ozathule ngejubane nejazi lakhe.  Nomshayeli webhasi naye nanguya phambidlana, bazixoxela nomasiteshi, uhleko lukhuze phezulu, bezidlela awabo amavo ngesibhunu.  Ize yona lensizwa yekepisi iqonde ngqo kukhondathi.

"Sengathi uyashesha, ndoda, ngoba uzosala uma ngabe uhamba kancane," sekumemeza ukhondathi elula isandla ekhangeza ithikithi kulensizwa ukuba alingqafaze nalo ngodlawu lwakhe.  Kusobala kanti ubengakalithengi lomfokazi ngoba ukhondathi ufike wamnikeza leliphepha lama-RlO abelokhu eqhweba ngalo.  Kube useyinyathele emsileni lapha kukhondathi.

"Mamo!  Kanti uzosilibazisa, wena nsizwa?" sekufutheka ukhondathi, enxapha.  "Kanti nethikithi awukalithengi sonke lesisikhathi?  Khona empeleni ngabe ulibhekisaphi wena nsizwa umthetho wakho?"

"Mina keya High-flats, eXobho, Morena moholo.  Bekithi kezothenga thikithi waheso!" kuzikhalela lomlisa wejazi.
Ambuke ukhondathi lomlisa aqale amanye amehlo.  "Habe!  Kanti awazi nalapho uya khona unjalo nje?  Uya eXobho noma uya eHigh-flats?"sekuhleka yena ukhondathi emphelezela ngamehlo lomlisa lapho uqhephuka futhi ujazi.  Manje lomfokazi usebheke efasiteleni lamathikithi, ngalo futhi ijubane belu.
Nalaba abemi umugqa bazothenga amathikithi, laba abalindele esiya eThekwini, bamdedele ithuba ukuba kusheshiselwe yena lomlisa wejazi hleze limshiye ibhasi leli.  Kube wukulunguza nje efasiteleni, wabe ebiza ithikithi laseXobho elifaka iphepha leli lama-RlO.  Insizwa yomlungu lena ethengisa amathikithi ithe isathi ibala ushintshi efanele imbuyisele wona wabe esuka futhi ngejubane lombhemu - zaya kakhulu esebheke ebhasini nakhu phela ithikithi selingakuye.  Shiyiyane ushintshi lapho efasiteleni.
"Hheyi, wena ndoda yejazi!  Washiya ushintshi wakho, uyagula yini?" sekumemeza lendoda emdedele ukuba athengelwe ithikithi kuqala angaze asale ebhasini.  Bamphelezele bonke ngamehlo lapha emathikithini.  Ngisho akakunake lokho uKapisi - nanguya eseqonde kukhondathi ebhasini nethikithi esandleni.  Afike amnikeze ithikithi ukhondathi alingqafaze.

26

Nangu futhi lomnumzane osuka emathikithini noshintshi ahamba emxosha ngawo.
'Hhayi bo!  Nakhu sewushiya wonke ushintshi wakho, wena ndoda," sekumemeza lomlisa ophethe ushintshi ogcwele isandla esuka nawo emathikithini.  Kunephepha lika-R5 elihlangeneyo, nelika-R2 bese-ke kuba nohlweza lwemali emhlophe namesenti angemangaki.
Ukhondathi bese eqala ukumnakisisa lombhemu ongazi noma uya eXobho noma uya eHigh-flats yini.  Nangu manje eseshiya ngisho noshintshi wakhe.  Kodwa angaze agqoke ijazi ilanga libelele kangaka ngoba esuka kuliphi lona ilizwe?  Luyezwakala lona ulimi lwakhe ukuthi akasiye umzulu ngisho nangengozi.
UKapisi kuthi lendoda ebeyimxosha noshintshi ayibonge ngo-R2, lena enye imali ayithele ekhukhwini lejazi angayibali nakuyibala.  Wabe uzingenela ebhasini njalo uKapisi nokhondathi evala eyozihlalela ngaphambili nomshayeli.  Yabe isuka-ke ibhasi kumntanomlungu.  Bayozwa ngensimbi uma kunesidingo sokuba ibhasi lime.
Angene maqede uKapisi amehlo onke athi njo lapha kuye ngoba nakhu futhi umi lapha a ngasemnyango.  Wababona abantu lapha ebhasini sebefakana imilomo, bekhulumela phansi, bebuka uKapisi, benikina amakhanda.  Babodwa nje abalimisa ngesihloko ukuthi yena uKapisi usengaze ashiywe yibhasi njengoba enzani ngoba nasesitimeleni ubengekho?  Kusobala ubesayoshaya ingilazi ehhotela.
'Futhi niluzwile lona ulimi alukhulumayo?" sekuhleba umfo kaSithole.
'Kodwa uthule uthini ngendaba yejazi libalele kangaka?  Kusobala nje ukuthi kusukwa kude kulombhemu," sekuvuma uCele beyithinta insini.  Kuthi daka ebhasini.  Nalomame ogone amakhosi obesaqeda ukubonga lapha kuSithole ngoba nakhu emsukumele indawo yokuhlala, ehluleke naye ukuzibamba.  Bayokhe insini kaKapisi.
'Kanti-ke mina bengisamangaliswe yilendaba yokuba sikhwele noNgema lapha ebhasini - uthi kodwa alizukubhubha?" washo ngeliphansi uMondisa.
'UNgema kungabe umbonaphi lapha?  Usho uNgema lo wezitolo namasilaha namabhodlela-stolo?  Kungabe umbonaphi uNgema lapha?" kubuza uCele eqalaza ebhasini.

27

"Kanti ubani lowaya ofake izibuko omi ngakuKapisi?  Uyena kanye lomnumzane onemali engagcwala lelibhasi," kusenguye uJobe lowo.
'Pho kungabe ufunani lapha ebhasini ngoba mina ngazi ukuthi uNgema lowo unezimoto ezinhlanu namaloli amathathu, ngingakubali lokhu okungamaveni?  Uthi kungabe nguyena ngempela kambe noma uyazifanisela nje, ntanga?" kubuza uCele intamo eyelula ebukisisa lomnumzane ofake izibuko ofunda iphepha lesiNtu.  Qha, uma umbuka ubona yona nje imali.  Ebunzini, impandla, umkhaba kanye nezingubo konke kuxoxa ulwimi lwayo imali.  Ulokhu ephenya lapha emkhonweni wengalo yesinxele kuvele ubukhazikhazi bewashi legolide.  Impela kusobala ukuthi usezicabangela amabhizinisi akhe.  Nalendaba yokuba afike ungekho lombala walemoto abeyisukele ye-B.M.W. sekumkholisile ngoba nangu esemdibi munye nabantukazana lapha ebhasini - yena wansondo.
Liyahamba lona ibhasi kalimile ngoba seliguduza emajikeni akoNzobela libheke koBraemah.  UKapisi naye umphethe umjuluko, useconsa co, kodwa phinde ukuba alikhumule lelijazi lakhe.  Usalokhu elifasile phezu kwezithukuthuku lezi ezimgabhile.  Bathe bemethuka uKapisi wabe ethula lona ikapisi leli ekhanda.  Kuvele ukuthi omdala ubesandukuphuca ekhanda leli.  Manje uma esesethula isigqoko sekuvela ukuthi cha ebusweni usengumuntu oseqinile - umzungulu wabopha womile kulombhemu wakwabo.  Baqhukuzane abantu bekhombisana yena lomlisa nejazi lakhe ogajwe nayizithukuthuku.  Akasenasikhundla impela futhi uyazaza ayaluze uma kunemoto eyedlula ibhasi, impela kuyoba buhlungu intamo eyibukisisa uKapisi imoto leyo.  Aphuthaze iduku lapha ejazini.  Athi uma elithola bese kuthi lomthango wephephandaba leli abelokhu elifake lapha ngaphansi kwekhwapha lesinxele, alidonse iphepha lelo bese ethi qala-qala lapha kulezizimpahla bese iphephandaba lelo esilifaka kulesisikhwama sephepha sikangema esinezithelo esivulekile.
"Hawu!  Wenzani mnumzane?  Ulifakelani iphephandaba lakho ezimpahleni zami?" sekubuza uNgema embuka kabana uKapisi.

'Ukexolele kakhulu, Morena, uma ngifaka inyuziphepha lapha.  Uma ufika ekhaya linezindaba ezimnandi lelinyuziphepha futhi linomsebenzi omkhulu inyuziphepha ekhayeni,"

28

esho ezihlekela uKapisi, ehlanganisa nezandla ngenhlonipho.  Kubesobala ukuthi lempendulo imgculisile uNgema ngoba ubonakale emomotheka wangabe esazihlupha nangaleliphepha likaKapisi elisesikhwameni sakhe - uma linezindaba ezimnandi, lokho kuyisono ngani?  Futhi lingaweswela yini umsebenzi emzini wendoda?  Idlule lendaba yephepha likaKapisi noNgema aqhubeke ngaleli lakhe lesizulu alifunda bume.
Lihambe lona ibhasi nabantu bazixoxele ezabo izindaba.  Nalaba abaphuzisana ugologo baziphuzele bayikhohlwe nya nalendaba kaKapisi ngoba bemzwile ezincokolela noNgema ngendaba yephepha.  Futhi kusobala ungumuntu nje wabantu yena uKapisi lo, futhi uyashesha ukwejwayeleka.
Ibhasi lifike lema isikhathi eBraemah lapho kwehle khona abantu abaningana ngoba noNgema useyitholile indawo yokuhlala laphaya emuva.  Usezihlalele nazo lezizikhwama zakhe zombili.  Yilesi esimnyama sesikhumba esibhalwe amagama okuthi-E.T.N., ngegolide, nalesi-ke sephepha esinomngenandlini lapho uKapisi efake iphepha
UKapisi bake bamqhweba laphaya emuva bemkhombisa indawo yesinqe kodwa usimze wanikina ikhanda waphendula ngelokuthi: "Kulukile baheso, mina akefuni kuhlala phansi.  Mina kefuna kubona mhlaba mpela." Wazimela uKapisi ngoba nomjuluko sewuze wadamba.  Uma kukhona imoto esika ibhasi, impela uKapisi uyodela ngoba eze wayilunguza leyomoto ukuthi injani. Iyahamba belu yona ibhasi.
Kuthe uma seyidundubala emathafeni aseGlen Rosa, kwezwakala isihlonono somsindo wezimoto zomkhosi wamaphoyisa.  Zize ngomkhulu umfutho lezizimoto zontathu futhi zikhanyise ngisho nonokhanyikhanyi osokhakhayini wokuxwayisa ukuthi deda endleleni uma usawathanda anhlamvana.  Isihlonono salezizimoto sibethuse bonke kwasukuma wonke umuntu ukubheka ukuthi ngabe kwenzenjani.  Zithe zingaledlula ibhasi zontathu zase ziliqhwebela eceleni liye lime.  Badinge nje abantu ngoba bavalelwe lapha ngemuva ebhasini.  Kusenjalo, bethuke sesivuleka isicabha sebhasi, sekungena izingqomondo ezintathu zawosayitsheni.  Zontathu zikhokhe amavolovolo ezandleni - ziyaqalaza, zilindele isidumo noma nini.  Amabili amaphoyisa ngamhlophe, leli-ke lesithathu ngelomuNtu.  Angene maqede ahlahle amehlo ebuka wonke umuntu emehlweni, ebheke laphaya emsamo.  Kuthe uma ese-
buya enhla nayo ibhasi, bese leli elinamadevu abomvu sengathi aqholwe ngopelepele, athi angahlangana amehlo alo nalana kaKapisi, lalisuka liqonda kuye lifike limuthi xhakathisi enkonyaneni yesinxele lase lithi: "ja dis hom - Kom ons loop ou kerel.'
Abe emdumela womabili lawa amhlophe, kwaba elinye ngakwesokunxele elinye ngakwesokudla.  Amdumele maqede amhlohloloze aye akhubeke aguqe ngamadolo uKapisi.  Manje useqonde laphaya ezitebhisini zebhasi.  Kubonakale ukuthi uma engase agxume, bangasala bebambe lona ijazi lakhe leli.  Bamphuthume esaguqile uKapisi baye bamdumele ngamahlombe alo ijazi.  Ngenxa yokulakanyana ngamawala, uKapisi aye awe ngobuso basale bebambe ijazi leli.  Uthe uma ezama ukuvuka uKapisi, wawuqhaqheka umthungo walelijazi ukwehla ngomgogodla.  Uma uqhaqheka umthungo lowo wejazi, kwakuphuma intululwane yezitaki zezikhova zawo-R20 ezihlanganiswe ngezihlilingi- ndawonye.  Lemali ithungelwe iyizitaki lapha emfolomini yejazi likaKapisi.
Umsindo-ke lapho, abantu sebenyathelana bedudulana, bebheke laphaya kuKapisi.  Wawungafunga ukuthi babona indlondlo uqobo.  Libavimbele iphoyisa lomuNtu ngoba nakhu sebenqwabelene lapha esikhaleni befuna ukuzibuthela lemali eyinyakanyaka egcwele phansi.
Azithulele uKapisi angaze anyakaza.  Abuke abantu emehlweni bese ebuka lemali entululuka lapha ejazini lakhe.  Amoyizele omdala.  Baphinde futhi abantu badudulane, libone nalo iphoyisa elimnyama ukuthi sebeqonde ukuba bazibuthele yona manje.  "Kahleni, bakithi, ukusondela lapha emalini!  Ngizodubula uma ngabe niyasithikameza lapha emsebenzini wethu.  Wonke umuntu makabuyele endaweni yakhe." Lasho lapho liphenduka libakhomba ngevolovolo emehlweni.  Hlehliyane isixuku lesi.  Bheka-ke ngoba sekumi lonke ibhasi.  Laba abamiyo bazama ukuzozibuthela imali ecakazeke lapha phansi kanti nangu usayitsheni nevolovolo lakhe.  Nguye oqoqa lezizitaki zemali engo-R20 ehlanganiswe ngezihlilingi.
Izikhova zodwa. 
"Lezizigebengu zibambe inkunzi ebhange laseGoli kuthangi.  Ezimbili zibanjwe izolo ngaseNtabazwe, lona-ke usinde ngoba entshontshe imoto lena abaleke ngayo waze wafika eMkhomazi lapho imoto iphelelwe khona uphethiloli,"
sekuchaza losayitsheni oNsundu lapha eseqede ukubutha lemali ephume emfolomini yejazi likaKapisi.
Naye aphume nalemali egcwele izandla zombili, kwabubula lonke ibhasi belunguza nangamafasitela.  Laphaya phansi sebeyiqhaqhe yonke imfolomu yejazi besakhipha lemali enqwabelene lapho.  Sekunsundu phansi.  Ungake ulinge usondele?  Amaphoyisa onke ahlomile.  Bheka-ke ngoba abefike ngamaveni amathathu lapha.  Lawa akhiphe uKapisi ebhasini asamxhakile omabili.  Lawa amathathu yiwona aqoqa imali eyifaka emabhokisini ensimbi amnyama.  Lawa ayisithupha alokhu ehla enyuka elindele nje okungase kuthi hwasha.

Ukhondathi uzimele laphaya kudana ebambe ongezansi.  Kodwa wake wayibona nanini imali eningi kangaka?  Kungathi uyaphupha usebuthongweni, umntakaCele.  Lithathwe nalo ijazi balifake kusakazane kaseyili.  UKapisi uzithulele nje uyabuka yonke lento eyenzeka o Akanyakazi nakunyakaza.
Uma ukhondathi ezovala isicabha lapha ebhasini, amoyizele kancane uKapisi azame nokubachazela, ukhondathi abuyele futhi endaweni yakhe.  Sukiyane futhi ibhasi.  Bambone uKapisi eyofakwa ngasemuva evenini evalelwa namaphoyisa okumgada amane. Ibuyele kuye futhi indaba kaKapisi.  Bonke basababaza bona ubuningi bemali ephume ejazini likaKapisi.  'Angishongo-ke ukuthi lombhemu usuka kude?" sekusho uSithole.
'Suka lapha, wena Jobe, bewungasho ngani ukuthi kanti ungumzimba okhala imali nathi sizicelele isitaki nje esisodwa?" sekuphendula uCele ephemba usikilidi.  Iyahamba yona ibhasi.  Lathi uma lifika nje esikhaleni wabe esemi ngezinyawo uNgema.  Afike esemlindele ngemoto uMhlongo, umshayeli wakhe.  Babesuka njalo."Bheka-ke, Nondaba wami ngoba naso isigebengu leso besincikene nami ebhasini ngaxoxa ngisho naso imbala," sekusho uNgema kumkakhe ekhaya ngenkathi esephinda inkomishi
yesibili yetiye.
'Wo!  Bandla, bengingake ngicele nje amakhulu amahlanu amarandi ngiyokhipha uSiphiwe kulelicala lakhe lensangu, umntakababa," kuzikhalela uMaZondi ebambelela okhalo.
"Uyasho nokusho ukuthi usafuna ukuyokhipha lesisaphulamthetho sakini esingafuni ukuhlonipha umthetho?  Unani uma ebolela ejele umuntu ongafuni ukulalela?" kubhoka uNgema.
"Phela thina siyahlupheka.  Ungaboni wena ngoba unenhlahla, ukhomba ngophakathi, Ntusi," sekusho uMaZondi ngelokukhala.  "Umntakababa naye ubethi uzizamela inhlahla, bandla.  Ungakhohlwa phela wukuthi umntakababa savundla sisu sinye naye," washo wahlengezela izinyembezi uMaZondi.

"Mina ngeke ungibone ngisiza isigebengu nanini.  Indoda idla isithukuthuku sayo njengenyosi yona edla uju lwayo," kusho uNgema.  Azithulele uMaZondi ngoba lendaba seyiqede isonto ethi uyancenga lapha kumyeni wakhe ukuba ayokhipha uSiphiwe lowo ejele.  Lutho.  Akezwa makhambi uMadlokovu kanti-ke nemali uyikhonzile enjalo nje.  Uma kungabakhona isonto lemali, angaya kosonta kulo ehlukane namaluthela lana asonta kuwo.

'Bheka-ke MaZondi, isigebengu leso ngisethuke sesifaka iphephandaba laso lapha esikhwameni sami," kusho uNgema ehlala eqhiyama lapha esihlalweni izandla ezihlanganisa esiphundu.
"Kanti lesisigebengu ngumuntu enazana naye, baba?" kubuza uMaZondi.

"Ngimazelaphi nje nempela.  Mina ungibona ukuthi ngifanele ukwazana nezigebengu uma ungibhekile nje?" kubhoka uNgema eshaya itafula ngezibhakela zombili.
'Xola, Madlokovu!  Xola, Ntusi yenkomo, mina bengibuza, baba, ngingaqondile lutho olubi," kuxolisa uMaZondi.  "Ngizwe phela, baba, uthi isigebengu leso sifake namaphepha aso esikhwameni sakho."

"Yebo, khona kunjalo.  Angithi bengimi naso ebhasini sase sifaka iphephandaba laso esikhwameni sami." Kulanda uNgema. Manje selehlile iphukuphuku lolaka, usekhuluma nangezandla.  "Kuthe uma ngibuza ukuthi sifunani ezimpahleni zami, sangiphendula ngokuthi iphephandaba lelo linezindaba ezimnandi kanti nje futhi nalo iphepha ngokwalo liwusizo ngisho nasekhaya, into enjalo ungayithukuthelela uthini, Nondaba?"
"Hawu, bandla!  Umntanomuntu ngoba ubekhuluma iqiniso nje nimsolani?" kuqhuba uMaZondi ngokuthinteka.  Phela yena uliwele.  Olwakhe uzwelo alupheli.

32

"Kanti-ke ikhuluma ngenhlonipho nayo lensizwa ifake nezinhlamvu zesiSuthu," kulanda umnumzane.
"Phela izigebengu zinjalo, zinolimi olunoju, njengamahumusha," kuvuma umame.
"Habe!  Letha wena lesisikhwama sephepha ngibheke lezozindaba ezimnandi ebezishiwo wuKapisi."
'Mamo!  Kanti nazana ngempela?  Sewumazi ngisho negama lakhe?" asho ashaye izandla okanondaba.
"Nansi imihlola yami bo!  Ngithe yigama lakhe yini lelo lokhu simethe lona ngenkathi eseboshiwe, sesibala iziga zakhe ePark Rynie?  Letha wena iphepha likaKapisi - uKhisimusi wami, mntanomuntu!" Ahleke aze aqhiyame uMadlokovu.
Nebala asilethe isikhwama umame.  Asukume uMadlokovu esekhipha iphepha.  Leli eligoqiwe laze lahlanganiswa ngentambo imbala.  "Wokunye-ke lokhu,"kusho yena uNgema eqaqa lentambo, 'Ukuthi sengingaze ngilibophe ngentambo iphepha, bakithi... Habe!  Yini le?" kwethuka yena uNgema lapho kuqathakela phansi amaphepha amanye futhi abo-R20 abasha abaze bahlanganiswa ngesihlilingi.
lye iwele phansi imali.  Athi uyayiphuthuma uMaZondi, avuke inja ebomvu- uNgema: "Wenzani, MaZondi?  ilethe lapha leyomali.  Ilethe lapha kimi."
"Hhawu!  Nkosi yamaZulu nomhlaba, kungabe sekuphendulwa umthandazo wami ngoSiphiwe!" kuzikhalela uMaZondi nemali leyo eseyigone esifubeni.
"MaZondi, ngithi letha lapha leyomali uma ungafuni sixabane," kubhoka uNgema ezama ukusondela, noMaZondi ehlehlela emuva.
"Kahle phela, baba, sibonisane ngoba ngiphuphe ubaba ongizalayo engithethisa ethi ngithule ngithini ngendaba kaSi..."
'Awungizwa ukuthi ngithini, MaZondi?  Letha leyomali lapha kimi ungabe ulokhu ungibhedela.  Uma ungakwenzi lokho ngizokwenza kabi." Useququda imihlathi, usethukuthele ngempela.  Azibonele naye umntakanondaba ukuthi angamenza kabi ngempela.  Ayiphose khona etafuleni abuyole ngasemnyango.
"Eshi mame!  Nina nokwethembeka kwenu!  Siyoke sibone!"
Ngisho ake anake uNgema lowo.  Aliqaqe manje iphepha-

33

ndaba.  Ahlangane nayo futhi inyakanyaka yemali.  Yonke isentsha ngoba futhi ithandene.  Ikhulu lihlanganiswe ngesipeletu, bese kuthi amakhulu ahlanganfswe ndawonye alishumi aboshwe ngesihlilingi, uma esehlanganise inkulungwane.
Yajuluka indoda.  Umile uMaZondi uyabuka.  Ayibuyisele ephepheni yonkana bese elisonga njengakuqala.
'Letha izikhiye zemoto masinyane!  Ngiphuthuma emaphoyiseni khone manje," washo ethatha nayo lentambo ebeyibophe iphephandaba eyifaka ekhukhwini esebheke emnyango.
"Kahle phela, yise kaQiniso, kesibonisane..." kusho uMaZondi lapho uNgema esebheke egalaji.
"Sibonisaneni?  Into yobusela kayingeni kulona wami umuzi," washo engena egalaji iphepha eliphethe ngazo zombili.
'Bayosala bekubona labo abanamehlo nobungcwele bakho," kusho uMaZondi eshaya izandla edangala.  Pho usakhuluma nobani ngoba nansi imoto seyiduma.  Ihlehle ize iphumele egcekeni.  Ayijikise maqede ayikhombe indlela. . Wangena emagcekeni asemaphoyiseni besavalele idina, bedla.  Uthe usayitsheni Chiliza angambona washiya nophushwana lwakhe wase ephuthuma ukuzozwa ukuthi ngabe kwenzenjani uma uNgema ehamba engagqoke bhantshi yena wansondo.
Alwethule-ke udaba lwakhe lwesigebengu leso ebebekhwele naso ebhasini.  Nalesisipho sephephandaba okuthiwe linezindaba ezimnandi futhi elingabanosizo ekhaya.  Bakhuluma nje sebephakathi lapha eshantshi.  Babobabili vo.  Alalele naye uMdunge engawasusi amehlo kulemali egcwele itafula.  Akayikhohlisanga belu intambo ebeyibophe lona iphepha.  Akafuni ngisho nesibi sento yokwebiwa umngadi.
Hhawu!  Madlokovu, wenze umsebenzi omkhulu oncomekayo," sekusho uMdunge ekhipha ibhuku elikhulukazi lapho kubhalwa khona izaga zosuku.  "Kube kubi nokho, Ntusi, ngoba nakhu usayitsheni omkhulu akekho, uye ngaseMgungundlovu.  Uyoze abuye kusihlwa njengoba uhambe nosapho.  Konke ukushiye ezandleni zami." washo ehlala phansi ebhala.
"Sengathi ungasheshisa, Mdunge, ngoba nakhu sengibona ukuthi isikhiye sesisefo ngisishiye kabi ekhaya.  Ngabe kukhona engingadingeka ngikwenze, sayitsheni?  Mina owami

34

umsebenzi bengithi sengiwuqedile ngoba bengifuna ukuba ngitholisele uhulumeni ngalemali," kusho uNgema esemi ngezinyawo.  Akasenasikhundla.

'Empeleni kufanele uyisayinele wena lemali bese siyifaka esisefeni ukuze nosayitsheni ophethe isiteshi azibonele ukuthi akukho ukukhwabanisa okusale kwenzeka.  Ngiyethemba uyangizwa, Madlokovu," kusho uChiliza ebhala.
"Mina kangazi ukuthi kuqhutshwa ngandlelani uma kwenzeke into efana nalena.  Uma ngazi nje ukuthi ngenze konke okusemthethweni seniyongibiza ngocingo uma ngidingeka," kusho yena uNgema edlalisa izikhiye zemoto ngesinxele.  'Nami ngokwami nginexhala ngoba ngishiye nezikhiye zesisefo kabi.  Ngizothi ngithi ngenza ukwethembeka lapha, kanti ekhaya bayangiphambanisela.  Uyayibona into enjalo, Mdunge?  Abantu kusengabantu yini?"
Bahleke bobabili.  Aqhubeke uChiliza athi, "Hhawu!  Ntusi, sewusho ukuthi bangakuphamba ekhaya pho?  Hleze ngize ngikhohlwe, konje uthe yimalini oyilethe lapha, Madlokovu?"
UNgema enwaye ikhanda isikhashana.  Abheke phansi ecabanga, bese ethi: "Qha-ke, lapho Mdunge kungabe ngiqamba amanga aluhlaza ngoba angizange kengiyibale ngoba nami ngiyibone khona manje.  Mina konke ngikushiya ezandleni zenu ukuba niyibale niyikhweze lapha.  Mina niyongithinta ngocingo mhla kwecala uma kudingeka."
"Ngiyakuzwa, MadlokoVu.  Sengiyakuzwa, Ntusi yenkomo," sekuvuma uChiliza.  "Into engabangcono nephephile wukuba siyivalele lapha esisefeni lemali sinawe ukuze kube ngusayitsheni omkhulu oyovula bese siyibala naye.  Siyokushayela ucingo sikwazise isamba semali.  Ngiyaphinda impela, Madlokovu ngithi lesisenzo sakho sokwethembeka okungaka sifanele ukunconywa saziwe yizwe lonke."
Manje sebebheke emotweni bobabili.  UChiliza usethi nje uyohamba nini uNgema.  "Mina bengingaqonde ukuzifunela udumo emphakathini, kuphela nje mina bengisiza uHulumeni," kusho uNgema es'eyidumisa imoto.  Wabe eyisusa njalo ziya.  Yathi imoto kaNgema iyosithela imbozwe yizintuli zesibomvu, uChiliza naye wabe ebuyela khona esisefweni efike esivula ehleka yedwana.  Nalaba abanye abakabuyi edineni.
"Wo!  Yeka amathanga ngokuhlanzela labo abangenamabho-
dwe ngoba egcwele" kungunuza yena umdunge egcwalisa

35

imali emakhukhwini.  Akasayazi nendaba yophuthu lwakhe loluya alushiye phansi uma ebona imoto kaNgema.
UNgema yena wathi engena nje emzini wakhe wabe efaka imoto egalaji, ephuthuma ekamelweni lapho kuhlala khona isikhiye sesisefo.  Asithathe ayovula esisefweni lapho ahlangatshezwa yincwadi ebhalwe ngesandla sikaMaZondi ethi, "Ntusi yenkomo!  Ngiyethemba ukuthi isenzo sakho sokwethembeka sizokulethela udumo olungapheliyo.  Mina-ke sengihambile ngoba angiboni isizathu sokuba uSiphiwe wenqabe ukumkhipha ejele nemali seyizilethile.  Ngithathe imali engu-Rl 500 engihambe nayo ukuze ungakwazi ukungilandela. Ukhulise kahle uQiniso, Yimina uNelisiwe."
Wathi uyampampa uyabuza ukuthi kungabe umkakhe uhambe ngani, kwasimze kwabanhlanga zimuka nomoya ngoba izimoto kazipheli lapha.  Ezinye zilethe impahla, ezinye zizophuza uphethiloli.  Nalabo nje abasuke beqonde khona lapha bezozithengela.  Pho uyothi ba asabelephi?
Lidume-ke manje ikhanda kuNgema.  Sibuye isithombe sikaKapisi ngenkathi emthethisela ukuthi leliphephandaba lakhe ulifakelani lapha empahleni yakhe.  Akashongo yini ukuthi linezindaba ezimnandi?  Engani uze wagcizelela nangokuthi linomsebenzi nosizo iphephandaba ekhaya!  Nakho-ke zifikile izindaba ezimnandi kodwa yena wazixosha.  Lolusizo belungemsize uMaZondi akhiphe umfowabo ejele?
"Wo!  Waze wangikholisa uKapisi ngingalazi negama lakhe.  Uthe unginikeza inhlahla ngesihle kanti leyonhlahla izophenduka isiqalekiso ngami..." sekuzikhalela yena uNgema eyozivalela ekamelweni.  Usesaba ngisho namehlo ezisebenzi zakhe lezi ezigcwele umuzi.
Akumangalisanga uma uChiliza esula ebuphoyiseni bengazelele wabe ezithengela ugandaganda namageja awo ezihlalela phansi elimela abantu.







4. Lembul' Ingubo Lingene

Lemoto entsha yomfo kaNgcobo, iningi labantu layiqabuka ngamhla komculo wezikole laphaya eLuthuli High School ngaseHibberdene, eMathungulwini.  Kwakungebantu lapho, bheka ngoba kwakungquzuke izikole ezisuka koNyavini, koDududu, kosaNgcwaba, koDumisa, eKubusisweni, koHluzingqondo kuye kuyogcina ngeSpringvale imbala.
Ukuthi-ke lemoto ingekaNimrod Nhlanhla Ngcobo, lokho uzifundela wena njengoba yayisahamba ngamaphepha asegalaji lapho yathengwa khona, bese-ke ibhalwa igama nekheli lomnikazi kuyoze kuphele amasonto amabili.  Umbhalo unamatheliswe esibukweni.
Nakho nje lokho ukuba kuze kunakeke, kwabangelwa ukuthi uNgcobo njengoba elapha emculweni ungomunye wabathathu abazokwehlulela lapha ukuthi yiliphi ikwaya elidle ubhedu lapha esigodini saseMzinto.  Yilona-ke eliyomela uMzinto mhla sekuhlungwa ikwaya elizomela isifundazwe saseNatali.  Lelo eliyodla lelophunganhloli liyobe selibhekana nekhethelo laseNtilasifali noma iKoloni noma iFrestata, mhlazane kwamanqamu.
UFuze uqeda ukufika lapha, kanti babevumelene nogumbi, umphathisikole walapha, ukuthi abehluleli baze bafike ngabo7h3O ukuze kuboniswane kungakaqalwa.  Yena-ke uFuze ufike esemaphuthuphuthu njengoba ungumuntu wesikhathi ecashazini.  Imoto ufike nje wayipaka lapha ngasehhovisi likathishanhloko ukuba aziveze ukuthi usefikile.  Kulokho kujaha kwakhe useshiye izibani ezincane zemoto zikhanya, engasazicimanga.  Nanguya eseyongqongqoza estaff Room.
"Bothisha ninonke, ngineqiniso lokuthi niyamazi nonke umnu.  N.N.N. Ngcobo esamkhetha ukuba abe ngomunye wabehluleli kulomculo wanamuhla.  Umnumzane uFuze lona ungomunye wabaqambi bezingoma zamakwaya kanti-ke futhi ungumbhidi wodumo." Lokho kwashiwo ngumnumzane Gumbi, uthishanhloko walapha eLuthuli, emethula.
Phela uFuze uthe ngenkathi engena ehhovisi, zasezimkhombisa izingane estaff Room, lapho uthishanhloko esabungaza izihambeli lezi zabaphethe izikhundla enhlanganweni yama-

37

thisha iN.A.T.U., okuyibona abagqugquzele lomculo egatsheni laseMzinto.  Bamhalalisela ngehlombe ufuze kwathi laba azana nabo bamxhawula.  Babodwa abathi: "Kunjani, Main Road?" Isigcono sakhe leso.  Phela unguthisha wendawo.
"Kodwa, mfo kaGumbi, sengathi lo-N wesithathu kangimazi kahle," sekuhleka yena uFuze lapho exhawulisa umnu.  Goba, umengameli wegatsha.  "Simehlomadala impela Mnu.  Goba ubona senginikwa nama-initials engingawazi lapha ngoGumbi.  Any way, "N' is nothing, ladies and gentlemen.  Ngiyaxolisa ngokufika ngalesisikhathi; into bekunezinkungu ngenkathi ngisuka ekhaya, eNdonyane.  Nokho-ke zize zathi ukubangcono uma umuntu esedlule kwaMgayi.  Kodwa lisaphila ibandla loNkana?" kubuza uFuze.
'Njengoba usho nje Fuze, 'N' is for nothing, nathi-ke siyinto nje enjalo.  Nothing at all, Mr Ngcobo." Bahleke bonke sebencokola.
Kwabonakala impela ukuthi sekufike isilomo sangempela.  Laba abangamaziyo bayazazi izingoma aziqambayo ezithi: 'Mtheleleni Amanzi', nalena ethi: 'Ugotshwa usemanzi', ebeziculwa yikwaya yaMathishela ngonyaka odlule.  Ebuthisheleni ushiye ngalowayanyaka owelanywa ngowedlule.  Okwamanje usebenzela abathengeli nabashicileli bezincwadi, ngakho-ke lapha ezikoleni akapheli.  Uthengisa zona izincwadi.
"N for nothing, sekushiwo kimi njalo lokho?" kuhleka yena uFuze ethela ikhofi eliphuza bume.  Kuheleza umoyana obandayo njengoba iningi lifake amajezi.  Yinhle phela lensizwa yakwamapholoba futhi nayo iyakwazi lokho.  Lapha endwangwini izingubo ziyazihlalela nje.  Esifazaneni-ke, yeka wena!  Bathi onothanda-izindaba nakhona lapha ekufundiseni wayeka eHluzingqondo lapho kwakunuka santungwana phakathi kwakhe nentombazana eyayifunda khona, abhadanywa nayo ngumkakhe, uMaMbhele wayeseyishaya intombazana leyo.  Mamo!  Abazali bayo sebemangalele ufuze nowakwakhe ngendaba leyo yokushaya.  Kuleli lokuqomana kwabo ubufakazi baxega ngoba ufakazi osemqoka kwakungaba nguyena uMaMbhele, umkakhe.  Yaphela nje kanjalo.
OkaFuze wathi uma eseyibuka lento engahle ibe yicashazi emsebenzini wakhe wayesebhala isheke lama-R300 enikeza unina wentombazana leyo kwaphela ngalokho.  Ngisho namuhla uma edlula ngakhona emahlongwa, bayamtatazelela

38

kubanjwe inkukhu.  Kanti basuke bedlala yini labo abathi imali ayiluthezi olumanzi?
Kwasukwa-ke sekuyongenwa ehholo.  Sebevumelene ukuthi ufuze yena uzobhekana nokuphimisa kahle izinhlamvu zeculo (diction) kanye nokuthi lona iculo bayalizwa yini umongo walo (interpretation).  Bakhuluma nje umfo kaGumbi umi laphaya emsamo uhlalisa abehluleli ngononina.  Yabe ikhala-ke insimbi phandle.  Kwaqalwa-ke sekungenwa ehholo.
Esahlela uGumbi, sekungena intombazana efunda lapha kwaLuthuli iphethe ipheshana iqonde kuyena uthishanhloko.  Ikhulume imnikeze iphepha lelo.  Uthe angalifunda ipheshana lelo wase ememeza ethi, "Mr N for nothing, Ngcobo, this belongs to you ... Please follow this girl."
Akusho lokho uGumbi ipheshana elibuyisela entombazaneni.  Babephuma belandelana edinga nje ufuze ukuthi kungabe kwenzenjani.  Waze wezwa sebephandle ukuthi lentombazane ikhangwe yizibani lezi ebezikhanya yase ibhala lokhu okubhalwe emotweni njengoba ingakabi nazo izinamba zemoto.  Yingakho nje beyibhale phansi ukuze uthisha omkhulu amemezele umninimoto acime izibani lezo.
UmntakaMqadi, bandla, yena ubethi uyasiza engaqonde lutho olubi nakancane.  Abonge uFuze bese eyibuza negama ingakabuyeli ehholo intombazana.
"Kahle phela, Favourite, musa ukungishiya.  Angisezubonga nakubonga kuwe ungisize kangaka?" sekusho yena uFuze ekhipha izikhiye.  "Uma ungishiya ngedwa lapha ngizosuke ngeduke.  Asihambisane ukuze sibuye kanyekanye.  Uthe ekhaya kukuphi?"

Intombazana yamtshela ukuthi ingeyaseMarburg kodwa ihlala kwayise omncane khona lapha eduze, eFairview.  "Pho uma ugoduka, kungabanjani uma ungangilinda ngikukhweze, ngikwehlise ngasekhaya?" sekusho yena uFuze uma esezicimile izibani lezo.  'Phela mina kufuneka ngiyolala ekhaya, eGamalakhe, khona namuhla.  Kuzolunga lokho, Thembalihle?" Uthathekile impela omdala.

"Kuzolunga uma ungezukulibala kuze kuhlwe," kuvuma uThembalihle eyibuka lensizwa egqoke yafanisana nemoto yayo.  Ishaye ezimpunga ngokuzothile.  Naye, bandla, umntakaMqadi uthathekile yilelihwanqa elikhulumela phansi.  Usemtshele namagama akhe omabili.nokuthi ufunda uform IV lapha kwaLuthuli.
'Sesiyobonana ntambama-ke, ntombi, ungalingi ungishiye ..." sekunyenyeza yena uFuze lapho esevula lomnyango wabahluleli ongenela ngasesiteji.  UThembalihle yena waqonda ngakulomnyango kakhukhulelangoqo, ongena izibukeli.
Kwavulwa-ke ngomkhuleko, basho yena u-'Nkosi sihlangene' owaziwayo.  UMnu.  Goba wenza umkhuleko.  Bethulwa-ke abehluleli njengoba amakwaya ayebizwa ngezinamba ukuze abehluleli bangakhethi.  Kwaqalwa-ke.  Ingoma yesingisi ethi: 'For unto us a child is born', kwezikaHandel ezinkulu, lapho-ke amakwaya amanye ayenensa kakhulu.  Leli-ke elesine, amakwaya ayezikhethela, lapho-ke babenza into yamehlo.
Kwathi lapho seliya ngomutsha wenjeza, baqala manje abantu ukuba nexhala lokuthi kazi iyozala nkomoni.  Abehluleli base bephuma beyohlangana estaff Room beyohlaziya bafakane imilomo ngemiphumela.  Kwavunyelwana ngokuthi isinqumo masiphume ngomlomo kamnu.  Sweet Nothing Ngcobo.
"Habe!  Kanti, Mnu.  Goba, niqondeni?  Manje sengiwunothing, Sweet Nothing!?  Kanti niqondeni kangaka namuhla?" sekubuza yena uFuze behleka bonke.  UFuze ungumuntu wamancoko.
'Oh!  That is nothing at all," sekusho uChiliza naye esusa elakhe ihlaya.  Babesuka-ke abehluleli sebebuyela ehholo.  Bathi bangangena indlu yathula cwaka.  Wawungezwa ukuqathaka kwesipeletu nakhu phela izinga beliphakeme kakhulu kuyilowo ezitshela ukuthi sekuyokhetha yena ukhethi.
UFuze wendlalela ngamaphutha abevamile lapha emculweni.  Izimpawu ezibhaliwe, umongo wamaculo, ukuphimisa, ukubumbana kwezindlela kanye nabo ababhidi ngokwabo.  Ekugcineni akumangalanga muntu uma ikwaya yalapha kwaLuthuli ithathe izindebe ezimbili, eculweni lesingisi kanye naleli ababezikhethele lona elithi: 'Mafukuzela onjengezulu' Isibili kwaphuma uSiphapheme elandelwa uGob' ume.  Waphetha ngokuncoma ukuziphatha kwezethameli zomculo uFuze.
Kwathi kungaculwa iculo lesizwe kwase kuhlakazekwa sekungenwa emabhasini ngoba nakhu nelanga selingonina kudala.  Igama lika-Nothing Sweet Nothing lalisemlonyeni.  Ingani

40

phela lethulwa nguye umnu.  Goba ngenkathi esethemeleza ebonga abehluleli.

Bathi abanye abehluleli beya kophuza itiye nokubungazana, uNgcobo yena wabe exolisa ebika ukuthi usenendlela njengoba kufanele ayodlula ngasesibhedlela eMurchinson lapho ezofike athathe umkakhe, uMaMbhele, ongumhlengikazi khona ozoshayisa emva kwensimbi yesithupha.  Bamkhulula ngokumncoma impela abanye abehluleli, besho ukuthi uyamcabangela umkakhe.  'Habe!  Ngingenzenjani, bakithi?  Umuntu kufanele alucabangele ubambo lwakhe" sekuncokola yena uFuze ngenkathi bemkhapha bezomngenisa kulemoto yakhe esabale o-"O" abane bebanga lapha kumakhilomitha.  "Ngisho namasongo, bakithi, akhala ngoba emabili.  What is life without my better half?' washo eyidumisa kancane, kuthi qhakra izibani, yayinyolozela njalo ihamba kancane iyophuma ngesango.  Yathi xinti ingakangeni emgwaqeni omkhulu obheke eSayidi, wayengena uFavourite, yayisuka njalo.
Zaya.  Yebo, zaya kakhulu kubona bobabili ngoba bethuka sebeseZulwini labo elincane.  Imoto igcine isithele emathungulwini.  Indaba kaMaMbhele oyothathwa esibhedlela, eMurchinson, ukhona osayazi?  Bazixoxela oNothing Sweet Nothing lapha emotweni phansi kwezihlahla.
Ngikutshela ukuthi lapha eMzumbe waze wasuka sebeshayile o-2Oh45.  Nayo, bandla, ingane kasister Mqadi seyizisanganele.  Kwasala necici lapho emotweni.  Waze wafika ekhaya beshayile o-10 umfo kaFuze.  Wafika impela engawuvali umlomo encoma izinga eliphakemeyo alibonile lapho emculweni.

"Kusobala nje ukuthi ngisho nase-East London, elinye lamakwaya ase- South Coast, liyobuya nayo indebe noma ezimbili." kuncoma uFuze exoxela uKaMphemba bephuza ikhofi.  Umame usezigqokele ezamasulumane, lezi ezihusha phansi zikasilika, zokulala.  Ubesezicambalalele noma engakazumeki.

"Saze savelelwa-ke, baba, uma kanti nisazoya nakoma-East London lapho.  Kengibe inyosi nje, ngikubone usulapho, wena wansondo, kodwa wena ube ungangiboni," kusho umame ehleka.

'Hawu!  Kanti wena wenqatshelwe yini?  Nami phela ngingathokoza uma besingahamba nawe, mame. Ibanhle nenqola

41

uma ihamba noseyini wayo wokuyemboza," kuncokola yena uFuze.

'Kungabe ngiyahlanya yini?  Uthi wena kungabamnandi uma sengizobe ngiyilokhu ngiyisicindezi sephela endlebeni nasekuhambeni mbala?" kuhleka umame elibuka ihwanqa lakwakhe.
"Sewusho njalo manje, Mphemba wami?  Goba msenge udliwe zimbuzi!" kusho ufuze nomthamo emlonyeni.
"Akukho msenge wagoba lapha.  Uthi kwaHluzingqondo wawungegobe pho?  Musa wena ukungibamba ngodaka emehlweni.  Uthi kanti angikwazi yini kuleminyaka eyisikhombisa sishadile?  Hha!  Thula, mntakaMbhele, kuyothiwa impi yaBantwana yaqhathwa nguwe." Washo eshaya izandla, esukuma etafuleni, ehleka.  "Ngisayolala mina, ntombi, wena sale ucabanga ama-East London akho lawo."
"Sewuyangiqala-ke manje, Buyisiwe," sekusho yena uFuze, naye egojela eyakhe inkomishi.  Useyiphuza bume.  Babelandelana beyolala.  Okuzingane kade kuzumekile kudala.  Kube sengathi lidume ledlula.
Bathi beyophela oJuni, izingane zihlolelwa ukuphela konyaka, base beqalile othisha bakwaLuthuli ukukhuluma.  UThembalihle akuseyena lowaThembalihle ebebemazi, obekhonze ukuzihlalela yedwa ngoLwesihlanu ebuyekeza umsebenzi wakhe.  Usengomunye nje umuntu ongasanaki.  Muva nje kuthi kuyoshaya amadina ngoLwesihlanu, uzomthola esemi laphaya emgwaqeni womendo esefuna izimoto eziya ngaseThekwini.  Sekuze kubuza unkosazana Cele lona oyisihlobo sikanina, ofundisa lapha kwaLuthuli: "Hawu!  Wema ngakwesokunxele, Thembi, kanti awuyi yini ekhaya ngalempelasonto?" kubuza yena uNksz.  Cele.  Pho usazimothongile yini naye uThembi lowo?  Ungaphika ukuthi useyingane yesikole.  Ingane kasister 'tane.
"Into namuhla ngizoqala ngaseThekwini, ekhaya ngiyoze ngifinyelele kusasa," kuphendula yena uThembalihle, lumuthi heqe uvalo ngoba yizona izikhathi lezi avamise ukuba afike ngazo uFuze.  Futhi ubengaboni ukuthi kanti uyalandelwa.
'Pho uma uya eThekwini woza ngikucelele laphaya kuthisha Mnyandu ngoba naye ujahe eThekwini," kusho yena okaNdosi ngoba nansi imoto kaMnyandu isondela iphuma khona lapha esikoleni.  Abantu bathathu lapha phakathi.

42

"Into kuzobakubi uma umama efika lapha sengihambile kanti besethembisene ukuthi uyongifica lapha ngabo-12h3O," kusho uThembalihle, amehlo engenaso isikhundla.  "Kanti-ke futhi kangiwazi ama-Opticians azongiyisa kuwona njengoba ngiphethwe amehlo nje."
UmntakaCele kade yena eyifunde ivaliwe.  Abe uyavalelisake njalo esengena indlela sengathi ubheke ngasesontweni lapho beculela khona.  "Sewuyokhonza-ke kumzala uMtshele ukuthi asisamazi bo!" OkaNdosi usememeza eyosithela ngezihlahlana.  Uthe nje lapho ezophumela ngasendlini yesonto, nansiya imoto kaFuze seyisuka naye uThembi.  Ifike nje ezinyaweni zakhe.  Ayibuke inteneneka ngomgwaqo wetiyela ibheke ngaSemdu.  "Kanti bekulindwe bona oSweet Nothing, ntombi.  Bengivele ngasola nami kulokhukuzimisela okungaka.  Konje bona bacabanga ukuthi kasiboni nje.  Siphundu kawuboni kumzala, nkosi yami, ..." yasho izihambela intokazi, iya koculisa.
Imoto leyo yabayisa kwanhliziyo-ngise ngaphambi kwaseStanger.  Phela lapha eThekwini baningi abantu abamaziyo uFuze nomkakhe, uMaMbhele.  Ngokunjalo, bangahlangana nabantu abamaziyo uThembalihle ukuthi ingane kasister Mqadi yabonakala ihamba nomyeni kasister Ngcobo, kwenzenjani.  Phela indaba ayilali amazolo.
NgoMsombuluko ekuseni imoto yathi ukumdlulisa kancane esangweni lesikole uThembi, nakhu sebefikile abaningi.  Wehla lapho wase engena indlela eqonde khona esikoleni.  Uthe nje lapho engena ngesango wabe ezithela kuNksz.  Cele.  Akusekho ngisho nokuba angabaleka ayocasha.
'Yini?  Wethuswa yini, Favourite?  Kanti wena ucabanga ukuthi asikuboni yini wehla kulemoto kaNgcobo owahamba ngayo ngoLwesihlanu?" kubuza okaNdosi.

'Into wanginikeza nje i-lift," kusho yena uThembi.
"Wakunikeza i-lift?  Engani ngathi uma ngikucelela i-lift kuthisha Mnyandu wayenqaba?  Wawulinde le-lift kaNgcobo kambe?" asho ahleke, ambuke.  Athi uyakhuluma, kungakhulumeki uThembi.  Eme unkosazana ambheke ezinhlamvini zamehlo.  UThembi eswele umgodi angacasha kuwo.
"Wathula manje?  Wenqaba ukugibela emotweni kathisha Mnyandu ngoba nakhu ulindele lena kaFuze enizohamba

43

ngayo nobabili, angithi?  Waya-ke kuma-Opticians?" Amokhe ngensini manje.

"Into umama akafikanga, ngiyabona wahlushwa yimoto . kumbandaza uThembi.

"Kube kuhle ngasheshe ngakubona.  Uze ufike kimina estaff Room uzothatha incwadi yakho kanye nemali eshiywe ngumzala lapha ngoLwesihlanu," kusho yena unkosazana.  Saqathaka isikhwama kuThembi.

"Ubefike nini umama?" kunyenyeza uThembi kubanda kwamancane.

"Umzala wafika ngabo-2 ntambama ethi uzokulanda.  Lendaba yama-Opticians ngathi ngiyayibuza, wangayazi sampela." Ukhuluma okaNdosi umbheke emehlweni.

Wema uThembi ebheke phansi sengathi uyayibuza inhlabathi ukuthi ayivuleki ngani imginge.  Akusemahloni!

"Ungakhohlwa-ke yincwadi yakho leyo nemali evela kumzala," washo eyozingenela estaff Room umntakaCele.

Kanti zisuka nje ezikabhoqo lapha phakathi kukaThembi nonkosazana Cele, nampa nosister Mqadi, unina kaFavourite benosister Ngcobo, umkaFuze.  Bavele nje bayazana futhi bangabangane.  USister Mqadi yena ulaphaya eProvincial Hospital.  Bobabili bahlala eGamalakhe, elokishini.

"Kwabakuhle sabonana, mntakaMbhele," sekusho uMaThusini, unina kaThembi, imoto seyibheke eMarburg.  Baphuma edolobheni.  "Uzoke ungizwise nasi isimanga singivelela eku
seni, mntanomuntu."
"Kazi yisimanga sani-ke leso ngoba sekwavama izimanga
nje kulomhlaba.  Wena simanga sini lesi okhuluma ngaso?"
kubuza uMaMbhele ethela umzimba phansi.  "Khuluma, Thusini, ngilalele."

'Akuthi phela ngithi ngilande ingane yami esikoleni kwaLuthuli lapho ifunda khona, ngiyafika uThembalihle akasekho, kuthiwa uthathwe wumyeni wakho ngemoto," kulanda uMaThusini ngokukhulu ukudangala.
"Musa wena uyiphathe leyondaba yakwaLuthuli ngoba selokhu umyeni wami aya kwaLuthuli emculweni akasahlali ekhaya ngezimpelasonto," kuphendula uMaMbhele ethela umzimba phansi.  'Ngiyashaqeka kodwa uma ngizwa ukuthi uyise kaMbuso angenza into enjalo kumntanakho.  Kanti indoda baqinisile labo abathi kayehlukile nakancane esilwaneni

44

sasendle.  Impela mina ngageza izandla ngento ayenza eHluzingqondo, ngathi usitholile isifundo; kanti usaqhubeka, ntombi, nalezizingane zesikole, ezithikameza nasezifundweni
zazo!"
"Nami uma bengingezwa ngomzala, uDudu, obafundisayo
lapha kwaLuthuli, bengizothi bayamqambela umntanami,"
kulanda uMaThusini.
'UDudu umazelaphi pho umyeni wami?" kubuza uMaMbhele.
"Habe!  Kanti awuyizwanga yini wena indaba yokuthi uNimrod wamenywa ukuyohlulela emculweni kwaLuthuli, nakhoke selihlangana iphithi nesagila, ntombi."
"Pho manje senisho ukuthi sesingayeka into elihlazo yenzeka phambi kwamehlo ethu?  Kubantabethu nanokwenza?" kubhoka uMaThusini imoto eyimisa, ecima nokuduma.  Kebathule babhekane bobabili.
"Mina-ke, ntombi, ngathola icici emotweni kayise kaMbuso.  Ngathi uma ngimbuza ukuthi lelicici elikabani, washintsha imibala umuntu lowo wawungathi wunwabu," kulanda uMaMbhele.
"Wathola icici, ntombi?  Liphi lona icici lelo ngoba yilona
esingathetha ngalo icala, mntakaMbhele?" kusho uMaThusini ehleka kakhulu.
"Kodwa uyahleka yini, mntakaThusini?  Angilibheke lapha esikhwameni ngoba ngaligcina lapha ... Yebo, nali ..." esho ephuthaza esikhwameni sakhe, nebala' alithole.
"Lilethe lapha, ntombi, ngilibone," washo elemukela icici lelo.  "Habe!  Uthi angiphuphi ngilele?  Ngelakhe ngempela uThembalihle.  Ngiwazi kahle lamacici ngoba yimina engamthengela wona kwaStuttafords, eThekwini, ngamhla kosuku lwakhe lokuzalwa ... Nkosi yami, walithola nini-ke wena?"
"Ngalifica emotweni ngoLwesibili njengoba phela ngempelasonto wayengekho, wathi umenywe ukuba ayokwehlulela umculo wamakwaya eWembezi..."
'Akukho Wembezi lapha.- Babehambe naye uThembalihle, Nkosi yami!  Into enje yenziwa njani?  Ngangiyaye ngibabaze uma ngizwa abantu bexoxa ngendaba yezahlukaniso, kanti kusuke kusuke kanje ..." sekusho uMaThusini eneka izandla.
"Suka lapha wena.  Kanti wena ucabanga ukuthi singayekela into efana nalena iqhubeke sibhekile?  Kungabe sizihlekisa

45

Uma uqinisela nje, kuthi noma kulukhuni, bayakhathala.  Lizoduma ledlule, ntombi.  Wena qinisa imihlathi simvule yonke lemfumfu yofasimbe esamboze emehlweni.  Ngiyazisa ukuthi manje sengizoba umkhwekazi kaMain Road, umuntu engangingaconsi kuyena esengusibali, esathandwa uZodwa, uthunjana wakwethu." Ahleke aze aqhiyame lapha esondweni lemoto ngoba sebeyimise imoto esangweni lakhona kwaNgcobo.
"Ingani phela amadoda azikhohlisa ngokuthi wona akagugi, kuguga umfazi.  Indoda iyohlala iyintsha njalo, dade!" kuhleka uMaMbhele nezinyembezi emehlweni.  "Mina uma lento beyingivelele ngingedwa ngakube kuxoxwa ukuthi ngibophe imithwadlana yami ngabuyela kithi."
'MntakaMbhele, asehlukane hleze aze asifice lapha uMain Road bese esola.- Inyoni iyemukela uma ikhulunyelwa eziko," sekusho uMaThusini eyidumisa imoto.
"Ingabe uyasho-ke, mntanomuntu!" kuvuma uMaMbhele eqoqa izimpahla lezi abezithenge edolobheni.  "Sizobe silokhu sithintene ngocingo.  Ngendaba yemali kaphethiloli, ungesabi, ntombi, ngoba sizama ukulungisa izwe."
'Ungalilungisa yini izwe, mntakaMbhele?  Kungathi lokho kwehlula indodana yesiNtu!  Uthi bangesibulale ngezandla?  Salani, Fuze, sizothintana.  Nami ngizoxhumana nonkosazana Cele ..." Yayisuka imoto noMaMbhele wayezingenela kwakhe, nangu nombuso esememeza ethi;
"Nangu umama!  Nang' umama!" esho ebhadazela namagwegwe akhe ehlangabeza unina.  Wefuza yena uMain Road ngisho nangamagwegwe nangamanhlonhlo.
Isonto lelo lahamba kancane ngendlela eyisimanga ngoba sebethi nje kodwa luyofika nini kodwa uLwesihlanu, uNgcobo kebamkhombise ukuthi alikho elizikhotha emhlane?  Phela useke washo lapha kuMaMbhele ukuthi ngalempelasonto uzobe eseVryheid, ehlulela amakwaya ngakhona.  Uthe uma ekusho lokho uMaMbhele wahleka kakhulu waze wabuza wathi, 'Bakukhokhela malini kangaka ngoba uphethiloli uthi uyabiza uma thina sithi sicela ukuyothenga e-Hyperama?  Yinkulu lendaba yomculo kunomuzi wakho muva nje!  Uboke usithathe phela nathi sinosister Mqadi kesishaywe umoya..."
"USister Mqadi?  Wakhetha usister Mqadi yedwa ngoba enjani?" kwethuka uNgcobo sengathi bamhlabe ngenalithi.

47

Uthulile uMaMbhele uyabuka.  Cha, wethuke ngempela uyise kaMbuso.
'Ngisho usister Mqadi ngoba nawe uyamazi ukuthi uyazifela ngomculo," kusho uMaMbhele ebamba insini.  "Nomakambe wena ubungathanda sihambe noFavourite, indodakazi yakhe usister?"

Athi ukuthula lapho uNgcobo.  Wethukile uma ezwa igama likaFavourite liphathwa wumkakhe.  Konje kungenzeka nje ukuba kukhona ulwazana noma insodlwana ethile?  Athi uphakamisa amehlo ubheka umkakhe, amfice emgqolozele - akasacwayizi.  Athinte isikhwehlela ngoba uzizwa esenefindo lapha emphinjeni.

"Uma ungafuni ngihambe imiculo kawusho ngani?  Futhi okwesibili, uma benginxusa ukuba ngizokwehlulela usuke ungabatsheli ngani ukuthi awufuni wena nendoda yakho?" kusho uNimrod ezama ukuziqinisa.

Asuke ahleke kakhulu uMaMbhele.  "Uthi uyindoda yami nje konje uma usuke ubakhohlisa?  EHluzingqondo kwabanjani? Manje-ke sekukwaLuthuli?  Yindoda yami njalo leyo?  Kanti nithi sithule nje nithi asiboni?  Awukhohliwe nje singabo-'Siphundu kawuboni baphel' abantabakho', dade!" Aphinde futhi amhleke usulu umyeni wakhe.  Amhleke aze azenyeze naye uNimrod ukuthi kungabe uhlekwani kangaka.
"Siyanibulala bo isikhwele, Buyisiwe.  Yilesi sona esinqamula amathumbu," kusho uNgcobo ngelikade.  "Konke lokhokubalisa kungenxa yomculo abangimema kuwona?" kusho uNgcobo enxapha ebheka phansi.  Umkakhe ulokhu embheke ezinhlamvini zamehlo.  Lapha kuFuze akuvumi babhekane.  Ezwe esenomjulukwana lapha esiphongweni.
'Konje ngalempelasonto niya eDumbe naseVryheid, kambe?  Kusobala nakhona uyoshiya uvale ngehlahla, mfo kaMapholoba.  Nalaba abathi ungu-Main Road abakuqambanga ngamanga ngoba uyindlela yomendo yangoqobo." Asuke lapho amhleke kakhulu ayozishonela ekamelweni.
Lwafika-ke uLwesihlanu.  Lwafika sebelubheke ngamehlo abomvu bobahlanu.  Phela sebengamaqembu amabili, kanti futhi babhekene ngeziqu zamehlo benjalo nje, kodwa abatshelani.  OMaThusini noMaMbhele noDudu Cele bathintane ngocingo ekuseni kwavunyelwana ngokuthi bayothi bangasuka oNgcobo noFavourite aze abashayele ucingo emtentweni, eMtholampilo, ukuze basuke eyabo imoto babalandele.  Bobabili abayile emsebenzini, bacelile.
Imoto kaNgcobo bathi nje besanikeza uDudu inamba yocingo lwaseMtholampilo babeyibona inteneneka ngomgwaqo.  Nebala bathi nje besazixoxela, lwalukhala ucingo: "Seyifikile imoto kodwa ayingenanga lapha esangweni.  Sengimbonile naye uThembi ephethe isikhwama esebheke-khona emotweni.  Ngiyethemba niyohamba kahle ..." kusho yena uDudu.
"Siyabonga, ntombi.  Nathi sike sayithi shazi ngenkathi idlula lapha eMtentweni.  Sesiyobonana kusihlwa uma sesisidlibhizile lesisidleke sikathekwane," kuphendula uMaThusini ucingo elubuyisela esitsheni salo.
Yayisuka-ke njalo kusister Mqadi.  Bathi lapho beqhamukela ePark Rynie, bayibone ilaphaya phambili imoto kaNgcobo ilandelwa ngezinhlanu neloli.  Aqale kancane ukuba azisike lezi eziphakathi kwabo ukuze bangadukelani.  Bathi beyodlula eMkhomazi besuka eWidenham basebehlukaniswe yizimoto ezimbili kuphela.  Nakhona lapho wasuke wavinjelwa yilemigqa yogwaqo evimbela khona ukusikana kwezimoto.
Bathi beyodlula emadlangaleni ngaseMzimbazi, bazisika lezizimoto base beyilandela imoto kaNgcobo.  Kusobala ukuthi yabonwa nguye uThembi kuqala lemoto yabo ngoba wathi nje angamhlebela uNgcobo ukuthi nampa onina bebalandela wasuke wenza inqaba uNgcobo.  Usezibonele naye lapha esibukweni ukuthi yibona ngempela oMaMbhele benoMaThusini.  Yasuke yahamba ngokunye-ke manje imoto kaFuze.  Usesika nje nalapho kungavunyelwe khona.
Zathi zibheke eKaridene, ehhotela, zizodlula egalaji, eLovu, kwakuboshwe inja nomthakathi.  Asho manje uMaThusini: 'Kuyoba kancane bengathathanga lomgwaqo obheke eMgungundlovu, obheke eKolishi, eManzimtoti," washo eyishintsha lena yabo eyinikeza amandla.
Akaligwinyanga lelo, babejika nanempela bethatha lomgwaqo ophambukela ngakwesobunxele.  Kwaba bamsizile lapho uMaThusini.  "Waze wangisiza ngoba ngizoke ngibone ukuthi bazodlulaphi ku-Stop Street ngasebhulohweni?" esho eyisika lemoto kaNgcobo bese ehamba kancane phambi kwayo.  Uma bethi bayasika, abavimbele ngalena eyakhe.  Kuthe uma befika lapho kufanele bangene kulomgwaqo osuka eWinkelspruit, bafika maqede bayimisa imoto yabo baze bayicima.  Behla bobabili baphangelana beqonde kulemoto kaNgcobo.  UMa
thusini nguye owafike wayicima wathatha nesikhiye lapha emotweni.

"Mina lapha, wena Nimrod!  Ngekabani lengane ozula nayo?  Usazicabanga kodwa ukuthi wena ungumzali waleyongane yami?!" washo embamba ngeziphika zebhantshi ngoba yena usahlezi phansi uboshiwe yilamabhande okushayela amhlanganise nesihlalo.

"Wena usabuza nokubuza?  Awusishayi usiyekelani lesisingcoli sendoda?" kumemeza umaMbhele naye esevule lesisicabha sangakwesobunxele.  Uthe ucindezela inkinobho yesicabha ukuba singavuleki uThembalihle, wambiza ngenkulu inhlamba enephungana naye wazibonela ukuthi ayingangaye wase ehlala.  Kube nje wukusivula isicabha wayemsikaza ngempama.  "Kungabe ekabani lemoto ezula izi ... ? Yikhona esikoleni lapha?" esho emdlikizisa kabana ngamahlombe.  "Yikhona lapha kuhlala' khona amacici akho?  Deda ngifinyelele kulelihlazo lendoda
Kwaba ukuphuma kwakhe njalo uThembalihle, ebaleka ephaphatheka.  "Noma ungabaleka uyephi, awehlukile enjeni yona edla amaqanda!  Kanti uzula namadoda angangoyihlo, Thembi?  Sizofika khona ekhaya," kusonga uMaThusini.

"Kahle phela, MaMbhele ngikuchazele ... Kahle ukungiklinya bo!" kuzikhalela ungcobo ngenkathi umame esemdumele ngothayi, eliqinisa ifindo entanyeni.

"Kungangcono ukuba kuthi mhla ufayo baze bakubophele itshe lokugaya entanyeni bese uphonswa esizibeni esijulileyo.  Kodwa, yise kaMbuso, khona sewaba yimalasi, sewungaze ufake umntwana kantangayenu esilingweni esingaka?  Impela nabanamehlo sebeyogcina sebekubonile nalemikhuba yakho ucekela izingane zabantu phansi zisathi ziyafunda," usho njalo uMaMbhele umphimisela ngamathe ebusweni.  Bamhlanganyele bobabili noMaThusini, bamklinya ngothayi entanyeni, kanti ubanjwe yiwona lamabhande amhlanganise nesihlalo.

"Kahleni phela, MaMbhele nginichazele ..." kuzikhalela uNgcobo, manje usopha umongozima.

'Ungichazeleni nje kodwa?  Awunamahloni noma usawuvula wona umlomo, lesisikhubekiso sendoda?" kusho uMaThusini eshaya ngenqindi.  "Wathi uyazala uMaMsomi, wabola amathumbu uqobo!  Kodwa wawungafi ngani mhla uzalwayo?"
Kwaze kwasiza ukuba kufike iphoyisa lomgwaqo uma libona lolujenga lwezimoto ezimi lapha.  Wathi uyabuza ukuthi kwenzenani, kwaba yibona oMaMbhele abaphendulayo.  Nokuba wasuka lapho ephila, kwasiza yena umntanomlungu ngoba babefuna ukumbulala ngezandla.
Umngqayi wathi mabadede basuse nemoto yabo lena evimbele ezinye.  Kwaba nguye owangena lapha kuNgcobo emdedisa lapha esihlalweni eyisusa imoto eyingenisa kulomgwaqo ovela e'Spruit.  Wathi ephuma umntanomlungu lapha esebuyela emotweni yakhe yomsebenzi, yayisuka kumfo kaNgcobo. Yahamba lapho akazange esabheka emuva ngomgwaqo lowo obheke eThawini.  Buka-ke usehamba nazo izimpahlana lezo zikaThembalihle.
"Ngisho noma ungahamba weduke nezwe, ngeke wabanayo inhlahla uma usaziphethe kanje yise kaMbuso," sekumemeza uMaMbhele.
Pho usamemeza into ezwiwa ngubani ngoba imoto nansiya iyosithela?  Usebhodla nje emswanini.  Wahamba kanjalo-ke umfo kaNgcobo.  Waphuma ngawo lo-Main Road obheke eMgungundlovu.  Ngowesine lonyaka ahamba ubuso bekati.  Sigcine bemkhomba eGoli kwelidumayo omdala.








51

5. Isikhuni Sabuya Nomkhwezeli

Ikati leli abashaya ngalo abafana uma bonile lapha eNkovukeni, lithi lishaye nje kanye, kodwa liyoshiya imivimbo emihlanu lapha ezinqeni, impama yonke.  Pho kushaya ubani yena!  Kushaya uthisha uLushaba.  Lomlisa uma unesikhathi sokuba umbukisise, kuphela nya ngisho nokungabaza ukuthi kuliqiniso lokhu abakushoyo ukuthi okhokho bethu kwakuyizimfene; ikhanda leli liphume ngamashiya kwase kuthi amehlo wona athi kanti mancane, bese eyothi lokoloko laphaya phakathi ezingoxini zezigobhe. lphume-ke nayo imihlathi ikuhlangabeze, baba.  Umhlathi wakhe umunye, ungayibamba eyamaFilisti uwashiye elele ucaca nezikhali zawo.
Kade uLushaba eshaya oSiphiwe noVukani kanye noDumisani.  Ubashaye imivimbo emihlanu ngalo ikati.  Ubashaya nje, ukhona nonsumpa wesikole, umfundisi Nkomo.  Nguye owenze lesisinqumo semivimbo waze wabhala phansi.  Pho, liyaziwa elabo icala, elemihla.  Akekho ongazi lapha eNkovukeni ukuthi kuba inhlanhla enkulu uma ike yaphela inyanga bengazange bashayelwe icala lokweqa imingcele yesikole bobathathu.  Okumangalisayo nokho ukuthi njalo uma bebanjwa, basuke bebanjwe uyena ulushaba lo, kube nguye futhi obacebayo, kube nguye futhi obajezisayo.  Okuhlekisayoke kuloludaba lwabo ukuthi babanjwa endaweni eyodwa, laphaya kwaMajola, eduze nesikole.  Lomuzi udume ngokuthi uyabuthengisa utshwala besilungu.
Ekuphuzeni, qha, singabaphikela bobathathu.  Abaphuzi futhi ababhemi.  Isibunge esibasondeza lapha endlini kaMacingwane ukuthi kunentombazana, uThokozani Makhubu ebeyifunda ihlala lapha ehositela ngaphakathi.  Kuthe uma seyibhala u-P.H. wayo wobuthishela, ayaphumelela ku-Afrikaans kanye ne-Mathematics.  Kulonyaka-ke yenza lezizifundo zodwa, yingakho-ke ihlala laphaya kwaMajola. lqashe nje ikamelo lokulala uma seyibuyile ezifundweni ntambama.  Kunukanuka santungwana sengathi bayathandana uThokozani noDumisani njengoba oVukani laba benoSiphiwe bethi 'baba' lapha kuDumi.  Kanti kuThokozani bathi 'mama'.  Okwabo-ke lokho ongakubuza kubona uma ngabe uyazithanda izindaba

52

zemindeni yezingane zesikole.  ULushaba-ke yena uvamile ukuza lapha azozishayela ingilazi ntambama uma esewuqedile umsebenzi wakhe wesikole.  Kanti-ke, nangaphandle nje kwalokho, lapha emantombazaneni afundayo, liyabalwa igama lakhe uGorila, ikhonde, yena belu uLushaba lo.  Lapha-ke kuThokozani uthi angaphuza athi tshobe elawini lakhe esezovimbezela.  Ngelinye ilanga uThokozani waze wamemeza evusa uMaNgubo ukuthi nangu uthisha emvimbezela endlini.  Yadlula nje leyo ngokuthi uLushaba ubehlulwe ukudla, ubengaqonde lutho olubi.  Ukuqala-ke ukuba abazonde lababafana, yingoba wake wamfica uDumisani lapha elawini kodwa waphuma ngefasitela wabaleka.  Yaqala-ke lapho inzondo yokuthi kungenzeka kanjani ukuba isikhwebu sidlale inkawu bekhona omfo kaLushaba, bona abakhuluma indaba yesheke bethembise nomendo?

Uthe-ke noma esebashayile wadela uLushaba, umfundisi uthe abangaqale bahambe abafana laba ngoba usenezwi afuna ukulethula kubona.  UDumisani lona obethanda ukuba nenkanyana, wabonakalisa ngokusobala ukuthi yena lesisijeziso akasemukeli ngokupheleleyo.  Yena phela usekhulakhulile.  Ingani uzofundela ubuthisha nje kade ezisebenzela kwaSAICCOR laphaya eMkhomazi engumabhalane laphaya eNgwenyeni!
Umbone kahle nangenkathi evuka lapha ebhentshini ukuthi makube ubengekho umfundisi bebezodumelana.  Ngisho naye ulushaba uzibonele ngenkathi esukuma uDumisani, edumela isihluthu sakhe lesi sengathi izinwele uyazisiphula, ukuthi sekubhoke lona ulaka.  Ngisho neso ambheke ngalo, belisho nje ngokusobala ukuthi 'uyosindela ukuthi ngiyingane yesikole, wena unguthisha'.

Uthe evuka uDumisani ebhentshini kwabe kulaliswa uVukani.  Kuthe esamshaye kabili wezwakala esememeza ethi, "Sengathi inkosi ingakujezisa nawe ngamhla sekujeziswa izoni." Kwabe umsizile uLushaba ngoba umshaye zadabuka izinqana lezi, wayeselicwilisa emanzini anosawoti ikati, esepholisa nigamanzi lapho kudabuke khona esinqeni.  UDumisani waphinda futhi wasidumela isihluthu sakhe uma ebona, bandla uvukani eshobashoba ezwa kushoshozela lapha esinqeni.  Uke wanaka khona ukunaka uLushaba lowo!  Usuke

53

wamoyizela wabheka eceleni.  Umfundisi yena usuke wabheka phansi, kwahlasimula umzimba nakuye.
USiphiwe yena uvele waququda imihlathi ngoba uyazibonela ukuthi ukukhala akusizi ngalutho.  Futhi ngisho nalo ikhonde liyasizakala uma likuzwisa ubuhlungu.  Alisenaluzwe-
la.
Pho, nalo lelibhentshi balakhela wona lomsebenzi namabhande akhona okubopha entanyeni, okhalo, nasemlenzeni.  Ngisho ungagxuma kangakanani awunakho ukuliwisa ngoba lakhelwe lapha phansi ngamabholidi.
Beme-ke bobathathu kuyilowo ehlikihla lapho eshaywe khona.  Akuvumi nanokuba bahlale phansi.  Yikhathi sekungena usawoti lapha emivinjeni.  Akuvumi nokuba ababheke umfundisi, uzibhekele phansi.  Bese ekhuluma ngesingisi noLushaba ukuthi usengahamba.  Nebala aligqoke ibhantshi lakhe aphume.  Alindele umfundisi ukuba izigi zakhe zize ziyophelela ngasestaff- Room.  Phela unkabi uhamba sengathi uyesindana lapha emahlombe ngenxa yalezizinsimbi azithwalayo.  Kanti abafana bayadlala yini uma bembonga ngokuthi unguGorila, ikhonde!  Uma engase akuzwe uthi Gorila noma uthi ikhonde, uyowukhomba umuzi onotshwala ngoba mubi umfo kaLushaba kanti unenhliziyo embi enjalo nje.
Athinte isikhwehlela umfundisi bese ethi: "Bafana bami nobathathu, nina kanazi ukuthi izolo kwenziwe isinqumo sokuthi kungcono nixoshwe ningabe nisahlolwa nakuhlolwa." Awasho maqede lawomazwi bese ebheka phansi amanzise izindebe zomlomo wakhe ngolimi.
"Kulesosinqumo, kuthe noma ngithi ngiyalala unembeza wami wangakuthola ukuphumula ngoba ukuxoshwa kwenu akujezisi nina kodwa kujezisa abazali benu bengone lutho.  Uma ngicabanga indaba kaVukani ofundiswa umfelokazi, angikutholi impela ukuthula emoyeni, ukuthi kodwa nina anisaphezi yini ukuba njalo nilokhu najeziselwa icala elilodwa lokweqa imingcele yesikole." Athule isikhashana ababheke ezinhlamvini zamehlo.  "Yingakho nje ngithe ake nisale lapha kengizwe ukuthi kodwa nabulawa yini ngalendaba yokweqa imingcele yesikole.  Yilokho nje ebengingafisa ukukwazi okungcono sithungele injobo yethu ebandla." Aphakamise amehlo abheke isikhathi.
Bathule babheke phansi bangaze baphuma nazwi.  Kuzwa-

54

kale lona iwashi.  "Ningesabi, bafana bami.  Njengoba nginitshelile, yisinqumo esithathwe ngazwi linye ukuthi kufanele nichithwe lapha eNkovukeni ngoba niyimpethu embi nakwabanye abantwana.  Kukhona eningafisa ukukusho?" kubuza yena umfundisi amehlo engawasusi lapha kuDumisani.
"Kuyobe kusasizani ukuchaza kwethu ngoba sesijezisiwe saba nje?" kubuza yena uDumisani.  "Ngisho nesiboshwa sizikhalela singakakhishwa isigwebo.  Singabe sisakhalela into ephelelaphi uma sesikhishiwe isigwebo?"
'Phela nami sengibuzela ingomuso ngoba ngithe uma ngibala ukuthi besenibanjwa okwesithupha nibanjelwa into efanayo, ngadinga nje ukuthi kanti ningenwe yini," kusho umfundisi ephenya lapha ebhukwini lakhe lezephulamthetho.  Ubelihlalele ubusuku bonke elihlolisisa.
"Uxolo, baba mfundisi," kusho uVukani ngelincane.  "Angithi nawe, baba, uyaye ukuphawule ukuthi njalo sitholwa endaweni efanayo uma seqile?" Athule umfundisi enwaye ikhanda.  Awasuse amehlo kuDumisani abheke kuvukani.  Anqekuzise ikhanda kodwa angaphumi ngalizwi.
"Okwesibili, mfundisi, ngicela ukuba unakisise ukuthi kuwona onke lamacala ethu okweqa umngcele munye nomuntu osibambayo, uyena uthisha Lushaba lo," sekusho uDumisani eneka izandla.  "Uke uzibuze wena baba ukuthi yini ebangela uLushaba ukuba akhuthale kangaka uma efice thina kwaMajola?"
Kwedlula ingilosi.
Umfundisi uNkomo wahlanganisa izandla sengathi ulungisela ukuba athandaze kodwa iminwe yabe ilokhu inyakazile, iyaluza.  Phela yena umbona ngokwenzenjalo uma ecabanga into ejulile.  Ingani nasebusuku ubehlushwa yiwona lowomcabango, edinga nje ukuthi bona lababafana abahlale bebanjwa kwaMajola ingabe basuke beyophuza khona yini.
'Mina, baba mfundisi, uma bengike nje ngaxoshwa bengizowadalula onke amaqiniso alihlazo akulesisikole okuthi kuthi uma kone uthisha icala lakhe lesulelwe ngezingane yena ayekwe," kusho yena uDumisani.-
"Macala mani lawo enziwa wothisha bese kujeziswa izingane?" kubuza umfundisi eqala amanye amehlo.  Ambuke uDumisani.
"Sengisho-ke, mfundisi, uma singahle sibhekisise loludaba

55

lwethu, ngingathanda ukubuza ukuthi uLushaba yena usuke eyofunani kwaMajola.  Usuke ezofuna thina kambe?" kubelesela yena uDumisani.
"Chaza, mfana wami, noma wesaba lababafanyana?  Phumani nina Vukani ninoSiphiwe," sekusho yena umfundisi esukuma eyovula isicabha.  'Ningasho lutho kumuntu ngisho noma benibuza ukuthi nenziwe njani, kwathiwani."
Baphuma-ke ovukani noSiphiwe, umfundisi wasala noDumisani.  "Khuluma, mfana, ngoba sengathi uza nendaba.  Ungesabi lutho ngoba nginaso isifuba," sekusho umfundisi okhela usikilidi emva kokuba ewushaye ngesidunu lapha ephaketheni.  Athule adonse kathathu lapha kusikilidi, abheke uDumisani.
'Uma besixoshiwe nje, belizokwazi izwe lonke ukuthi baziphethe kanjani othisha balapha eNkovukeni.  Impela, mfundisi, bengizowageqa amagula ngidalule onke amaqiniso," kusho yena uDumisani.
"Khuluma, mfana wami, ungesabi lutho ngoba sisodwa lapha.  Ngivulele sonke isifuba sakho ngoba sekusobala kimi ukuthi kukhona udaba olugodlile esifubeni sakho," kuheha umfundisi.
'Okokuqala, mfundisi, bengicela ukubuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuthi othisha baqomise lapha ezinganeni zesikole?" kubuza uDumisani ngesineke.
'Ini?  Uthisha aqomise enganeni yesikole!  Aliqulwa nakuqulwa icala likathisha owenze njalo.  Uphelelwa umsebenzi uthisha oqomisa ezinganeni zesikole," kusho umfundisi esethanda nokufudumala ngalendaba.  "Wena, Dumisani, kungabe ukubuziswa yini lokho?"
"Ngiyabuza nje ngoba kunezimpawana ezingasile ezikhombisayo ukuthi uthisha Lushaba usizondela indaba kamzala uThokozani, ohlala kwaMajola, ofunda lapha eKolishi." Usesiqunge sonke isibindi manje uDumisani, usethi nje sezingamane zilime zibheke etsheni.
"Uthi uLushaba unizondelani?  Ubani lentombazana anizondela yona?  Mina angisezwa kahle manje.  Landa nje kahle, wena mfana, indaba ngiyizwe kahle.  ULushaba uyini nalentombazana yakwaMabuza ehlala lapha kwaMajola?" kubuzisisa umfundisi.
"Angiyilande nje yonke indaba njengoba injalo nawe baba

56



uzizwele ukuthi sibangani noLushaba njengoba esefuna ukuba sixoshwe lapha esikoleni nokuhlolwa sekulapha emnyango." Asho athinte isikhwehlela uDumisani.  "UThokozani wafeyila i-Afrikaans kanye ne-Mathematics, ngonyaka owedlule.  Ukuze-ke azibhale lezizifundo nesitifiketi sakhe siphelele, udele ukuba ayofundisa kodwa waqoka ukuba azofunda ehlala lapha kwaMajola," kulanda uDumisani.
"Manje-ke, wena uyisihlobo sikaThokozani lowo?" kubuza umfundisi.
'Ngizochaza kanje, baba.  Kusukela efikile kulesisikole kulowanyaka, izingubo zami zokugqoka bengizihlanjelwa uyena uThokozani njengoba eyintombazana yangasekhaya eMatimatolo."
"Kodwa akasona isihlobo segazi lapha kuwe?" kubuza umfundisi.
'Ngizosho njalo ngoba ngesikhathi ephuma ekhaya wanikezwa mina esandleni ukuba ngize ngimbhasobhe nalapha esikoleni, angafiki adlale ngesikhathi sakhe eselibele abafana.  Kulapho-ke la saqala khona ukuba singabe sisezwana nothisha uLushaba," kulanda uDumisani.
'Senixatshaniswa yini manje noLushaba?  Angizwa kahle lapho." Manje umfundisi ubuza nje usekhexile, usebona kahle ukuthi uma ubebaxoshile lababafana ngalendaba, ibizofaka igama lakhe nelesikole sonke enhlambeni lapha kumaphephandaba ukuthi kuxabane abafana nothisha kubangwa amantombazana afundayo - baxoshwa-ke abafana.
"Mina esami isono ngesokuthi ngiyisithikamezo esivimbela ukuba uThokozani amqome, noma-ke aphendule izincwadi zakhe zokumqomisa lezi ambhalela zona." Kulanda uDumisani ngesineke.  "Ngelinye ilanga wake wangifica khona elawini likaThokozani ngimthethisa ngoba ngamfica ethi uphendula incwadi yakhe uthisha lo.  Ngaze ngasho ngathi sengizobhalela ekhaya ngisho ukuthi yena useqomene nothisha.  Ngamphuca incwadi leyo evela kuthisha nalena abeyibhala, kanti-ke uLushaba uyangibona.  Nokho-ke akangicebanga ngalelolanga."
'Unabo ubufakazi bokuthi uLushaba uyaqomisa lapha kuT'hokozani?" kubuza umfundisi ekhumula izibuko.
"Yebo, mfundisi, zikhona izincwadi ngoba uThokozani usezinikeza mina uma embhalele.  Waqala ukuqomisa kuye ngonyaka owedlule esahlala lapha ehositela uThokozani.  Manje akasapheli kwaMajola ngoba egasele yena uThokozani.  Pho, baba mfundisi, angayeka kanjani ukuba asizonde?"
"Mina ngisabuzisisa ukuthi unabo ngempela ubufakazi balokho na?  Ungakhohlwa phela ukuthi naye uLushaba angangimangalela uma ngingenabo ubufakazi obupheleleyo.  Angathi isikole simhlambalazile afune ukuba agezwe.  Uyayibona lento engiyishoyo, mfo kaGxabhashe?"
"Ngiya'yibona, mfundisi.  Mina nginazo izincwadi ezabhalwa nguye uthisha ezibhalela uThokozani, eqomisa.  Nangaphandle nje kwalokho, uMaNgubo, unkosikazi wakwaMajola, angafakaza ukuthi ngelinye ilanga uthisha wake wakhiyela uThokozani, embamba, uThokozani waze wamemeza, ebiza uMaNgubo.  Uma esebuzwa uthisha waphendula ngokuthi yena ubephuzile, engayazi nento ayenzayo.  Ngisho noma ungaya uyombuza uMaNgubo."
Akhexe manje umfundisi.  "Sengiyezwa-ke manje ukuthi kanti lembilapho ivuna siphi isilonda phakathi kwenu noLushaba," sekusho umfundisi enqekuza ' ikhanda.  "ULushaba unegqubu ngoba nakhu wena umthikameza.  Angithi usho njalo?"
"Wukuphela nje, mfundisi.  Bengingadela uma bengabizwa oMaNgubo naye uThokozani bafakaze nabo."
'Lalela-ke, Dumi, mfana wami.  Yonke lendaba mayibe yisifuba sethu sobabili.  Ungalingi nje kewuyithi vu kumuntu ngoba uyabona ukuthi lento ibucayi kakhulu ngoba uma ubufakazi lobo buvela kuzodinga axoshwe lapha ebuthisheleni uLushaba.  Wena-ke uyothi ungazithola izincwadi lezo zokuqomisa, zikaLushaba, uzilethe lapha kimi zandla zakho, ungaziphathisi omunye umuntu.  Uma ngingekho ehhovisi lami, uze uzilethe emzini wami.  Angithi ungizwa kahle?" Kugcizelela yena unkom' edla yodwa.  Baze behlukana sekucinywe ngisho nogesi ezindlini zokulala.  Umfundisi wamphelezela ngethoshi uDumisani.
Kwaze kwasa uDumisani ecabanga ngalendaba yokuthi angazibuyisela kanjani'izinduku lapha eKhondeni.  Ngelikade, icebo laziletha.  Kunomoyana wokuthi uLushaba uqomisa nakuZodwa Zungu lona ofunda nabo oThokozani.  Okungcono uThokozani uzozicela izincwadi lezo ukuze kube nobufakazi obuqinile.

58

Kwaba usho entshweni lapha kuThokozani uma esemvulele sonke isifuba sakhe ngengxoxo yabo nomfundisi.
"Phela ufikile uGorila eneme kakhulu.  Ubesibelesele ngokuthi nixoshiwe ninoVukani noSiphiwe," sekusho uThokozani uma eseyizwa indaba yonke.  "Impela kungabe aphume nobomvu uma singaxoshwa lesisicefe sekhonde.  Ngisho naye uZodwa uzovumela phezulu uma ngizicela."
Lashona ngoLwesine sezisesandleni sakhe uDumisani izincwadi.  Nampaya sebezihlalele bobahlanu endlini kaThokozani bekhetha lezo ezibheda kakhulu.  UZodwa phela uzilethe yena mathupha izincwadi.
"Qha, impela uyisigwadi sokuzalwa uGorila.  Kungathi intombazana usayeshela bese ukhuluma indaba yokuyicela ingakakuqomi nakukuqoma!" sekusho uDumisani eqeda ukufunda lena yesithathu.  Bafe yinsini.
"Kanti-ke wumthetho wabo othisha uma beqomisa enganeni yesikole.  Sesize thina sithi lokho yi-Teachers' Course, uma umfana ekuqomisa ngokukwethembisa umendo."
Bayokhe-ke lapho insini kuze kubebuhlungu izinhlangothi, Izincwadi zifundwa kakhulu.  Kulena eyesine incwadi uLushaba uzibhalele isingisi esiphakemeyo, ecaphuna amazwi ezilomo zamangisi ezinjengoWilliam Shakespeare, oMilton noRudyard Kipling, ngisho naboChaucer imbala.  Bahlukana sebenomusho wabo ophethe lencwadi othi: 'To be or not to be, that is the question."
Lapha eNkovukeni bathandaza ndawonye ngoMsombuluko nangoLwesihlanu.  Wathi angaqeda ukuthandazisa umfundisi Nkomo wabe esuka uDumisani eseqonda kuyena efika nalezizincwadi zozine.  Usezihlanganise ngesihlilingi.  Wafika nje wamnikeza zona engasashongo lutho futhi naye umfundisi akaze abuza lutho.  Wemukela zona izincwadi wayesethi: "Uze ufike ehhovisi ngo-2 emini."
Babhekana bonke kusukela kothisha kuze kushaye ezinganeni.  Akekho phela ongabonanga uDumisani enikeza umfundisi izincwadi lezo.  Ingabe ezani zona lezozincwadi.  Athi eshaya amadina wabe esebizwe kathathu uLushaba ehhovisi likaNsumpa wekholiji ukuba akaziphendulele.  Kulokhu okwesine wanikezwa izincwadi zozine ukuba aziphike noma azivume.
Wayifunda maqede lena yokugcina enesingisi esiphake-

59

meyo wabonakala eseconsa umjuluko ebunzini.  Ambukisise umfundisi.  "Naleyoncwadi uyaphika ukuthi wayibhalela uThokozani Mabuza?" sekubuza umfundisi lapho esibona isandla singqangqazela.  "Noma kambe ufuna siyobiza yena uThokozani?"

"Kodwa angikhumbuli ngibhalela uThokozani incwadi efana nalena..." sekuphendula yena umfo kaLushaba emva kokuba eseyifunde isikhathi eside.  Abuye ayiphinde.

"Kukhona yini ukungabaza ukuthi lesi akusona isandla sakho?" kubuza umfundisi.  "Angithi uyavuma kodwa ukuthi lesi yisandla sakho esabhala lezizincwadi zozine?  Zibhekisise, Lushaba, ungajahi..."

'Isandla sami lesi, angiphiki nakancane.  Into,engingayizwa yilena yokuthi uThokozani wazithola kanjani lezizincwadi..." kuzikhalela uLushaba enwaya ikhanda.
"Okusho ukuthi bekukhona abanye obewubabhalela zona izincwadi ezifana nalezi?" kubuza umfundisi ngesineke esikhulu.  Inkukhu inqunywe umlomo kuLushaba.  Engani lezizincwadi bezilethwe kumfundisi uyena uDumisani.  Kungabe ubetholenephi nazo yena ngokwakhe?  Lamesinda ikhanda uLushaba.  Manje uma esebuyise izinhlonze ebunzini, useyiIona nje ikhonde elingabuzwa nxa selifuna ofezela.
"Ngoba nakhu nemibuzo yami awusavumi ukuyiphendula, sengicela isinqumo sakho sokugcina ngaloludaba lulonke.  Njengoba umthetho uyawazi ukuthi uthini maqondana nokuqomisa ezinganeni ozifundisayo, ngithanda ukukwazisa ukuthi kusukela manje kuze kuphele amahora angama-24, asisakulindele ukuba ubonakale emagcekeni aseNkovukeni.  Uzosiza ngokushiya ikheli lakho lasekhaya ukuze sikuthumelele umholo wakho uma sesibhalele oLundi kulabo abakuqashileyo".

Wathula lapho uLushaba ebheke phansi sengathi usalizwa iphimbo likavukani lithi, sengathi inkosi ingakujezisa nawe ngamhla sekujeziswa izoni.  Lingakakhali iqhude, nakhu sesifika esakhe isijeziso.  Akusekho ukwenzenjani.
Wahamba kanjalo-ke uGorila.  Wathi uphela unyaka olandelayo babezishadela oDumisani noThokozani.  Ngikhuluma nje banomuzi wabo laphaya eNtuzuma, eduze kwaseKuphakameni.

60

6. ""Lapho Izivunguvungu...

Umfundisi Mbuyisa lona obephethe ibandla laseSwidi, eMpaphala, unesiphiwo saphezulu sokushumayela nokuphendula abantu.  Uma eseyichaza imibhalo engcwele, uyichaza indaba uze uyibone ngokusobala ngamehlo enhliziyo.  Angisaphathike uma esezibiza laphaya esiguqweni eMsamo, isifazane siyanyathelana.
Yakhiwe lensizwa kanti nesikhundla lesi sobufundisi ungathi yayidalelwe sona isesenimbeni kunina, uMaKubheka. lwushiyile umhlabathi lensizwa; yasho ngamehlo ayo amakhulukazi.  Ezakhe izibuko ezimnyama sengathi ngezelanga.  Noma ekubhekile awuyiboni inhlamvu yeso, kanti akungabazeki ukuthi ngezemali.  Loluhlobo luthandwa ngamahumusha.
Uma eseyixoxa indaba yakhe engakalutholi ubizo kwezevangeli, nize nibhekane, nisho ngezinhliziyo ukuthi insila yobuhumusha ayiphelisisanga lapha kumdedelwa noma

esengumfundisi; nokho-ke ...
Ngenkathi efika lapha eMpaphala, wenza eningi inguquko lapha ebandleni, ikakhulu kulaba abaphethe izikhundla.
Pho unephimbo yini umntakaSikhotha!  Uyigqiba yonke indlu yesonto uma ezidonsa phambili.  Kusuka umunyu uma esecula leliculo elithi:
Laph' izivunguvungu
Zivus' umoya wami ...
Umbona kahle lapho kuyisonto lesithebe seNkosi.  Amehlo lawa akawasusi laphaya esililini sawomame, ikakhulukazi komakoti nezingoduso ezibukekayo.  Umbuka umakoti womuntu, uyoyibona ingane yabantu seyizilungisa ubala uma eseyigqolozele umfo kambuyisa ohwanqa.  Ungathi wabulawa ngesimame.
Ngenkathi efika lapha ezothatha isikhundla sekhehla, umfundisi Luthuli,osathola umhlalaphansi, walimisa nje ngesihloko ukuthi phela ukhehla, uMadlanduna, ubedonsisa izinkabi ezindala ezihambisana nentanga yakhe - esho phela amakhehla ne.zalukazi abaphethe izikhundla lapha ebandleni.  Wakubeka ngokusobala-ke ukuthi naye njengomuntu omusha ose-

61

nomfutho, uzocela ukuba azikhethele labo abazobambisana naye lapha kwezevangeli.

"Phela nazo izalukazi lezi namakhehla, seziphathile kwenela ngakho sekufanele ziphunyuzwe," sekusho yena umbuyisa mhla kunembizo yokhetho.  "Bheka ngoba sebehlala bekhala ngamadolo namaqolo.  Yingakho nje bengasakhuthele kangako emihlanganweni nasezimvuselelweni, bebika khona ukungaphili.  Kungabanjani kesifake bona omakoti laba nezinsizwa lezi ezisebenzayo, ezihola kahle nasemafemini?  Yibona abantu abasebasha okufanele ukuba kube yibona abaphambili efolosini ekudonseni inqola yevangeli.  Nithule nithini, bakithi?"
Wayibelesela lendaba yaze yezwela ngoba obaba uMkhize, idikoni, benomkhokheli, uMaNgcobo, baphuma ezikhundleni.  Endaweni kaMkhize sekufakwa uSithole, umlamu wakhe umfundisi, kwase kuthi umkaMkhwanazi, uMaMpanza, wasebangumkhokheli.  Lathanda nokho ukuba likhononde ibandla uma uMaMpanza eseqokwa futhi ukuba abe ngumabhalane webandla phezu kokuba engumkhokheli.
Baqala-ke manje ukukhuluma ngasese ukuthi usenzani phela umdedelwa, besho behleba ngoba phela amakholwa akamqondi umuntu amtshele ekhaleni.  Baqala manje ontangayakhe abakhula naye oDidini ukuthi kusekuncane lokho, usazobafundisa umdedelwa owadedela izimbuzi zawaqeda amabele kaMaZondi, lakhala ifafa kwaye kwayokhalwa ngisho nas'Otimati.  Behasha yena njalo.
Baqala manje ukufakana imilomo ukuthi bayabona nje ukuthi njalo ngamasonto uma seliphumile isonto nakanjani uMaMpanza kuzothi lapho sekuhlakazekwa bese eba ngumuntu okhohlwe yinto ethile lapho ebehlezi khona abe ebuyela khona njalo futhi esontweni uma sekugodukwa.
"Bodade, yibani nihamba; ngisaphuthuma isikhwama sami semali esisale esihlalweni ... Yeka nami nokukhohlwa sengathi umuntu uyisalukazi!" Uzothi angasho njalo bese bebhekana behleka ngoba kade bayifunda ivaliwe ukuthi kukhona inyoka esikhwameni kulokhukukhohlwa kwakhe, selokhu engene kulesisikhundla sobukhokheli-mabhalane.  Bayifunde ivaliwe ogogo noma bezithulele.  Engani uMaMpanza akakhohlwa lutho uma umfundisi Mbuyisa engekho lapha eMpaphala esayoshumayela eGatsheni!
Uma indaba seyihletshwe ngamakholwa ubokwazi ukuthi

62

leyondaba seyaziwa yizwe lonke jikelele.  Ngokunjalo yaze yagcina seyifinyelele ezindlebeni zikaMkhwanazi, eseMbilo, eMpushini, ukuthi phela kuhlaleke nje, umkakhe usala ngasemuva uma seyiphumile inkonzo selokhu kufike lomfundisi omusha.  Pho angayeka umsebenzi ngenxa yalokho!  Azithulele umntakaNkwali ngoba phela nalo lelithashana elingu-Veronica kade lalimqinela ngisho besaqomene.  Pho angasukela udaba olubucayi kanje aluthathele phezulu!  Ayibanjwa isavele ngekhanda.
"Umuntu akazithulele sengathi akaboni ngoba nenhlwa iyethuka uma uyiphuthuma isavele ngekhanda," sekusho yena usiqwayi ngenhliziyo uma eqwashile elokhu ephenduka embhedeni kwaMeyi, enkomponi.  "Uyofika nini kodwa uSeptemba umuntu ake athole amasontshwana esekhaya?"
Yathi lendaba uma igxila lapha emqondweni wakhe, wehluleka ukuzibamba.  Sebemethuka nje efika ekhaya ethi kukhona azokulungisa laphaya komkhulu, kwamnumzane.  Ngesonto wavuka wathi usafisa ukuba akaye esontweni ngoba selokhu agcina kusaphethe uLuthuli.  UMaMpanza yamthokozisa impela lendaba yokuthi bazobe beye enkonzweni noyise kafalakhe.  Wabetatazela emlungisela lensudi yakhe ensundu avela ngayo mhla kwehlahla likaKhisimusi ngonyaka owedlule.
"Phela, Nkwali, kubamnandi kanjani sewumkhomba owakwakho ngokungenqeni, ukuthi nanguya usofasilahlane engamkhetha kuzona zonke izesheli zami," sekusho lona leliqhalaqhala elinguMaMpanza lapho limlungisa ifindo likathayi bengakaphumi.  Ngisho nezingane zabo, oFalakhe benoBusisiwe, zabaphelezela ngamehlo baze bayosithela.  Bafanisene kamnandi yini pho!
Inkonzo yayisand' ukungena ngoba bafika kuculwa ivesi lesibili, leculo elithi: 'Laph' izivunguvungu...' Uphume phezulu umbuyisa, ubagqiba bonke.  Igcwele indlu yesonto.
Iqhubeka nje inkonzo, umkhwanazi yena akezwa lutho, ebukela lomfundisi omusha.  Akumangalisi indlu yesonto Igcwele bona omakoti laba nezingoduso.  Engani kuLuthuli kwakugcwala amakhehla nezalukazi, pho manje bangegcwale ngani abasha uma sekuphethe umfundisi osemusha!  Usho ukuthi impela uma ngabe bengenwe umoya, awuzingenanga ngani izinsizwa?
Amehlo akawasusi lapha kuMbuyisa futhi akungabazeki

63


low



"Ungasho njalo umuntu uqala nje ngisho nokumbona?" kuhleka uMaMpanza eyaluzisa leziziphayiphayi zakhe za-

mehlo.
"Pho, manje singabonana nini ngalelisonto ngoba lana nge-
ledlule?" kubuza uMbuyisa.
"Ngingazi yini, baba, ngoba nangu noyise kaFalakhe ngimethuke efika?" kusho uMaMpanza.  'Kangazi ukuthi uyohamba nini.  Nokho uma kungakulungela, baba, singehlangane ehlathini phansi kwesihlahla somthombe ngezikhathi zabo-11

emini?"
'Usho-lomthombe ophakathi naphakathi nehlathi?" kubuza uMbuyisa ephakamisa amehlo kulento abeyibhala.  "Phela ungalingi uphuthe ngoba ngesonto elizayo ngizobe ngingekho.  Impela uma lingase liphinde futhi line ngomuso, ngiyokwazi ukuthi sikhona isichitho esikhona." Bahleke bobabili.
"Noma lingana kodwa mina ngiyodlule ngiyotheza ngoba kunezinkulumana asebeziqalile omkhokheli omdala, izinkulumana ezingasile," sekusho uMaMpanza ehlisa izwi.
"Yizinkulumo ezithinta thina nawe yini?" kwethuka umfundisi ethi thwecu esihlalweni.  "Musa wena ukungethusa!"
"Nakanjani-ke kusasa esihlahleni ngo-11.  Lowo oyofika kuqala afike alinde," sekusho uMaMpanza ehlehla.  "Angihambe nami, baba, hleze noMkhwanazi aze asole kanti bengithe ngisayothatha iduku lami elingikhohlile - kusasa-ke nakanjani."
Azizwe izigi ziyophuma ngomnyango wangasemuva e-Vestry.  Naye uMkhwanazi ajikeleze ngaphambi kwendlu yesonto ukuze kubonakale impela ukuthi uvela kuzona izindlu zamadoda zangasese.
"Ngiyasola impela, isisu sami soniwe ubhatata wayizolo," sekusho uNkwali elandela umkakhe bengena eqonde ekhaya.  Ngaphakathi enhliziyweni ugaya izibozi okaNkwali.  Kanti oHadebe babengaqambi manga ngalendaba yomkakhe nomfundisi!  Kusobala kade zawaqala lamabele uma sezize zakhela nezidleke imbala.  Yimizindlo leyo ephethe usiqwayi njengoba uzibonele futhi wazizwela.  Kodwa kuyosa nini abheke ukuthi izophinda futhi intengu izodlela emthombeni
lowo ngo-11 kusasa:.
"Habe!  Uma sifika ekhaya ungikhumbuze ukuba ngithume uFalakhe ukuba ayongebolekela ihhashi kumnewethu, uSakhile," sekusho yena uSiqwayi.

65

"Kungabe ubhekaphi, baba, ngehhashi?" kubuza uMaMpanza

"Njengoba nasemsebenzini ngicelile ukuthi ngizobe ngingekho kusasa, ngizobe ngisaye kumnumzane ukuyolungisa udaba lwamasimu."
Baye bafike ekhaya.  Waqwasha kwasa uSiqwayi.  Ekuseni kwavuka yena kuqala.  Wathi angaphuza inkomishi yekhofi ukuqabula ubuthongo, wabe ebophela inkabi yenjomane zaya.  Wema uMaMpanza eyibuka injomane yakwabo emvub' amabele igxamalaza, isantuza, ijije intamo yaze yayosithela.  Naye umntanomuntu kufanele abe nexhala ngoba umyeni wakwakhe ungumuntu othulayo, ocabanga ajule uma into eseyicabanga.  Naye-ke njengoba edlala ugovane wakhe ngaphakathi, kufanele ukuba abe neqiniso lokuthi uhambe ngempela uyise kaFalakhe.
Ukhumbula izwana alishilo uma kade exhawula kumfundisi. Kambe ubethini uyise kaFalakhe uma ethi: 'Kudela nina MaMpanza ngoba seniyizinsikazi lapha esontweni yikho ningasaphuthi!' Uthe uma ethi uyambuza ukuthi ukusho ngani ukuthi uyinsikazi yesonto, wathi ubengabuzi ngani ngenkathi umfundisi emtshela lokho.  Selukhonyana uvadlwana ngendaba yokuhlangana nomfundisi ngo-11, emini.
Bamethuka esekhuleka emagcekeni kwamnewabo uSakhile, uSiqwayi: "Hhawu!  Nkwali!  Kungabe sigezephi kangaka uma sihanjelwa nguwe ekuseni?" Sekusho yena umnewabo emxhawulisa nehhashi belikhumula imikhala nesihlalo.
Bema lapho egcekeni eside isikhathi bekhulumela phansi.  Qha, uyalanda ngoba uze eneke izandla uyise kaFalakhe.  USakhile abuye abambe ongezansi, anikine ikhanda.  "Mina elami mfowethu ngelokuthi ungalingi umbeke isandla umfazi uma umsola ngesimilo - ngaleyondlela usuke umkhuthaza futhi umfaka isibethelelo." Lelo-ke lakhishwa uyena uSakhile.  Basuka-ke sebeyongena endlini.
"Nkosikazi yomuzi!  Sikhulekile ekhaya!  Nkwali!" sekusho yena uSiqwayi lapho behlangana noMaNyuswa - umkaSakhile.
"Hawu!  Nkwali, akusasetshenzwa yini kanti?  Siyakubingelela, mfowethu," kwenanela umame.  "Sijabulile bo uma sizwa ukuthi nibonakale esontweni izolo noMaMpanza.  Sengathi lowomoya ungawufaka nalapha kumnawe wakho."

66

Basuke bamokhe ngensini bobabili.  "Ungathanda yini uma sesingasonta MaNyuswa?  Uthi kungechitheke gula linamasi uma sekungasonta ezinathi laba?" Bayithinte futhi insini bobabili.  Awuhlabe inhlali umntakaNgcobo uma umyeni wakhe ekhuluma kanje.  Naye unolwazana oluthile.  Bazihlalele bazixoxele babuye bashone nasexhibeni.  Kwathi uma sebeshaye baphola o-10, wase eboleka isimbo uyise kaFalakhe wathi kunekhanjana afuna ukuyolimba.
"Hawu!  Kanti mfowethu sewufike wafunda amakhathakhatha eThekwini?" sekuncokola uMaNyuswa.
"Ukuhlupheka umuntu kumfundisa yonke into, mntakaNyuswa," kuhleka uSiqwayi.
Wahamba-ke waye wayoshona ehlathini leli abatheza kulo.  Uma elibheka iwashi afice ukuthi kusashaye u-lOh45, isikhathi sisalungile.
"Ngizozihlalela khona lapha phezulu emthini ngibheke.  Ngiyamdabukela lowo oyofika kuqala," sekusho yena uSiqwayi ewuzungeza umuthi.  Useqalaze wadela ukuthi akukho muntu ongase ukuba uyambona.  Wahlala-ke lapho emthini ecashile.  Kuthe uma eseqala ukuba nenkwantshu emlenzeni, ezwe umsinjwana womuntu sengathi uyatheza, ecula.  Iphimbo aze alizwe uma eselapha eduzane.  Sekunguye uMaMpanza ucula ingoma lena abafike esontweni iculwa:
Lapho imihla yami
Incipha emhlabeni ...
Qha, acabange ajule umntakaNkwali.  Asho ngenhliziyo athi izivunguvungu lezo azikaqali, yikhona zizoqala.  Ahleke kancane.
Pho lapho ekhona ungeke wambona ngoba kwenile kanti namagatsha ahlangene ngoba aze ayothi ngci phansi enza indlu.  Engani ngisho besakhula yilapho babecasha khona uma izinkomo zonile emasimini.  Manje-ke sekuyizinkomo zakhe zamabheka ezizocasha lapha!
Ngelikade aze angene lapha phansi kwesihlahla, nakhu sekuzwakala umlozi ocula yona lengoma yezivunguvungu.  "Kusobala kade zabaqala lezizivunguvungu zabo - noma kambe kade baziqala lezizivunguvungu abacula ngazo," sekusho uSiqwayi ngenhliziyo.  Ayizwe inhliziyo seyishaya masinyane.
Umlozi ungcwenge kamnandi usondele uze uphelele lapha
esihlahleni.  Wathi angathinta isikhwehlela uMaMpanza,

67

kwase kunyakaza amacembe esihlahla, esengena umdedelwa.  Kekuthi cwaka imizuzwana.  "Sekunesikhathi yini ufikile lapha V?" sekubuza umdedelwa enyenyeza.
"Cha, akusikhathi esingakanani ngilapha.  Into nami ngike ngashaywa luvalo olubi ngacishe angabe ngiseza nakuza, baba." Lawo ngamazwi kaMaMpanza.
"Bewungalokotha kodwa ungezi kanti ngilale amaphaphu ephezulu ngalento oyishilo izolo ukuthi umkhokheli omdala usenamazwi.  Kungabe bathini kodwa V.? Phela kufanele sicebisane sobabili futhi sivusane uma uthando lwethu selusimboze ngofasimbe emqondweni.  Uyayibona lento engiyishoyo?" sekuphawula yona inceku yenkosi.
Athule isikhashana uMaMpanza.  Ezwe enefindo entanyeni.  Ekugcineni ezwakale ethi: "Yebo, baba, bakhuluma ngathi ukuthi kwenziwa yini njalo uma seliphumile isonto kubekhona into engikhohlile esontweni, kanti uma ubaba mfundisi engekho angikhohlwa yilutho.  Uyabona ukuthi bayasolasola, baba?  Mina, baba sengithanda ukwesaba ngalendaba ngoba futhi..."
Amnqamule olimini lapho ngokuthi.  "Phela kufanele ube novalo.  Nakho lokho bakususela emoneni wesikhundla lesi owamsusa kuso.  Uyakubona lokho?"
"Ngisho noma ungangimisa isibindi esingakanani, kodwa phela kufanele ukuba ungicabangele, baba, njengoba ngingumuntu wesifazane - ngingumuntu obuthakathaka kanti futhi njengomshadikazi, usekhona lowonembeza osemithethweni elishumi..."
"Hhawu!  Wangethusa kwaphela ngisho nasozwanini uma kanti sewushumayela," sekuzikhalela umdedelwa.
'Qha, baba, angishumayeli, musa ukungibhuqa," sekusho yena uMaMpanza.  Sekunguye uVeronica, igagu lakoThabakhulu kuseyilo.  "Akusizi ukuba ngingabe ngisazicabangela ingomuso lami.  Bheka khona manje nangu uyise kaFalakhe simethuke efika ethi ukhumbule esontweni.  Wagcina esontweni kusekhona ubaba uLuthuli.  Namuhla-ke kungabe ulikhunjuzwe yini isonto?  Phela ngisho nabo utshani lobu buyabona njengoba nawo amatshe lana ayakhuluma."
Yedlula lapho ingelosi.  UMdedelwa wezwa eshaywa oluncane uvalo kwehla umjuluko ngomgogodla.  "Ngiyakuzwa, Veronica, ngikuzwa kahle, Thabakhulu.  Nami ngidlale usathane

68

ukuba ngikufake esilingweni esilihlazo elingakhubekisa abaningi uma lingavela kubantu," sekusho inceku yenkosi ngephimbo okungelona elayo lemihla.  "Okungenani asithandaze sicele intethelelo: 'Kuwena ongaphezulu, wena obona konke, futhi ozwa konke okulihlazo namanyala okwenzeka lapha emhlabeni, ngicela kuwe intethelelo noxolo ngoba uyazi nawe ukuthi ngiwuthuli othulini, ngiyize ezandleni zikasathane nezilingo zakhe.  Yingakho ngizikhalela kuwe ngisesonweni nginxusa ukuba ungixolele, wena Baba ophezu kwethu..."'
Kulowomzuzwana afikelwe yifindo emphinjeni, akhwehlele kathathu ezama ukuvula umphimbo.  Uthe nje lapho esathi uyaqhubeka nomthandazo lowo ...
"Angisoze ngakuxolela.  Ungathi wona wazi!" Lempendulo iphuma khona lapha esihlahleni somthombe.
Wake washiwo u-Ameni kulesosiguqo?  Akekho owatshela omunye ukuthi asibaleke.  Owesimame kwasala nocelembana khona lapho, esephaphatheka eshayeka nasemithini, ehlisa ihlathi.  Inceku yenkosi yona kwaqhephuka amabhantshi, izifaka emeveni kungasavumi nokuba ibheke emuva.
Kwaze kwathi ngelikade wayesehla uSiqwayi.  Akhangwe yilocelemba wakwakhe.  Uwubona kahle ngoba ngisho nalensilathi esesibanjeni yafakwa wuye zandla zakhe.  Adumele isimbo sakhe kanye nobhushu, aqonde kwaSakhile.
Wathi esaqhamuka nocelemba, wehluleka wukuba angabuzi uSakhile: "Kahle, mnewethu, engani ufike lapha nemvubu kuphela, pho manje locelemba uwuthathaphi?"
Ahleke kancane uSiqwayi bese ethi: "Kuyahlekwa nje, mnewethu, ngisho noma kufiwe.  Yinde indaba yalocelemba engiwuthole esikhundleni.  Angithi nawe uyawazi locelemba ukuthi ungowami?"
'Yebo ngiyawazi, mfowethu, futhi angingabazi nakancane.  Kungabe kwenzenjani manje?" sekubuza uSakhile esondela.  Babesuka belandelana beyongena endlini, eseyilanda indaba yonke.  Wathi noma ebalethela ukudla uMaNyuswa, wabafica bekhulumela phansi.

"MaNyuswa, angithi uyawazi locelemba ophambi kwethu?" sekubuza uSakhile.

"Yebo, baba, ngiyawazi ukuthi ungowakwaMaMpanza," kuphendula uMaNyuzwa.

'Lalela-ke, Ngcobo wami omuhle," sekuqhubeka yena uSakhile.  "Locelemba kuzothi kusasa ntambama uwuhambise kuyena uMaMpanza, umtshele ukuthi uwuthole phansi kwesihlahla somthombe kanye nezibuko zimkamfundisi.  Ungasho lutho olunye.  Uyangizwa, MaNyuswa?"
'Yebo ngiyezwa, Nkwali.  Manje uma elibuza ibhokisi lezibuko, ngithini-ke?"
"Ngeke akubuze ibhokisi lezibuko lelo ngoba uyofunda kwezakhe," sekujobelela uSiqwayi.
Wayebeka ukudla lokho uMaNyuswa ebusisa.  Athathe ucelemba aphume ebuyela kubantabakhe ekhishini.  Naye phela igazi liyamtshela ukuthi kukhona okushaya amanzi.  Kusobala ukuthi uyise kaFalakhe uzolala lapha ekhaya ngoba basaxoxa kanti nezingane nazo sezilele.
"Kodwa mina, mfowethu, elami lokugcina yileli lokuthi njengoba sewuzithathile izinyathelo zokuqala, kungcono usale sewuqedela, usihlawulise lesisiphoxo esizama ukuchitha umuzi kaNkwali," kusho uSakhile.
"Engani mina ngangazi ukuthi uma abantu besesonweni bebabili kufanele bafe bobabili.  Sewuthini'manje, mfowethu?" kubuza uSiqwayi.
"Lalela lapha, mfowethu, ngikutshele mina," kusho uSakhile ethinta isikhwehlela.  "Lowomthetho waphela kudala.  Uthi wena ungabulala umkakho nalowomlisa obafice benaye oqotsheni?  Bayokubulala abelungu."
'Manje-ke, pho kufanele ngenzenjani?" Acishe ukukhala uSiqwayi.  "Uyazi ngicishe ngabaphihliza ngesimbo lesi ngibashiye lapho mina.  Nokuba angikwenzanga lokho, ngithonywe amazwi akhe usibahle.  Ukhulumile, mnewethu unkosikazi, ngoba ukhulume nayo lendoda yaze yazisola, yathandaza.11
"Impela, mfowethu ngiyakubonga ngoba ukwazile ukuzibamba," washo embamba isandla.  "Wena mfowethu usho ukuthi uma ufica inja yomuntu intshontsha amaqanda emzini wakho uyobulala inja leyo kanye namaqanda?"
Athule lapho uSiqwayi abheke phansi ecabanga lamazwi kaSakhile.  "Ngiyakuzwa, mfo kakhehla ukuthi uyangeluleka ngalendaba.  Manje-ke ngizoke ngibone ukuthi uzongithethisa athini uMaMpanza njengoba ngingalalanga ekhaya namuhla."
Bayokhe lapho insini njengoba uSiqwayi usenqume ukuthi uzolala lapha kwamfowabo bese ekuseni ayoshaya ucingo alushayele emsebenzini ukuthi lonke lelosonto uzobe engekho esalungisa ezomuzi.

Ekhaya waze wazifikela emini esebuya koshaya ucingo lolo.  Uma esebuya esitolo ngayo injomane yomnewabo wambona umfundisi elimalima ngezansi komuzi nabafana.

Wathi esalungisa ibhayisikile wase efikile uMaNyuswa nocelemba lowo.  "Nibakhulu, Nkwali!  Ukhona nje udadewethu?" kukhuleka uMaNyuswa.

"Ukhona lapho ekhishini," sekusho yena usiqwayi ekhomba ngekhanda.  Bakhuluma nje uyabezwa.  Ngisho akaphendule uMaMpanza uma ebikelwa ngalendaba kacelemba wakhe otholakale nebhokisi lezibuko zikamfundisi endaweni esithekile.  Wabonga ucelemba wangabuza lutho.

Wathi evalelisa uMaNyuswa, naye usiqwayi wayegibela ibhayisikili evalelisa ethi, "kosikazi, ngisalula izinyawo kengiye kwamfundisi Mbuyisa, ngimyisele nezibuko zakhe lezi ezitholwe ehlathihi.  Ngifuna nezimbewu zamazambane ukuze ngize ngikushiye nendima yamazambane phansi." Wabe esuka njalo ehlisa umgwaqo ebheke esitolo.  Nakhu esembona umfundisi esalima nabafana ngezansi kwesibaya.  Uthe anga-

qondana nabo wayeselehla ibhayisikili, eliqhuba aze afike eduzane.

"Sikhulekile, baba Mbuyisa!  Nibakhulu ekhaya!" kumemeza uyise kafalakhe, ethula nesigqoko.

"Hhawu!  Nkwali, besingobani kodwa thina lokhu uyabona Ukuthi siyazihluphekela!  Kodwa nivelaphi, Nkwali?" kusho umfundisi, naso isipani besimisa abafana.

"Kudela nina, mfundisi, ngob.a nakhu senibeka izindinyana, ihlobo lethwese.  Yona imbewu yamazambane umuntu angayitholaphi, mfundisi?" Uselincikise esihlahleni ibhayisikiii, sebexoxa lapha ocingweni lwensimu.

"Akushiwo nokwethwasa, Nkwali.  Nami ungibona ngibhu-
quza nje, sengithi akengenzele indinyana uMaSithole ngoba

amazambane akwasimithi aqhume kahle," kusho umfundisi
bexhawulisana, kukuhle.

"Kodwa wona abizani ithini?"

"Ubiza amashumi amahlanu ngethini.  Kodwa phuthuma ngoba bawajahile." kweluleka inceku yenkosi.

'Nami mfundisi ngiphambuka nje ngoba nakhu sengathi

71

umoya uyavuza lapha esondweni - ngingayithola, baba, into yokufutha?" kuzikhalela umkhwanazi.
"Ufuna isifutho, NkWali?  Qonda ekhaya kuMaSithole, akunikeze isifutho leso.  Nathi sesizokhumula khona manje ngoba sezithanda nokukhathala," kusho umfundisi.
"Kufanele phela, baba, ukuba ngigcine umthetho wesintu wokuba ngithi ngiya kumame ngibe sengiqale ngakumnumzane. Angithi sinjalo isizulu, mfundisi?"
"Kunjalo, Nkwali.  Wena hamba uye kuMaSithole akunikeze lento oyifunayo ngoba nasesitolo 'sekuyavalwa," washo ebuyela esipanini sakhe nomkhwanazi ekhuphukela emzini wakhe umfundisi.  Uma efika ekhuleka kube nguye uMaSithole ophuma ekhishini ezomxoshela izinja.
"Hawu!  Kungabe sigeze kusiphi isiziba uma sihanjelwa uwena, Nkwali?  Sakubona," kubulisa uMaSithole ehlangula izandla ngoba ubexova ujeqe wokulala.
"Sanibona, nkosikazi.  Nathi silethwe yikhona ukuhlupheka kwalomhlaba.  Kodwa nisavuka, mame?" kusho usiqwayi.
"Siyavuka lokho okuncane.  Asingene'endlini, baba, uma kukhona ohamba ngakho," sekusho uMaSithole.
"Qha, nkosikazi, ngoba nakhu sengikhulumile nomfundisi, asisekho isidingo sokuba ngize ngingene endlini ngoba nelanga lishonile," kusho umkhwanazi.
"Yebo, nginibonile nami ngenkathi nixoxa noyise kanomathamsanqa.  Khuluma, Nkwali, ngingakulibazisi," kusho umame.
Athinte isikhwehlela unkwali: "Nkosikazi, mnta@ajobe kaMondisa kamatshana nami ungibona ngilapha nje nasemsebenzini ngingasayanga, ngenziwa wubulukhuni benhlalo engiyihleli," kulanda usiqwayi ngesineke.
"Hawu!  Musa wena ukungethusa bo!  Kungabe uyagulelwa yini, Nkwali?  UMaMpanza yena usaphila?" kubuza uMaSithole, imibuzo yakhe ijojana eduze.  "Kungabe ubulukhuni bani, Nkwali?"
"Noma ngingeze ngasho ukuthi ugula enyameni, kodwa sonke sesiyagula emphefumulweni," kuchaza umkhwanazi ebheka phansi
"Ngiyezwa, Nkwali.  Kwabuhlungu-ke lokho.  Ngilalele, baba," kuqhuba umame.
"Kulukhuni ngisho ukuthi ngizoqalaphi, nokuthi ngingaku-

72

chazela ngithini ngalenhlekelele engivelele njengoba ungibona ngilapha nje ngosuku lomsebenzi," athemeleze unkwali, kubonakale ukuthi imbuzi igudla iguma.
"Wangishayisa ngovalo, Nkwali, uma ukhuluma kanje.  Kungabe kukhona ingozi evele emndenini?" Usethintekile manje uMaSithole.
"Ngihamba ngendaba yakhe uMaMpanza, umkami womshado."
"UMaMpanza?  Kungabe uyagula yini?  Musa wena ukungethusa!" Aqale amanye amehlo manje umame.
"Nami ngethuka ngashaqeka uma ngiyizwa lendaba.  Ngaze ngathi abantu bayamqambela, bayamhlambalaza."
"Beqambela bani futhi manje?  Ubani-ke lowo ababemhlambalaza?  Mina sengathi angisakuzwa nakancane, baba Mkhwanazi." Athele umzimba phansi uMaSithole.
"MntakaMondisa, nakimi kwabanjalo ngamhla lendaba ifinyelela kulezi zami izindlebe.  Ngaze ngakholwa ngoba eselivuma lonke iqiniso njengoba naye ubaba umfundisi esevumile kimi khona manje," kuchaza umkhwanazi.
"Khuluma, Nkwali, ngoba mina namanje kusaduma opotiyane nje lapha kimi," kusho uMaSithole ebheka phansi.
'Ngiyethemba nawe uyazi ukuthi umkami uthan ' dana nomyeni wakho." Liphume manje ekugcineni.  Washo maqede uMaSithole wazibeka ekhanda izandla zombili sengathi uyaheyiza.  'Hawu!  Kodwa, Thixo, Somandla, ngivelelwa yini?"
"Nakimi kwabanjalo, nkosikazi.  Bheka ngoba njengoba ungibona lapha kuwulwesibili, angiyanga ngisho nasemsebenzini ngoba ngisazolungisa Iona lelihlazo elingaka." Athule lapho unkwali, akhothe izindebe zomlomo ezimanzisa.  "Ngiyethemba ukuthi nawe lendaba awuyeshwami ngami ukuthi kukhona okukhona phakathi komkami nobaba umfundisi.  Awuzange kewuzwe lutho, Jobe?"
Athule uMaSithole abheke phansi.  Azehlise nezandla ekhanda manje.  Liqhumile manje ithumba, selidinga ukuba likhanywe, kukhiswe ngisho nomnyoluka walo.  "Ngiyabuza ukuthi wena mame awuzange kewuzwe lutho?  Awuzange usole lutho phakathi kwabo bobabili?" kubelesela umkhwanazi.
"Ngake ngawuzwa umoya onjalo kodwa waphika wageqezeka uyise kaNomathamsanqa..."
'Phela icala lingumphikwa uma ubufakazi bungekho obu-

73

kubeka ngokusobala konke," kulanda unkwali, eneka nezandla.  "Ake ubheke nje ngoba loludaba kade ngithule nalo kodwa inhliziyo ingenakho ukujabula.  Ngize ngasizwa ukuba ngithole ubufakazi obugcwele ngalendaba ngoba abantu bamacala bangakubophisa uma ungenabo ubufakazi obugcwele ngento."
"Ingabe uyasho, Nkwali," kwenanela umame.  "Kodwa wagcina evumile uMaMpanza?"
'Kanti bengingeza lapha ngingenabo ubufakazi?  Kungabe ngiyahlanya, kungabe ngidlala ngegeja kuziliwe impela," kusho unkwali.
"Umtshelile yena ubaba?"
"Ngimchazele konke, ukusuka nokuhlala ngalendaba yabo.  Uthe yena uyaluzwa udaba futhi akafuni cala elingahlambalaza igama lakhe ngalendaba." Athi ukuthula lapho okankwali.
"Manje-ke uthe yena u ' ma engalifuni icala kufanele kwenziwenjani?" sekubuza umame ehwaqabala ebusweni.
'Ubengabuye athini ngoba udaba silufakile ozalweni nomndeni wonke, ubusuku bonke.  Ekugcineni na@e uMaMpanza uze wavuma.  Sengimlandise sonke isinqumo somndeni umyeni wakho."
"Utheni yena ubaba ngalendaba?"
"Ubengabuye athini ngoba mina angisancenge lutho ngoba nomfazi usevumile ebufakazini enginabo.  Nayeke umfundisi uzwe kahle uma ngimchazela ngehlawulo lokugeza umuzi wami."
"Manje uthe uzokwenzenjani?" Aqale ukugodola manje uMaSithole.
"Ngithe ngifuna ikhulu lamarandi lokugeza umuzi wami bese kuba amakhulu amabili amarandi ayinkomo yehlawulo" Kulanda unkwali ngesineke.  "Nalapho angimphoqelele ukuba akhokhe, kuphela nje ngithi ngizama ukuvikela igama lakhe nesikhundla sakhe - uyayibona lento engiyishoyo, Jobe?" Usekhuluma ngomfutho manje.
"Sekuphinda esase'Otimati futhi, Nkosi yami!" kukhala uMaSithole.
'Uma ungayikholwa lento yonke, ungammemeza umbuze umfundisi.  Uthe yena wesaba nokuba azobhekana nawe, wathi nginike ama-R300 uma sewumbuzile ukuthi ngiqinisile yini."

74

"Kodwa ngingayibuza ngithini into efana nalena?" kusho uMaSithole ebamba isifuba.

'Kanti wena uzogagula amagama yini?  Uzobuza wena kuphela ukuthi unginikeze yini leyompahla nokuthi kuliqiniso yini konke lokhu engikutshele khona."

Asizakale manje naye uSiqwayi.  Asuke nebala umame aye aqondane naso isibaya.  Bambone abafana bese bezimisa izinkabi ukuzwa ukuthi ukhala ngani unina.  Kade bemi laphaya egcekeni.

'Baba, uqinisile yini uMkhwanazi ukuthi ukhulume nawe navumelana naye?" kumemeza yena umame.

"Yebo, sikhulumile naye uNkwali, ngakho-ke mnikeze." Kuvuma umfundisi naye ememeza.

"Ngimnikeze njengoba ushilo, baba?"

'Sheshisela umuntu wenkosi wena ujahile!  Kodwa umlibaziselani wena uNkwali ngoba sesikhulumile naye savumelana?" sekubhoka umfundisi.

Wangena ekamelweni uMaSithole eside isikhathi.  Uthe esebuya lapho wabe eseyiphethe imali.  Usekhala mi.  Bangene endlini bese bewabala amakhulu amathathu etafuleni.  "Qha, iphelele, nkosikazi.  Uyongibongela kumfundisi, umtshele ukuthi angayixoxi lendaba uma engafuni ukuzilulaza emakholweni nasemphakathini."
'Uyotshelwa abangane bakhe labo abasamkhathalele.  Mina sengibuyela kwelakithi eMatimatolo manje.  Indoda izothi uma yenza amanyala bese ifaka mina phakathi!  Kungavuka oMaphitha!" Wakhala waye wayongena ekamelweni wafike wazivalela phakathi.
Wayesuka-ke uNkwali.  Uthe lapho esedlula eselikhwele ibhayisikili lakhe, wayesephakamisa isandla, esevalelisa ethi: "Ngibonge kakhulu mfundisi, ungakholwa nangomuso!"

"Hhawu!  Nkwali, sewungaze ubonge into encane kangaka engikwenzele yona?" kuhleka umfundisi.

Umfundisi wathi eqeda ukuzikhumula izinkabi zakhe wabe ehlangabezana nezimpahla zikaMaSithole.  "Sala nomuzi wakho, sikhohlakali ndini!, Mina sengibuyela kwabakithi," kusho umame ebheke emgwaqweni womendo nepotimende lakhe kanye nesikhwama sakhe.
Wema uMbuyisa waphelelwa yisineke ukuthi kungabe u-
ngenelwe yini uMaSithole uma engashiya umuzi kanje ngoba

75


nje ethe akeboleke uMkhwanazi isifutho sebhayisikili.  'Kuyahlanya lokhu!  WeBafana!  Letha amanzi lawo ngigeze," washo eyongena ekamelweni ekhumula lamagxaba abewagqokile ngenkathi elima.  Nakhona endlini kucakazeke izingubo yonke indawo.  Lidume manje ikhanda kuMbuyisa.  Eme lapho kube sengathi usezwa layamazwi awezwe izolo bengaphansi kwesihlahla.  'Angisoze ngikuxolele.  Ungathi wona wazi!' Wasibheka isithombe sabo somshado.  Kwaduma indlu lapho esethi:
Lapho izono zami
Zinzim' emphefumlweni, Zisuse wena, Baba,
Ngothula ngomsa wakho.
Ungikhumbule, Nkosi yam'
Ungikhumbule, Nkosi yam' Ameni.
Akazange abulale ubuthongo eqoqa umfo kaMbuyisa.  Izimoto zokuqala zabathola sebelindele izinto ezihambayo nabafana bobabili.  Izinkomo bazibuyisela kuNkabinde, sebezihambela lapha empaphala.
Uma uphinda umthola umfo kaMbuyisa, uyomthola eWesselton, eMlomo (Ermelo), lapho esaba yiphoyisa-mabhalane khona, ngaphansi komnyango wabamnyama.  OMaMpanza benoSiqwayi bazihlalele kahle nabantwana babo abahlanu.  UFalakhe uwuqweqwe lukathishanhloko laphaya eNkululeko, ngaseWartburg.

Sahamba isivunguvungu esinguMbuyisa kwacweba umoya eMpaphala.








76

7. Zibanjwa Kweziwudlayo

UBhekifa lona wunyaka wesithathu bashada noMaMthembu, isiphalaphala sentokazi yase Malangeni, eFafa.  Ngokusebenza ungumabhalane laphaya eziMbokodweni, lapho kwenziwa khona umanyolo.  Uhola kahle impela ngenyanga.  Bheka ngoba ngonyaka odlule uke wasikaza ukuthenga imoto entsha ceke, kodwa uMaMthembu wabambelela phansi wathi mabaqale bakhe umuzi obonakalayo kuqala bengakedluleli emotweni.

Naye uMaMthembu ngokwakhe uyayisebenza imali ngalomshini wakhe wokweluka amajezi.  Nawo athengwa ubuthaphuthaphu ngezikhathi zephasika lapho sekushintsha umoya.  Uma kuyimpesheni njeya, ikhulu lamarandi ulihlanganisa nje kalula, kuve.  Omabhalane enkantolo sebamnikeza uhla lwezikhungo zayo impesheni kanye nezinsuku lapho bezobe beyiholela khona kulonyaka ophezulu.  Ngisho nabakwandabazabantu bazothi beqambe befika enkundleni yabo yokuholela, uyobe esazifikela kudala uMaMthembu futhi esewacakazile amajezi akhe lawa, esekuqhweba ngemibalabala yawo useza kude.

Bayothi befika nalaba abanye abathengisi bezocakaza nabo lokho abazokhangisa ngakho, kade seyidle ngamabala lapha kuMaMthembu; abantu sebewaqokile amajezi lawo abawathandayo, sekuzothi imali leyo yomholo ibekwa entendeni yesandla, sebewakhokhela bewathatha amajezi abo.  Abanye bawagqoke emzimbeni khona manjalo.  Kulabo abafuna nezigqoko ezihambelana nawo amajezi, nazo uyazeluka uMaMthembu aze akhe nezandla nezikhafu imbala.  Ngisho noma lungekho lolohlobo lwejezi kulana asewenzile, uyothi umuntu uma esemchazele ukuthi ufuna elakhiwe kanjani, uzolisusa phansi uMaMthembu, alakhe njengesifiso salowomuntu uma nje eseyikhokhelwe imali yesibambiso.

Abanabantwana.  Ngonyaka owe ' dlule uke wayohlala kumyeni wakhe izinyanga ezintathu esondezela ukuba ake ahambe labodokotela baseSiphingo abageqayo kabili ngeviki.  Ubuye lapho kwaba sengathi uyazisola kodwa kwabuye kwasobala ukuthi uzikhuluphalele nje, uvunywe ukuhlala kamna-

77

ndi, eNgayi eMfuleni, engathezi, engahlakuli kuphela ezidlela izibiliboco azithandayo, umkamabhalane 'tane.

Enyangeni kaJulayi nonyaka, bamethuke nje engena uBheki.  Ufika kungoLwesithathu nenyanga igamenxe nanokwenza.  Bebengamlindele nakancane.  UMaMthembu ubeziphumela ekhishini lakwakhe ngezansi kwesikwele sabo lesi esinamakamelo amabili abalala kuso nakhu esezithela kumyeni wakhe engena ngesango.  Wethuka koma ngisho amathe okaMvelase.
"Hawu!  Khathide, wafika kunguLwesithathu singalindele, kungabe kwenzenjani?  Musa wena ukungethusa!" kubabaza yena uMaMthembu ethatha lesisikhwama sephepha esiphethwe umyeni wakhe esinomngenandlini.  Baye bayongena esikweleni sabo esingufuladi.
"Ungethuki, nkosikazi.  Akukho lutho olubi.  Ngibuye ngoba ngizolanda incwadi yethu yomshado ngoba sengibhalisele indlu yethu kwaMakhutha singabe silokhu sikhonza emizini yabantu abanezindlu kube sengathi thina asishadile ngokomthetho," kuchaza uBheki, ecima nosikilidi wakhe.  Bangene balandelane endlini.
UMaMthembu phela wathi nje angachanguza wathi ufuna elakhe ikhishi ngoba engafuni ukuba umbango usuke emlotheni, sebexabana noninazala uma bepheke ndawonye.  Wabe wakhelwa lendlu engulawondi lapho epheka khona ngesitofu esimhlophe, ongacabanga ukuthi sesikagesi uma usibuka.  Ziphelele izinto zonke zasekhishini, kanti nakhona esikweleni kugcwele ifanisha yasekamelweni nalena yasendlini yokudlela. Indlu icishe ukugcwala ifanisha.
Bangene.  UMaMthembu yena usalibele ukubheka lapha esikhwameni ukuthi umphathele na amahhabhula, igugu lakhe.  'Kodwa sewungaze wethuke uma ngifika ekhaya ungazelele kanti awujabuli yini uma intando yakho ingisanganisa, MaMthembu." kuhleka uBheki, esikhumula isipotingi sakhe esinsundu esinikeza umakoti ukuba ayosiphanyeka kuwadilobhu.  "Futhi waswenka kangaka, Nomathembu, kungabe bewuthi uzohambelaphi ilanga lishona?"
UMaMthembu asithele ngasekamelweni.  UBheki azimele, adlulise amehlo lapha endlini.  Lingasuki iso kulomsakazo ophathwayo obekwe kulombhede olapha endlini wokuhlinzeka uma befikelwa isihambi.  Yiloluhlobo oluqopha nomculo lubuye ludlale nomculo osebhandeni.  Wuhlobo olubizayo lolu.

78

Athuke esewuthathile ewubukisisa ngoba uyawuqabuka laph'

ekhaya. 
"Uyadela bo, wena onemali yokusaphaza ,usho ukuthi usuthenge omunye futhi umsakazo ophathwayo ,MaMthembu?

kubuza yena uBheki lapho uMaMthembu esehlela izithelo lapha ogqokweni lwezithelo phezu kwekhabethe.  Uyawubuki-

sisa lomsakazo ewuphendula.
"Kanti ungowami yini lokhu ungokaThembeni nje?  Phela besihambe naye siye eMkhomazi, endalini yamawulu.  Sibuye nje khona manje ntambama njengoba ubona na

besihambile, Khathide." Leyo yimpendulo yakhe uMaMthembu ezilungisa ubala lapha ekhanda.  Yinhle ingane yabantu futhi lokho iyakwazi.  Isho ngonwele lwayo lwempunzi kanti

iphuphuzela ubuhwanqa.
"Bewuziba nje kanti bewungizwa uma ngikhuluma?  Manje sewujwayelene noThembeni lona ozula ngezimoto zamaNdiya?  Manje usengumngane wakho, Nomathembu?  Angithandi nakancane ukuba uThembeni ejwayele laph' ekhaya.  Angithandi nempela, futhi lokho ngithanda ukuba ukwazi,

nkosikazi."

"Hawu!  Kanti kulicala uma bengihambe nomzala,uThembeni, nkosi yami?  Mina phela bengingazi ukuthi kanti umzala akavunyelwe ukungena kulomuzi wakho, Khathide.  Impela ngiyaxolisa, bantu," kusho uMaMthembu sakubhuqa.  Umsakazo awubeke etafuleni uBheki.
"Usengumzala wakho manje uThembeni?  Kanti lemoto isuka lapha ekhaya njengoba sihlangane nayo ngasethilomu?  Nayo konje sewuzothi beyilethe yena uThembini lowo?  Pho ubewushiyelani lomsakazo wakhe?  Futhi ubengekho nasemotweni leyo kaNgcobo..." kuqhuba yena uBheki, amehlo eyaluza indlu yonke.  Ethuke umakoti kuphathwa uNgcobo.
"Habe!  Nansi ingulube ingikhulela bo!  Manje lezizimoto ezedlula lapha zisuka lapha ekhaya?  Manje sengizobuza izimoto lezi ezedlulayo ukuthi zisukaphi nokuthi zifunani, ngiyeke ukunakana nezomuzi wami?" kubhoka uMaMthembu ethi qwebu amehlo, ebuka umyeni wakhe.  Amfice embuka engasacwayizi.
'Nazo lezizinqamu ezigcwele umcengezi bezibhenywa nguye futhi uThembeni lowo?  Lomzala wakho yena ubhema iGold Dollar, ugwayi owehlula ngisho namadoda uqobo?  Zi-

79

nkulu niyazenza nalomzala wakho uma singekho!" kuqhuba yena uBheki, esemi ngasemnyango.  "UThembeni usengumzala wakho muva nje?"

"Manje uThembeni akaseyena umzala wami ngoba nakhu ungamthandisisi?  Umuntu waseMasomini akaseyena umzala lapha kimi?  Umkhwekazi wakho akaseyena uMaMsomi muva nje ngoba nakhu waliswa uThembeni kulomuzi wakho, dade?" Manje sekunguye uNomathembu osebhokile.  Ngisho nasebusweni usenombala obomvu lapha eziqhomeni nephimbo lakhe selithanda ukuvevezela.  Athule uBhekifa ambuke umkakhe.

"Kahle ngamawala, mntakaMthembu.  Amatata abulala ingulube," sekusho uBhekifa ngomoya ophansi.  Usalokhu embukile umkakhe.

"Nginamawala ngoba ngenzeni?" kusaqhuba yena uMaMthembu.  "Wena into ofanele uyenze, wukuba ungibhalele phansi imithetho elishumi yalomuzi wakho futhi ungibhalele uhla lwabantu okungafanele bangene kulomuzi nalabo okungafanele ngejwayelane nabo.  Uma wenze lokho, uyobe uqedile ungelona ithole, Khathide omuhle." Usekhuluma lokhu esebambe edanda ngazo zombili izandla.  Ambuke naye aze adanase.
"Mina engikushilo sengikushilo ngaloThembeni wakho.  Wena ngokwakho uma sewuzibuza' izinsizwa zayekelani ukuba zimthathe ziphembe naye umuzi lokhu uyintombi evuthiwe futhi ebukekayo?  Jwayelana nabo-ke wena ozendazamshiya balapha eHluthankungu ungasabuzanga kithina esiwumnsinsi wokuzimilela lapha.  Ngisaya kobulisa nakumama ngezansi."
Washo njalo ephuma eya esalukazini esingunina efika esifumbathisa ama-R5, nakhu engasaphathanga nomuthi wamakati ngoba bese kuvaliwe nasesilaheni.
'Khathide obomvu onjengentolwane!" sekubonga uMaNgidi, imali eyanga eyibeka esiphongweni.  Aphinde futhi ayange bese eyigoqa eyishumeka ngesineke lapha emnqwazini wakhe.  "Kanti lemoto esuka lapha beyilethe wena, Magonondo?  Ukwanda, nomthakathi wakwaliswa yilokhu-ke.  Kodwa benisaphila, Bheki?"
Aphile, bese eyixoxa nendaba leyo yencwadi yomshado.
Achaze nokuthi ubenzela ikhaya lesibili lapho bengafikela

80

khona uma bezothenga noma bezolashwa.  Waze wazikhuphukela sekusebusuku ngoba ufice kuphekwe utiti lukabhontshisi, igugu lakhe.  Washaya esibomvu.  Waze wazikhuphukela ngelikade.
Endlini umfice uMaMthethwa esecambalele.  Ukudla kwakhe sekwemboziwe etafuleni.  Athathe umlenze wenkukhu lena echochobalisiwe, isitambu sona angabe esasithinta.  Usacabanga lendaba yemoto kaNgcobo umkakhe ayiphika eme ngentaba ukuthi beyilapha ekhaya.  Isalukazi siyibonile.  "Bewumhlinzeke ngenkukhu umzala wakho, dade!  Impela niyebusa lapha uma singekho," kusho yena uBheki ekhumula.  Incwadi yabo yomshado seyibekiwe kulelitafulana eliphakathi kwabo.  Ayithathe bese eyifaka kumazisi wakhe.  "Ungangibheki ngalelisonto, angiyukubuya.  Sengiyoze ngibuye ngoLwesihlanu lokuphela kwenyanga."
Baxoxaxoxe ubala lapho esegqoke ezokulala.  Acime, kulalwe.  Kwabonwa nguye ukuthi sekusile, eseyokhwela kulezizimoto zasekuseni ukuze afike ngesikhathi emsebenzini.  Uma engena emotweni, azithele kuyena uThembeni.
"Hawu!  Khathide, manje sewubuya naphakathi kwesonto, muva nje?  Cha uyalushaya ukhamba lwakhe uMaMthembu..." kuhleka yena uThembeni, behlala esihlalweni esingemuva lapha emotweni.
"Habe!  Kanti kuyisono yini uma umuntu ehambela emzini wakhe?" sekusho uBheki engakhombisi kumthakasela.
"Konje sewuzongiqhoshela ngomuzi ngoba nakhu mina ngingenawo?  Mina bengizincokolela nje; kambe umakoti usaphila?  Kade ngamgcina, bandla.  Uma ubuyile futhi umtshele ukuthi kunendumezulu yendali yewulu eMkhomazi ngesonto elizayo. Uma ethanda angangiphathisa ngoba mina ngiyoya nakanjani."
UThembeni yena uyazixoxela nje lapho imoto ishoboloza iyodlula eMbulula.  Athule uBhekifa uma ezwa lelo lokuthi kade bagcinana.  Acabange nendaba yemoto kaNgcobo.  Awukhumbule nomsakazo lowo obusembhedeni, izinqamu zikagwayi emcengezini, nenkukhu.  Abuye namazwi esalukazi ngemoto.  Aququde imihlathi athule.  Makhathaleni bese ekhipha iphakethe likasikilidi, atomule owodwa bese enikeza uThembeni naye ukuba athathe owakhe umndweza.
"Nansi imihlola ingivelela ekuseni bo!  Wake wangibona

81

nanini ngibhema, Bhekifa?  Impela sewungibukela phansi uma usungibona ngifanele ukubhema," kubhoka uThembeni.  "Fu-

thi ungalingi ubhemele lapha eduze kwami.  Yimihlola yami yini!"

"Uxolo, Nomndayi!  Xola, Phingoshe omuhle!  Bese ngikhohliwe ukuthi konje awubhemi," axolise uBheki nalona wakhe awubuyisele ephaketheni.  Phela uThembeni mdadlana lapha kuye.  Akamelami nakumelama.  Aqale enye manje indaba.  "Konje kulomsakazo wakho ophathwayo orekhoda namaculo, ufaka amabhethri amangaki?"
Asuke ahleke uThembeni.  Ahleke aze ajikise intamo, ambuke uBhekifa: "Yimihlola yami impela namuhla.  Nginomsakazo orekhodayo, ophathwayo, ngiwuthathaphi nje nempela?  Uyangigcona, mame, kungabe uqabuka elihluthuke intamo kambe?  Wangibuza izinkinga nje namuhla, ngabe kwenzenjani, Bheki?  Sewuyaphuza yini, mntakaMaNgidi?" Asho ambhekisise manje uThembeni ngokumexwaya.  Cha, naye u Bhekifa axolise, yedlule leyo.  Baxoxe ezinye baze behlukane eSiphingo lapho ehla khona uBheki esethatha lezo eziyomehlisa esangweni lakhona emsebenzini.  Wafika nomshini ungakabubuli.
Isonto lelo laphela engalizwanga nakhu inhliziyo igaya izibozi.  Usebone kahle ukuthi ikhona inyoka esesikhwameni lapha kulomsakazo noMaMthembu.  Liyoqala nini kodwa lona isonto elizayo?  Nalemoto kaNgcobo, uyiphikelani umkakhe?
NgoLwesibili afike azibike ikhanda emsebenzini nokho asebenze lishone.  NgoLwesithathu acele ukuba angabe esabuyela emva kwedina, wathi usayobonana nodokotela.  Lendaba emphethe kabi useyixoxele umngane wakhe onemoto, ubafana Duma, ukuthi unensolo ukuthi kukhona imbulu edla amasi emsamo.  Sebehlele ukuthi uzothatha izinsizwa ezimbili zibaphelezele ngaleyontambama balibhekise ekhaya.  Kuzobuywa ngabona lobobusuku.  Izinsizwa zavumela phezulu zizobona izwe.
Ithangwe lemoto lagcwaliswa, kwathengwa namabhodlela amabili kagologo, kuhlinzekwa loluhambo.  Nazo lezizimambana zisho ngezinhliziyo ukuthi impela zibonwa yini kulombuso -ongaka.  Zazi kahle ukuthi uBheki akaphuzi.  Indaba yaze yaxoxwa uma imoto seyimiswe ematafuleni ngaseIlfracombe, kunwetshulwa imikhwepha yenkukhu lena ethengwe

82

endleleni ishisa.  "Elokugcina, madoda, elokuthi ningalingi nilishaye ikhanda, futhi ningasabenzisi isilimazo esingakhipha igazi," sekuchaza yena uBhekifa.
"Manje-ke, Khathide, uma indlondlo ibhoka ngolaka senzenjani-ke lapho?" sekubuza uDuma sebedlile, besaphuza.
'Hhayi-ke lapho, Lwandle, uma imamba idloba, ayikho into esiyoyenza ngaphandle kokuba siyithelekele size siyinqobe.  Kanti lemali engiyichithile bengidlala yini?" kufutheka yena uKhathide lapho ecabanga ngama-R48 kaphethiloli, yilogologo, nalomphako nesikhathi sakhe lesi.  "Kanti inja edla amaqanda yenziwa njani uma ingabulawanga?  Kungathi umuntu elisela bese futhi kuba nguye olwayo?  Kungabe impela uqhuba intwala ngewisa ungcobo lowo."
"Hawu!  Kanti umuntu nje omaziyo?  Bewumbukani sonke lesisikhathi?" sekubuza uKhumalo lona onamasu ekarate okulwa.
'Mina loNgcobo ngimaze ngenkathi unkosikazi ethenge ifulaha lezingongolo epulazini lomlungu.  Lezonkuni zalethwa nguye uNgcobo ngeloli lomlungu njengoba eshayela amaloli alapho athuthela kwaSAICCOR.  Ngazi ngisho nemoto yakhe eluhlaza uNgcobo lowo osengumnakwethu kumkami wezinkomo..." Washo lapho waswaca, wahwaqabala uKathide kwabonakala ukuthi lendaba yonke imthunuka enhliziyweni.
Basuka-ke lapho imoto yase ihamba ngomkhulu umfutho ngoba bafika ehluthankungu beshaya nje o-2lh3O.  Nanebala bayifice imoto kaNgcobo imiswe ngaphansi kwezihlahla ngenhlana nje komuzi.  Lena ekaDuma nayo bayimise bayivundlisa emva kwayo ukuze ingakwazi ukuba ayihlehlise eyakhe uNgcobo.  Bayicime lena eyabo kebahlale isikhashana.  Qha, akukho msindo.  Baphume bathathe izimvubu lezi ezintsha ezisemotweni, ezintathu.  UMntungwa yena wethembe zona izandla zakhe namaqhinga okuzivikela ngisho
kumuntu ohlomile.
Uma besondela esikweleni, bayawuzwa umsakazo ukhala ubelesele.  Bayacathama behamba ngamazonzo.  Lapha endlini, amafasitela mathathu.  Kulendlu yokudlela mabili, ileli elibheke ngasempumalanga bese kuba yilawa aphahle umnyango lona ongenela ekamelweni lokudlela.  Balunguze kuleli langaphambili.
Nampaya oMaMthembu benaye uNgcobo phezu kombhede.

83

Phambi kwabo yisidikadika senkukhu.  Bayasihlephula bayadla.  UMaMthembu nguye olokhu enikeza uNgcobo.  Uhleko luphume phezulu noma phela kungezwakali abakuxoxayo.  UFuze ugqoke ibhantshi likavolo elimnyama kanye nesikhindi.  Isigqoko sakhe sibekwe phezu kwekhabethe.  Umsakazo yiwona lowaya awufica lapha uBheki ngesonto eledlule.  Kusobala ukuthi yiwona abawudlalayo ngoba nanku ubekwe phezu kwetafula.  Nali futhi nephakethe le-Gold Dollar.
Babuka kahle ngoba namakhethini awavaliwe.  Kuvalwe kuphela lawa alulwembu, angenisa ilanga emini.  Isibani lesi abasikhanyisile sikhanyisa into edaka unogwaja ngoba ungacosha inalithi phansi.  Bazimele isikhathi eside bebukele.  Ezindlini ezingezansi sekulelwe.  Kusobala ukuthi uMaNgidi usezilalele nabazukulu, imilanjwana lena ezalwa nguThokozile ozisebenzela eMargate, ehhotela.
Kuthi uma sekusele kancane lapha enkukhwini, bese ethi uBhekifa: "Uma senidlile nadela, besicela nathi ukuba nathi kesingene sizocaba amathambo." Uzikhulumela ngesineke nje futhi akajahe lutho.  Sacinywa isibani.  Baqonda esicabheni, bafica ukuthi asikhiyiwe.  Bangena bobane balakanyana emnyango.  Kuthe besaphuthaza umetshiso wokuba bakhanyise, yayikhala imhlamvu.  Balibone ilangabi liyophuma ngesicabha.  Uma bebemi bebezophihlika amakhanda.  Kusize ukuba bangene maqede bagaqe ngamadolo.  Inhlamvu idubula nje sebengaphansi kwetafula.
Kuwona lowomnyama ezwakale uFuze esebhongisa okwenkomo.  Agxume aye agqibuleke etafuleni, ligumbuqeke, kukhale ubufahlafahla besibani nepuleti kanye nomsakazo.  Usalokhu ushilo wona umsakazo khona ebumnyameni.  "Sengiyakhala ngiyabaleka manje." Sewukhala phansi kwekhabethe lapho ucula khona.  Qha, uNgcobo usezikhalela lapha kuKhumalo ngoba umbambe-wamthena amandla, kwawa nevolovolo leli abeliphethe.  UMaMthembu yena uzwe ngempama abone kuyo izinkanyezi waye wafumbeka phansi.  Useyinqwatshana laphaya, sekukhumuke ngisho nomnqwazi ekhanda.  Bamphethe ngemvubu.  Awuqhwize umetshiso uBhekifa bese embona umkakhe lapho eyinqwatshana khona.  Ayidedele imvubu.  Ngalowomzuzu uMdima alibone ivolovolo alithathe bese evuka uKhumalo amshiye phansi uNgcobo.  Babaxaxe-ke ngemvubu lapha emnyameni.

84

'Kahleni, madoda, nangibulala iso!" kukhala yena uNgcobo.  Usekhalisa okomfazi.
"Kanti sewondliwa kulomuzi wami!  Uzongifunda kahle namuhla, nja ndini!' kufutheka uBhekifa.  'Wena mfazi, kanti uqambela uThembeni ngoba uvikela loNgcobo wakho?  Ngizonifundisa kahle ukuthi izinja zenziwa njani uma sezihluphile." Iyakhala yona imvubu.  UMaMthembu wathi uzama ukungena phansi kombhede, bamdonsa ngomlenzana'.  Yakhala emahlombe, emzimbeni nasekhanda.
Kuwona lowomnyama, uDuma usebuya nekhandlela uselikhanyisile.  Babakhanyise.  UNgcobo uyopha emlonyeni nasesweni lesinxele.  UMaMthembu yena unomvimbo ovundle esihlathini kanti futhi uyopha emakhaleni.  Bakhala bobabili.  "Vukani nihlale embhedeni njengakuqala!  Nizongifunda kahle namuhla.  Nidelela ngoba nakhu nithembe amavolovolo?  Okabani lomuzi enichachaza kuwo?" kubhoka uBhekifa.
Sisuke futhi isimbambamba semvubu.  Ikhala ekhanda, ezingalweni nasemzimbeni wonke.  UNgcobo wabuye wazonela ngokuba ake azame ukusukuma.  Kwaba impela uzikholisile.  Bamdumelisa okwephepha lithathwa umoya.  Bamendlala phansi ngesisu bembambe izandla nekharida nemilenze.  Kwaba ukuphuma kwakhe njalo uMaMthembu.  Waphuma waphaphatheka ebheke kwaninazala.  Wangena naso isicabha.  Akasakhali sekuduma amawa.
Basale bamenzani-ke lapho uNgcobo?  Bheka ngoba bashintshana ngaye.  Baze bamyeka ngoba sebezwa isalukazi sizikhalela sithi mabangawukhiphi umphefumulo, okungcono mabamhlawulise imali.  "Kahle, Bheki, ukuthatha ngolaka.  Ake ubheke ngoba nomakoti sewumlimazile, kahle Khathide, ungaphiki nenhliziyo," kuzikhalela isalukazi.
'Uze alimale nje ubethi wenzani emzini wami?  Ngakungcono makube ufile uqobo lokufa.  Muphi yena?"
'Kahle, Kubheka omuhle.  Manje uma ufica inja idla izinkukhu zakho uyobe usubulala inja futhi ubulale nezinkukhu zakho?" kumemeza uMaNgidi.  Pho uBhekifa akuseyena lona esimaziyo, usengomunye umuntu.  Phela olwakhe ulaka lulingana nawo umusa wakhe.  Uma eselungile yinkosi yomuntu, yiwundlu uqobo lwalo, kodwa wamqala uyobe uvelelwe.  Qha, akhuze nobafana uma esezwa lamazwi entombi endala.
Luhlalelwe-ke manje udaba: "Angithandanga ukubiza

85

omakhelwane babone ihlazo lalomuzi.  Nga-kho-ke uma wena Ngcobo ungafuni ukuba sikubulale ngezandla siye sikuphonse emfuleni sewufile, ngifuna R500 wokugeza lomuzi wami.  Kungenjalo ngizoshisa lemotshwana yakho ngikuphonse phakathi uma isivutha ufe nayo.
Kusakhulumeka yini lapha kuNgcobo?  Umlomo uvuvukele, iso livalekile futhi liyopha.  Emzimbeni-ke khona akusavumi ngisho nokuba anyakaze.  "Imali leyo bengingayihlanganisa uma besingaya enkomponi, madoda.  Ningangibulali ngezandla." Washo lapho wakhalisa okwengane encane.  Bathi ukukhulukhuluma bedodwa base bemtatamisa bemthwala beyongena kulemoto kabafana.  Baye bafike kulezizindlu lapho behlala khona abashayeli.  Wabayalela kuMkhize nduna yabo ukuba bayibize ize lapha kuye emotweni.  Imali engu-R300 yafike yatholakala endlini yakhe uNgcobo kwase kugcwalisa uMkhize ngamakhulu amabili ngoba ehlenga yona imoto lena athi uBhekifa uhamba nayo uma lamakhulu amabili engawabeki lapha esandleni.  Izikhiye waze wazinikeza uMkhize sebekhokhelene.
Indaba yevolovolo nalomsakazo owambambisa ayizange isaphathwa nokuphathwa.  UNgcobo walala esibhedlela saseEdendale izinyanga ezine.  Wathi ephuma lapho wabe esephelelwe umsebenzi, nakhu engasenalo iso.  Imoto wayithengisela uMkhize yena wayesebuyela kwelakubo eLangwane.
UBhekifa benoMaMthembu sebezihlalela kwaMakhutha nonina kanye nabashana laba asebekhuliswa uMaMthembu.  Umuzi bawuqashisele othisha laba abafundisa esekhondari.  Sebeza nje uma bezolima noma kunomsebenzi wozalo lolu olusehluthankungu.  Indlu yabo wathi angayixhuma yabayinhle kangangoba ungaphika ukuthi kwakuyilesisakhiwo salapha esinamakamelo amane ekuqaleni.








86

8. Zifa Ngamvunye

Ngoba yakhiwe eminye imizi lapha phandle!  Ake ubheke nje ngoba uMabhunu Shandu benomkakhe uMaMcethe - uVuyisile, wawuthi wena obukela kude, ungakhohlwa njeya uMaMcethe ekhomba ngophakathi emzini wakhe futhi behlalisene kamnandi emshadweni wabo.
Empeleni, wena wawungathi ukhala ngani emzini wakho uma njalo ekuseni nizophuma nomyeni wakho ngemoto seniya emsebenzini, aye akubeke asangweni lasesibhedlela osebenza kuso, bese-ke yena esedlulela esekhondali lapho naye efundisa khona?  Kungabakhona pho ukuba phakathi komhlane nembeleko okungedlula lowombuso?
Yabe injalo-ke impilo phakathi kukaMabhunu benoVuyisile kuleminyaka emine beshadile behlala eSteadville, eMnambithi.
UShandu bayamazi abaningi njengoba useyiqedile iminyaka eyisithupha elapha esekhondali.  Nguye phela ofundisa izibalo lezi zemathematics kanye nephysical Science kuye kufike kuform III. UMaMcethe yena ungumaqhuzu ongamele loluphiko lwezingane laphaya esibhedlela sase-Provincial khona lapha eMnambithi.

Uma kusuke kuphele inyanga nje, beholile bobabili, amakhulu ayisikhombisa amarandi, yinto nje leyo abayibala bayihlanganise kalula.

Imbala, ngisho nezakhamizi zalapha eSteadville, zazingamshiyi uMaMcethe uma kusuke kubalwa abantu abahlezi kahle.  Babeze balimise ngesihloko elokuthi umuntu angajabula kanjani engase afane naboMaMcethe laba owabo umendo abawuthumela igundane!  Besho baze bagcizelele ukuthi yena angathi yini ebabayo ayidlayo emzini wakhe?  Babodwa nje abathi 'kudela wona umgibe ngokugaxwa ezikacetshwayo!' Bencoma yona inhlalakahle leyo.  Engani ngisho nantambama uma seliyoshona, nizoyibona imoto yakhe uShandu seyibheke khona futhi esibhedlela eseyohlangabeza yena uMaMcethe ngoba phela bona esikoleni bavala ilanga lisekhona ngakho-ke uthi angabuya esikoleni, afike aphembe bese elungisa lapha endlini engakayi kolanda umkakhe.

87

Kanti-ke uma indaba sewuyizwa beyixoxa laba abakhelene nakwaShandu, babengawuvali nje umlomo bemkhalela umntakaMcethe ukuthi wazilahla mhla egana lesixhwayixhwayi sendoda okungalalwa uma siholile noma sike saphakamisa ingilazi - saphuza amanzi kagesi.
Wayengamshayi umkakhe uMabhunu! amkhahlele nangonyawo imbala uma sekumsukile.  Umntanomuntu wayebikelwa nje uma kuzophela inyanga ukuthi ngeke alugobe ukhophe ngaphandle uma ezoya kozikhalela komakhelwane ayozilalela khona.  Ngisho nakhona lapha kwaMaMbhunu, isalukazi esingumakhelwane sasilamula silamulile lapho esebhokile uShandu-kaNdaba esegcwele indlu esefuna ukumbulala ngezandla umkakhe.  Phela sekubangwa yona imali yomholo eseyifuna lapha phambi kwakhe yonke uMaBhunu wansondo.
Mide nayo leminyaka emine abayihlala beshadile lapha eSteadville.
Akuthi-ke ngoLwesine, ngamhla uMashi ebhansa, bese eluqala kancane nje uchuku lwakhe uMabhunu.  Kuyaziwa phela ukuthi uma kusuke kuphele inyanga, ngeke kulalwe emzini kaShandu-kaNdaba.
'Awukhohliwe nje uhlakaniphile wena MaMcethe.  Kanti ngiyoze ngikutshele kangaki ukuthi njalo uma kuphele inyanga uholile, kufanele umholo wakho uwethule lapha kimi isheke lakho lilale lapha lingakashintshwa ukuze likhothwe amadlozi akwaMbatha?  Kanti uyoze ukwenze nini lokho MaMcethe?" Sekusho yena omdala.  Indaba wayiqala nje kanjalo uMabhunu elokhu eququda imihlathi.  Phela uma nje ephiswe wuchuku, uyaye agudlisele ngakhona lapha endabeni yomholo.  Phela sizwa ngombobo zehluzo, abazi ezemizi, ukuthi isheke lomnumzane liyedlulwa elikankosikazi ngamarandi angamashumi amahlanu kuve. Iyahola intokazi ngoba futhi seyineminyaka yawuqala lomsebenzi wobuhlengikazi.  Engani amaqhuzu ayo lawa asemahlombe yawazuza oMabhunu laba besafunda oForm 111?  Kanti-ke, uma ungumuntu onakisisayo, ungazibonela ukuthi intokazi imshiye ngeminyakana eyeqile esandleni uMabhunu;, nokho-ke lokho akusiyona indaba eqondene nathi ngoba uthando kaluboni futhi nje udaba lomndeni asilungeni!
Phela namuhla basheshe bavala esikoleni nakhu phela kuzoba nezinsukwana zeholide besahlezi emakhaya.  Bavale

88

emini bebade esikoleni wamemezela umfokaGamede ukuthi izikole ziyoze zivulwe futhi ngomsombuluko wesonto elilandelayo.
Bathe nje bangavala babesuka oMabhunu benoSibisi sebeyongena emotweni kaMntambo sebeya koshintsha amasheke abo omholo futhi bakhokhe nezikweleti zabo zenyanga laphaya esitolo kwaZibukwana.  Bathe besuka lapho, yibo labaya sebebheke ehhotela eGuinea Fowl sebeyokhokha imali kagologo njengoba bona bathatha 'ngebhuku' bakhokhe ekupheleni kwenyanga.  Bathe bangakhokha, base behlanganisela sekuthengwa ibhodlela nohhafu baliphuza.
Selokhu ebuyile-ke uMabhunu edolobheni ulokhu eququda lamaswidi anamakha ukuze athi noma efika umakoti angaze ezwa ukuthi useke waphuza.  Uyajuluka umfo kaShandu kodwa izulu liguqubele ngaphandle futhi lithanda nokuqanda.  Liheleza umoyana ongemnandi emakhaleni yingakho-nje naye uVuyisile egqoke ijezi lakhe elibubende elivumelana nenyumfomu yakhe.
Azame ukuyiziba leyondaba yesheke uVuyisile ngoba uyazazela ukuthi uma sekuphathwa eyomholo, uMabhunu usuke eselukhonga uchuku lwakhe oselwaba yinsakavukela kulomuzi uma kuphele inyanga.  Ngisho naye uqobo lwakhe ngenkathi ebuya edolobheni, ubeseqalile ukubikelwa umntakaMcethe ukuthi konje kuyoze kuse ebheke ngawayizolo nakhu kuphele inyanga.
Athi ukumbuka umyeni wakhe lona njengoba akanasikhundla lapha endlini.  Ulokhu ebamba eyeka, ethatha ebeka kodwa akubonakali ukuthi umatasatasa nje wenzani.  Uyajuluka nokujuluka.  Kungabe uphila kahle lomuntu ojuluka

abantu bonke begodola?
"Kungabe sekuyisono muva nje uma isheke lami lomholo ngilifake ebhukwini lami lasebhange?  Kungabe sengone ngaliphi lapho Shandu?" Asho bandla umntakaMcethe athele igazi phansi bese elikhipha ibhuku lelo lasebhange alibeke lapha phambi komyeni wakhe ukuba azibonele.  Yena bese ezimela laphaya kujana ebuka lenkinga yenganekwane ayiganayo.  Cha, ngisho nalo ibhuku uqobo lwalo liyamfakazela ngoba linesingxivizo sakhona ebhange nesamba semali ayifakile namuhla ebhukwini.  Usuku luze lwashaywa ngomshini phansi - umhlaka 31 kuMashi.

89

"Sengikutshela okokugcina-ke namuhla ukuthi isheke lakho ubolethula lapha ezandleni zami ngaphambi kokuba ulishintshe.  Uyangizwa ukuthi ngithini Vuyisile?" Washo ebhoka lapho uShandu eshaya ngesibhakela etafuleni.  Ibhuku lelo angalibheki nakulibheka asimze aliphose laphaya ezinyaweni zikaMaMcethe - liye limshaye esithweni umakoti.  Alibuke azithulele umntanomuntu Ambheke umyeni wakhe ngokujabha.
"Nansi imihlola ingivelela-bo!  Nansi ingulube inginonela emini libalele!  Manje ngoba nakhu uziphathelwe yizikweleti zakho zalemoto yakho, manje thina sewuzosishayela imitheshwana elishumi engasho lutho?" Naye uMaMcethe ezwe kuthi xhifi.  Phela naye wazi kahle ukuthi selokhu eqalile nje umashi beyihlupha kakhulu lemoto kaMabhunu.
Athi ukuthula ethi mhlawumbe uzophendula uMabhunu.  Azithulele uMabhunu akaphendula; esikhundleni salokho, ashaywe ngenkulu intwabi.  Kuze kube nguye uMaMcethe oqhubayo ethi:
"Kodwa nawe Shandu uyangimangaza; empeleni, yimina engathi thenga lesibozi semoto wena ungasacebisananga namuntu?  Wena uthe uma ubona oGamede noMntambo benezimoto, wabe usukeleka njalo usuyothenga lenkinga yakho yemoto?  Akusilona idokwe eliphekelwe mina lelo uma seyikuhlupha lemoto yakho ngoba ngisho nomniniyo waze wayithengisa nje ngoba ebalekela izindleko zayo." Ukhuluma namuhla uMaMcethe umbheke ezinhlamvini zamehlo.
"Uma wena Shandu bewufuna usizo lapha kimi, khuluma nje kahle, ngisho nami ngingathinteka ngikusize uma amandla nginawo.  Wena ukwenqenani ukuzithoba uma uhluphekile?" Kusho yena uMaMcethe.
Kube nguye manje uMabhunu ochobozelayo kungasavumi nokuba ambheke emehlweni.  Akathule isikhashana lapho okaShandu.
"Mina angihlehli ngingesona isitimela, uma ngabe ungazi kahle wena MaMcethe.  Uyawuthobela owami umthetho kulelikhaya likaTilongo noma-ke nawe uzoshaya eyakho imithetho ngoba nakhu unguSista laphaya esibhedlela?" Kubhoka yena uMabhunu eshaya ngesibhakela lapha etafuleni.  "Ungakhohlwa phela, Vuyisile ukuthi ubusister lobo bakho oqhoshe ngabo bugcina khona esibhedlela.  Kulona owami umuzi, yi-

90

mina ngedwa indoda eshaya umthetho; akekho futhi omunye ngaphandle kwami.  Ngifuna ukuzwe kahle lokho, Vuyisile Uma ungafuni sixabane."
Washo waze wasukuma manje uMabhunu eseshaya phansi nangonyawo.  Ukhuluma sengathi wehla phezulu lomuntu kanti-ke amehlo lawa sewungefunga.ukuthi nanti iqhimilili
lethukile.
"Yeka nalemithetho yakho elishumi nanhlanu ejobelelwa njalo uma kuphele inyanga!  Niyoze nakhohlwa mame ningamadoda ninemizi ntombi!" Sekubhuqa yena uMaMcethe efola elicosha ibhuku lakhe elifaka esikhwameni.  "Wawunani kodwa uyibhale lapha ezindongeni zalomuzi wakho yonke leyomithetho ukuze umuntu ayifunde ekuseni evuka futhi ayifunde nje noma ezihlalele endlini ingaze yamkhohla?  Uthi lokho kwakungeze kwabangcono, Shandu?" Kubhuqa yena uVuyisile.  Usefunde kwezakhe kudala umntanomuntu ukuthi useke wayiqethula ingilazi uShandu uma esekhuluma kanje.  Yibona futhi lobu obumjulukisayo.
'Akuwena Shandu owathi kimi uma ngiholile, imali engingezukuyidinga masinyane, angiboyikhweza ebhange ebhukwini lami?  Akuwena owasho njalo Shandu?  Akungathi-ke uma uziphathelwe yizinsizi zakho bese mina ungishayela imitheshwana yakho ngemali yami ngoba nakhu ungincikisele ngalomuzi wakho dade!" Washo lapho wanyakama uMaMcethe naye phela asecasukile.
"Konje singamadoda sobabili kulomuzi?  Uma nawe ufuna ukuba ushaye eyakho imithetho, ungavele uzakhele owakho umuzi lapho uyozenzela konke ngokuthanda kwakho.  Kulomuzi kaTilongo ngizothi ngishaya owami umthetho nawe ube ukhuluma ushaya nawe owakho?  Zingahlala yini izinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa?  Konje siyahola singamadoda sobabili kulomuzi kaTilongo?" Washo lapho wanxapha uMabhunu. Manje usefudumele usedinga nje umuntu angaxabana naye balwe kuphume leligazi elimshisayo ngaphakathi.  Imphinde futhi intwabi kuwona lowomzuzu.  Kuconse namathe bandla lapha emlonyeni.  Pho uzothula yini umfoka Shandu?
Aphinde futhi anxaphe bese eshaya etafuleni ngenqindi.
"Eshi mame!  Kudela nina madoda eninemizi, ntombi!" Sekubhuqa uVuyisile ehleka inhlinini.  "Kungabe konje unxa
91

phela mina njalo, Mabhunu?  Sengiyinja oyinxaphelayo kulomuzi wakho wodumo?" Asho abambelele edanda uMaMcethe.  Ambuke umyeni wakhe.  "Kungcono-ke namuhla ngoba sewuze walimisa ngesihloko elokuthi angiyozakhela owami umuzi lapho ngizoshaya owami umthetho.  Ngiyethemba ukuthi ngeke lakukhohla lelozwi lakho olikhulumile namuhla.  Uma likukhohla, ngiyolokhu ngikukhumbuza lona uma izinto sezilukhuni ..." Ethuke lapho iphimbo lakhe selivevezela kubekhona nefana elisithibeza amehlo akhe nakhu sezigcwele amehlo kumntanomfazi.  Pho usho ngeziphayiphayi zamehlo akhe athi uma ekubhekile ngawo kube sengathi ukugqokozele.  Yinhle nazo izinyembezi zayo intombi kaMcethe.
Akhale uVuyisile.  Zehle manje zithi pho, pho, pho ezihlathini ziqale manje ukuqathakela phansi.  Akhiphe iduku lephepha azesule.
Ethuke manje uMabhunu uma esembona umkakhe ukuthi usekhala ngempela.  Phela yena ubethi wendlalela ukuba aboleke ama-Rl75 lapha kuMaMcethe.  Imoto iyiqedile imali yakhe kulenyanga kanti kusafuneka enye futhi uma sekuhlangene nentela yomgwaqo njengoba yena uthela ngoApril.
"Kahle phela, Vuyi, ngezinyembezi.  Kanti sixabene yini?  Sekuyisono uma nami ngibeka owami umbono?  Sengonile ngokwethula iseluleko sami kulomuzi, Vuyisile?" Kuzincengela umabhunu esondela kumkakhe.  "Ungefunga ukuthi bengikushaya kanti wenziwa yilezinyembezi zakho ezisemehlweni.  Ngixolele, Vuyi, uma ngiphoxile."
"Shandu wami, ngithanda ukukutshela ukuthi umoya wami uwephulile namuhla; futhi uwephule kakhulu.  Okungidabukisayo nje kuphela, wukuthi kodwa sewungaze ungibalisele kangaka nje, kungabe ngoneni nje nempela?  Nawe uyazazela ,ukuthi ungithethisa nje, angone ngisho nokunci.' Ukhuluma aze aneke izandla namuhla uMaMcethe.  Kuphele ngisho namahloni namuhla.
'Ngineqiniso ukuthi kuleminyaka sihlezi nawe sewuyangazi ukuthi ngingamxolela umuntu ozongishaya kunokuba umuntu elokhu enginambuzela engibalisela engithethisa.  Pho bese ngithethiselwa nje into engekho, Shandu?" Washo waliphakamisa iphimbo manje uMaMcethe.  Abakaze manje uShandu eseswele nomgodi wokucasha.  "Kuyobe ayiphelileke inyanga kulomuzi wakho!  Kungcono kodwa ngoba nalandise kahle ukuthi sengehlulekile.  Kungcono ngizigodukele uma ngingelusizo kuwe ngoba phela nasekhaya ngangingaxoshwanga ... sewenza sengathi mina wangithola nje esigangeni ... kodwa kuyokubutha khona ukuhlwa.,."
Wakhala-ke lapho into ewumunyu.  Ukhala nje uyabalisa lomuntu.  UMabhunu usephenduke ingane ngoba usedinga nje ukuthi uzomthulisa kanjani.  Bathi damu manje nabo utshwala egazini.  Useswele namazwi angaxolisa ngawo uma uMaMcethe esekhuluma kanje.
"Kahle phela ukungisongela ungiqalekise kanti nawe uyabona ukuthi ngixakekile kulenyanga." Kuzikhalela yena uMabhunu.  "Bheka ngoba umholo wami uphelele emotweni kanti angikayitheleli umgwaqo kanye neThird Party..."
"Pho manje uma uxakekile sekufanele kuxakeke umhlaba wonke?  Waze wamkhulu-ke bo!  Umkhulu ungaphezu kukaFaro eGibithi uqobo lwakhe!" Asho amhleke usulu - umhleka nazo izinyembezi bandla.  "Shandu wami, mina-ke engizokushiya nalo yileli oyosala ungikhumbula ngalo.  Uma lomuzi wakho uqonde ukuba uwakhe, kufanele ukuba ukhethe ukuthi uzowakha notshwala noma uzowakha nomkakho.  Uma ubona ukuthi awunakuhlukana notshwala, sala naso-ke isithixo sakho leso.  Ngaphandle kokuba uhlukanise intamo nesixhanti, ngeke uwakhe lomuzi wakho.  Mina ngokwami, sengizobheka engafika ngayo inyathuko." Ukusho konke lokhu umbuka ezinhlamvini zamehlo uMaMcethe.  Ambheke isikhathi eside elindele impendulo.  Kwaba nguye manje umabhunu osefikelwa amahloni esechobozela.
Phinde impendulo.
Wanxapha kanye lapho uMaMcethe wayesuka evula isicabha sekamelo labo lokulala engena.  Asivale isicabha emva kwakhe sizwakale isikhiye esezikhiyela ngaphakathi ekamelweni.  Wasala yedwa uMabhunu esethalaza ubala.  Usebakaza nje kuhle okomuntu eshiywe yisitimela esibhekile.  Amuzwe uVuyisile ekhicila ngaphakathi.  Manje uyakhala kodwa akasabalisi njengakuqala.
Waqala manje ukuzisola uMabhunu esezibuza ukuthi kodwa ubethi wenzani nje nempela ngokuqala athethe.  Eqinisweni, yena ubethi nje uzobikela umkakhe ngohambo abazokuba nalo benoMntambo njengoba bengamalunga esigungu senhlangano yamathishela aseNatal njengoba yena engunobhala-jikelele we-N.A.T.U. Kulowomhlangano wesigungu seExecutive akanakuphutha njengoba phela kulindeleke ukuba ethule umbiko wonyaka owedlule.  Ngisho nazo nje izimemo zalomhlangano zibhalwe zathunyelwa uyena uqobo lwakhe ukuthi wonke amalungu esigungu se-N.A.T.U. makaze ayohlanganela ehhotela e-Executive eMlazi kuze kushaye uLwesine.
Waqala-ke manje ukuzungeza lapha endlini uma esesele yedwa umfokaTilongo.  Wazungeza lapho waze wakhutshwa yisihlalo lesi afike wagaxa kuso ibhantshi lakhe ngenkathi efika.  Wabe useqonda kusona isicabha sasekamelweni labo

lokulala efika engqongqotha.
"Vula phela, nkosikazi sikhulume; nami sengiyabona ukuthi ngonile ngasuke ngakuthathela phezulu, Vuyi." Kuzikhalela yena uMabhunu abuye athule elindele impendulo bese eqhuba futhi: "Okwesibili, nkosikazi ngicela ukuba ungilungisele amayembe amane engiyohamba nawo kusasa njengoba ngiya emhlanganweni we-N.A.T.U. eThekwini.  Vula Vuyi, ngikuchazele konke ..." Usho njalo isicabha uyasidlikizisa abuye asikhahlele nangonyawo.  Hamba tshwala!  Naye akazenzi bandla.
Aphinde futhi abeke indlebe kusona isicabha.  Phinde; akukho mpendulo.  Aphinde futhi asidlikizise isicabha, kodwa kudlule kucwebe.
Asuke lapho anxaphe eseqonde emnyango wasekhishini, abe uyaphuma njalo.  Bayethuke seyiduma imoto - uye lowaya eseya kozihlalela naboMntambo benoSibisi endlini yabo.
Bazixoxela nje kwakuhle belokhu bethi qhabu bedlala namaphepha.  Ngisho akayiphathe lendaba yengxabano yabo benoVuyisile; yena phela uthi selidume ledlula ngoba phela kuke
kuphikiswane ibuye iphele eyomndeni.
Sebevumelene ukuthi okungenani bazohamba ngemoto kaMntambo ngoba nakhu lena eyakhe kayilungile kahle futhi nje ayithelelwe ukuba ingaba semgwaqeni.
Waze wazigodukela ngoba sebelala naye enzela ukuba alale elungisile izimpahlana lezo azohamba nazo njengoba sebenqume ukuthi bayosuka lapha engakashayi u-8 ukuze ba-
hambe nje kahle bangajahi.
Angene ngesango nemoto ayicime abese eqonda endlini.
Akummangalisanga nakancane uma ebona ukuthi isibani sesi-

95

cinyiwe; uyabona ukuthi kusobala ukuthi uVuyisile usezilalele ephethwe nayisizungu.  Wangena ngomnyango wasekhishini wase ekhanyisa esedlulela esicabheni sasekamelweni.  Aphinde futhi angqongqoze njengakuqala.  Phinde impendulo futhi akusezwakali ngisho nokukhicila lapha ngaphakathi.  Kusobala nje ukuthi ubuthongo bube ngumanqoba.
"Ngivulele, Vuyisile; sengizolala, Nkosikazi.  Vula, Vuyi!" Esho ememeza naso isicabha esidlikizisa ngoba uyamazi uVuyisile yena uma esezumekile, zisuke ziye kakhulu.  Abelesele-ke engqongqoza ememeza; kodwa phinde impendulo.
Lesikhiye sasekamelweni phela yiloluhlobo lwe-Yale oluvulwa ngesikhiye kuphela uma ungaphandle.  Kanti-ke nakhona, uma lona ongaphakathi ecindezele inkinobho yakhona, ngeke wasivula ngisho noma usiphethe isikhiye sakhona sokuvula.  Yena-ke akasiphethe nasikhiye leso singaphakathi.  Wazikhuza sekuthi makasigqekeze isicabha lesi kodwa wabuye wazikhuza ukuthi lokho kuzomxabanisa nomkakhe phezu kwalelicala lasemini analo.  Pho manje uzolalaphi?  Into engaze imsize wukuba azilalele lapha kusofa esidilomu ngoba uMaMcethe kungenzeka ukuthi usagane lona unwabu ngendaba yasemini.
Bona ubuthongo bake behla kuMabhunu elele ngebhantshi eyisigaxana lapha kusofa emzini wakhe?  Ulele nje kodwa usalokhu eyibekile indlebe ukuthi uzomuzwa uVuyisile ekhwehlela noma nje ephenduka embhedeni.  Lutho.  Isithongwana ake wathi ukusithola sikanogwaja, samfikela nje sekusa impela. Wazumeka kakhulu-ke lapho.  Waze waziphaphamela nje ilanga ngoba selikhanyise yonke indlu.
Wavuka lapho waphaphatheka bheka ngoba ulele nezicathulo omdala.  Wasikhumbula futhi isicabha sasekamelweni esephinda engqongqoza ememeza ukuthi uVuyisile makamvulele useyahamba.
Lutho impendulo.
Wasibelesela isicabha esiganklaza nangonyawo; kodwa lutho impendulo.  Ngelikade wase ecabanga ukuthi into engcono wukuba aphumele phandle akayolunguza nangefasitela lapha ekamelweni.  Zafike zayikhinga emthumeni nakhona efasiteleni ngoba nakhu phela amakhethini abo lawa yilawa anogqinsi kanti namafasitela ngokwawo avalwe ngezinsimbi zokuvimbela abagqekezi.  Abuyele endlini engakabonwa

96

abantu abadlula ngendlela ukuthi kungabe uzungeza indlu
yakhe ekuseni kwenzenjani.
Abuyele futhi lapha kusofa afike ahlale phansi ikhanda leli alibambe ngazo zombili sengathi liyamesinda.  Athi ukubheka iwashi afice ukuthi sekushaye o-7, isikhathi leso abebevumelene ukuthi kungabangcono basuke ngaso lapha.  Manje inkinga wukuthi kodwa khona engahamba, angahamba kanjani njengoba ngisho nezincwadi zakhe zomzimba zivaleleke lapha phakathi?  Angabe esehamba ngalokho nje okusemzimbeni nemali engani ingaphakathi?  Athi qalaqala endlini bese ebona ishizolo eselithatha; afike asixhoze isicabha maqondana nalapho isikhiye singena khona.  Ngelikade, aze awubone umbele lona okuyiwona okhiyayo; awucindezele ngommese size sivuleke isicabha.  Selinjani-ke ifulemu lesicabha lapho?  Sekusho ukuthi useyothenga elisha uma esafuna ukuba kuphinde ku-
khiyeke lapha ekamelweni.
Athi ukuphakamisa amehlo ebheka embhedeni yabo.  Kwacishe koma ngisho amathe uma efica ukuthi akukho Vuyisile lapha endlini futhi akukho ngisho nengubo yokubika lapha embhedeni yabo yomibili.  Akukho ngisho neshidi lodwa leli.  Omatilasi bazihlalele nje buze nawo amaphilo lawa ezicamelo.  Avule ibhokisi likamakoti lomshado, afice kunamayenjana akhe amathathu angcolile.  Akukho ngisho neyodwa ingubo kaVuyisile.  Aphuthume kuwadilobhu nakhona afike kungekho ngisho neyodwa ingubo kaVuyisile.  Abuyele futhi ebhokisini lomshado aphenyaphenye; alikho ibhuku likaVuyisile lasebhange.  Kusele leli lakhe elibhedayo elino-R42 kuphela.  Wethuka esehlezi phezu kombhede.  Athi ukuphakamisa amehlo ebheka isithombe sabo somshado.  Afice ukuthi lapha esithombeni usesele yedwa - ubuso bukaVuyisile busikiwe nje kwasala ingubo nentamo Usezishadela yedwa uma kunje!
Laduma ngokunye-ke manje ikhanda kuMabhunu.  Kungabe usemshiye ngempela njalo uVuyisile?  Kanti ubesekhuluma kanjeya izolo ngoba eseyaleza okwangempela?  Zona izingubo zakhe zonke ubezithutha nini futhi kungabe ubezithutha ngani?  Kusobala nje ukuthi ubengathuthi yedwa; kusobala nje
futhi ukuthi ubesemcuphile.
Asuke lapho aqonde ekhishini estofini.  Azibukule amabhodwe lawa alale esitofini.  Isitambu, igugu likaVuyisile, asifice

97

sigcwele ibhodwe - asibondiwe nakubondwa. Ibhodwe leli lenyama yesishebo, nalo lisalokhu linjalo nje.  Okusobala nomlilo uze wazicimela nje ungasanakwe muntu lapha eziko.
Uthe esakhexile naso isidikiselo sebhodwe leli lenyama, bese eyizwa imoto kaMntambo seyipopoza khona lapha egcekeni phandle.  Usegqoke waqeda uMntambo useza lapha ukuzobheka ukuthi sekubuye kwenzenjani uma engasabonakali njengesivumelwane sayizolo.  Amangale uMntambo uma emfica engakalungi.  Kube yinkathi emlandisa-ke udaba lolu olumvelele.
'Angisaphumeleli ukuya'eThekwini." Sekusho yena uMabhunu esemlandise udaba lolu lomkakhe ohambile.
"Kodwa bewungazange kewumshaye, ntanga?" Sekubuza uSibisi ngoba naye ufike noMntambo.  "Phela izolo bekudlekile; awumshayanga nje umakoti?" Alandule uMabhunu.
'Pho uma ungazange umbeke isandla, kusobala nje ukuthi umakoti usakwethusa ne uzobuya.  Akusiyona into elula kanjalo ukuba umame womuzi avele nje ashiye umuzi wakhe singekho isizathu.  Asethembe nje ukuthi uMaMcethe usakwethusa ngenyoka engenamaziyo." Sekusho uMntambo ezama ukummisa isibindi.  'Lungisa wena Clive, sihambe.  Indaba leyo yamayembe uma engalungile, sesiyolidala icebo nakhona phambili ngoba imali ikhona.  Thatha wena amabhantshi namabhulukwe ushiye incwadi yokumchazela uma ngabe bewungamtshelanga ukuthi uyahamba."
Babetatazela-ke bobabili sebeqoqa.  Amabhodwe lawa anokudla alale eziko bawashiye kwaMaMchunu kanye nencwadi nezikhiye zalapha ekhaya.
Lapha kuMaMchunu angaze nje ayiphatha indaba yengxabano.
Basuka-ke noMntambo sebelibhekise eMdubane.  Nasendleleni inhliziyo kaMabhunu ilokhu idikibele.  UMntambo noma ethi uyamxoxisa, aphendule nje lokho akubuzile kube kuphela; naye uMntambo aziduduze ngokuthi kwenza nalo ibhabhalazi kanti uShandu usezwa amazwi okugcina kamaMcethe lawa awakhulume ekhala.  Lapha koMntambo benoSibisi, indaba uyibeka nje kahle iphutha lonke ulethwesa yena uMaMcethe ukuthi impela uyabhensa, ududwe wumbuso.
Umhlangano wabo waze wayophela ngalo uLwesine emini.
Nakhona lapho akekho owayengaboni ukuthi uMabhunu

98


IL

akayedwa.  Ubika nje ukuthi uphethwe yizinyo yingakho nje engakhulukhulumi yena wansondo.  Uma besathole ikhefu, uyomthola ezihlalele yedwa efundana nephepha.  Luyofika nini lona uLwesine kuhlakazekwe?
Wathi ungaphuma umhlangano, babesuka naye uMntambo sebebuyela khona eMnambithi.  Incwadi wayifica isalokhu ihlezi lapha kwaMaMchunu kanye nesikhiye.
"Kodwa awuzange umbone yena uMaMcethe kulezinsuku ngingekho?" sekubuza yena uMabhunu uma esemukela izikhiye nencwadi lapha kumame.
"Lutho ndodana; angizange ngimbone umakoti lonke lelisonto,' kulandula uMaMchunu." Abantu ebebefika kabili noma kathathu lapha, yilaba basesibhedlela bezofuna yena uMaMcethe.  Bathi esibhedlela selokhu agcina ngamhla behola."Hayi-bo!  Kanti nasesibhedlela akekho umkami?  Uthi pho akavelelwanga yingozi uMaMcethe?" kubuza uMabhunu ebheka phansi.
'Singazi yini phela ndodana?" kubuza intombi endala imbhekisisa ithi ukusondela kuyena yehlisa iphimbo ithi: "Eqinisweni, ndodana, nanike naxabana yini nomakoti ngamhla, ehamba lapha ebusuku?"
Aqale manje uMabhunu ukushintsha imibala njengonwabu uma ezwa lombuzo wentombi endala.  Phela okaMacingwane uyazazi izimpi zakulomuzi njalo uma kusuke kuphele inyanga.  Afikelwe amahloni uMabhunu abheke phansi.
"Ngingeze ngathi sasixabene ngoba sake sathi ukuphikisana ngento engelutho," kuphendula umabhunu ethatha izinyawo bese ejobelela ngokuthi: "Kuzodingeka ngibashayele ucingo abasekhweni lami ngibuze ukuthi nabo abazange yini bambone. Mina bengithi ulapha ekhaya."
Wazidonsa-ke manje esebheke endlini efika evula namafasitela ukuba kuphume isikhutha kushaye nomoya lona omusha.  Angene nasekamelweni labo afike kusenjengoba wayeshiyile mhla behamba.  Abeke nalezimpahlana abezithenge eThekwini abethi uzofike atoboze ngazo amagade abondloze lapha kumakoti kanti usekhe phansi.
Indlu ngokwayo isuke ibenkulu ngokunye futhi imesinde.  Kuze kube sengathi kukhona umuntu ocashe khona lapha emva kwamakhabethe.  Isizungu sona uzosenzenjani?  Uma

99

ekhwehlela nje, kuduma yonke indlu.  Wayesuka njalo esengena emotweni eseya kozihlalela nabo oMntambo benoSibisi.  Ngisho nokudla akwehli uma ezihlalele yedwa kanje.
Yaphela inyanga golokoqo engezwakali nangalukhalo uMaMcethe lapho ashona ngakhona.
UMabhunu sekuthi uma bebuya esikoleni bobathathu, uzohamba nabo oSibisi noMntambo bayozihlalela ndawonye bzilungise umsebenzi wesikole bahlanganyele nasekudleni.  Uzozihlalela lapha uyoze ahambe ngoba eseya kolala.  Usenamahloni ukuthi uma ehlangana nabantu abakhelene nabo bembuza ukuthi washonaphi uMaMcethe uyothini ngoba abantu baselokishini bayazithanda izindaba zabanye.  Ayikho indawo aseyesabisa okwasesibhedlela ukuthi uma engase avele ngakhona, bazomgcona bamhleke.
Abantu baselokishini sebesizakele ngoba indaba sewuyizwa emabhasini nasematshwaleni lapho behlangene khona abantu.  Babodwa labo abathi wamshaya wamlimaza usesibhedlela.  Abanye bathi nje nokusho lokhu kuwumthetho wezifundiswa ukuba amakhosikazi lawa ashintshwe emva kwesikhathi bethi nokusho, 'Izifundiswa zingomapheka-ethulula onjenge sosiphani."
Seyibuyile nencwadi evela ekhweni.  Empendulweni leyo abasemzini abamthethisi, abamsongeli, abamqalekisi uMabhunu!  Bathi nje nokusho uma bengase bamthole uVuyisile enomvimbo nje emzimbeni, bayomfundisa bona ukuthi umuntu oyisichwensi wenziwa njani.  Ngisho nabo oMntambo bathi uma beyifunda lencwadi bazibonela nje ukuthi ngisho nakhona ekhweni uMabhunu akasiyo into enakekile futhi ehlonishwa njengomkhwenyana.  Nokho bazithulela bafunda kwezabo ukuthi sengathi lengwe kayidli ngamabala njengezinye.
'Nina nibabaza ubala; akenifunde lencwadi engiyithole ngesonto eledlule.  Ngiqale nje angaze ngayinaka ngithi yincoko nje; kodwa sengiqala ukuba ngethuke manje ngoba nakhu sekufike eyesibili ngalelisonto." Kusho yena uMabhunu ebanikeza isiqeshana sephepha esibhalwe ngomshini.  Asinakheli futhi asinalo igama lalowo olithumeleyo.  Libhalwe amagama nje ambalwa okuthi:
'Mabhunu,
Uma ngabe usayikhathalela impilo yakho, valelisa ezihlotsheni

100

zakho usuke uphele lapha eMnambithi ngoba izinsuku zakho zibaliwe.  Okuzwelayo."
Nayo lena eyesibili isonga into efanayo kuphela nje kuyona ithi 'uma ngabe uthi ngiyadlala, bazozila abakini'.  Yona-ke iphetha ngokuthi' Okuxwayisayo!
Uma ezifunda lezincwadi zosongo asuke akhumbule ukuthi konje kunomnewabo kaVuyisile uBaldwin abathi beshada wabe eboshiwe.  Uzwa ngendaba ukuthi loBaldwin akanakhanda futhi waboshelwa indaba yevolovolo.  Wagcina nje ezwa bemkhomba ukuthi usemaphoyiseni akwaloliwe eMgungundlovu.  Yena ngokwakhe akaze ambone yena loBaldwin.
Bazifunde lezincwadi oMntambo benoSibisi bajabhe.
"Into engcono ofanele ukuba uyenze ntanga, wukuba lendlu yakho uyesule egameni lakho uthuthe nezimpahla zakho uziyise ekhaya wena uzozihlalela nathi lapha.  Akusaphephile neze ukuba uhlale wedwa kanti unezitha lapha ongazaziyo.  Nakho nje ukuthi umakoti wahamba nobani, walibhekisaphi, kuyingozi ngokwako." Sekweluleka uSibisi uma sebezifundile lezincwadi.  "Okwesibili, kufanele uwabikele amaphoyisa ngalendaba."
"Wona amaphoyisa angeze angihleka kodwa uma ngiwatshela lembude?" sekusho yena uMabhunu ezimisa isibindi esingekho.
"Kusinda eshoshayo mfokambatha; kawuboni yini wena
ukuthi sewuzulelwa ngamanqe manje?" Sekusho uMntambo.
Athule acabange lawamazwi oSibisi benoMntambo bese ephendula ethi: 'Lelo angilifeli amathe ngoba ngikhuluma nje, sekunemoto emnyama ebonakala njalo kusihlwa efike iphelele lapha esangweni lakwami kodwa kungaze kwehla muntu kuyona.  Lemoto ngiqale ukuba ngiyibone selokhu ziqalile lezincwadi ezingisongelayo.  Okungididayo ngalemoto, wukuthi kayikhanyisi." Bethuke ngokunye-ke manje uma ethule nodaba olukhulu kangaka.
Udaba lolo baze balwethula nakuthisha-nhloko, uGamede.  Naye waligcizelela leli lokuthi kufanele kwaziswe amaphoyisa ngalendaba ngoba ubugebengu budlangile muva nje.
"Wena uzobe ulokhu udembesele kanti sekukhona osethenge izigebengu ukuba zikuhlasele ungazelele.  Alikho icala ekubeni wazise abomthetho ukuze kuthi uma kukhona okuvelayo, abe enalo ulwazi oluthile." Sekweluleka yena umfo kaGamede uma eseyizwa lendaba.  Yena phela ubelokhu eyizwa ngamahlebezi lapha elokishini engayazi ingqikithi yayo.
Ngalona nje lelosonto ebikile emaphoyiseni, bethuka sekufika umfana esuka eposini elethe ucingo khona lapha esikoleni.  Wathi lapho eluvula uMabhunu, lwaqathakela phansi.  Ucingo lolo lusho ngokusobala ukuthi nakanjani makaze ashiye evalelisile ezinganeni zika Standard 8 B ngoba uyobe egcina ukuzibona ngolwesihlanu lolo.  Walufunda kabili bambona ediyazela sengathi unesiyezi.  Bamphuthuma bamhlalisa phansi.
Bathe uma bezifunda izinhlamvu zalo ucingo lolo, baqala amanye amehlo oSibisi benoMntambo.  Baludlulisele kuGamede naye athi angalufunda bese ebiza ibandla lesilisa selusingathwa.
"Kusobala ukuthi uzimisele ngempela lomuntu okusongelayo ukuba alufeze uso.ngo lwakhe" sekusho uGamede uma beyihlalele lendaba.
"Nami, thisha omkhulu, sengiyabona ukuthi naye lomuntu ongithumela lezinsongo, wumuntu okhona lapha eMnambithi futhi onolwazi oluphelele ukuthi mina ngingu-Class Teacher wakwa Standard 8 B. Angingabazi futhi ukuthi naye uVuyisile ukhona kulendaba." Sekusho yena uMabhunu elugoqa ucingo lolo elubuyisela emvilaphini olufike ngayo ebomvu.  "Bakithi, kunokuba impilo yami ilokhu ilenga ngentambo yolwembu, kungcono ngivele ngizihambele ngingaze ngilindele emathonsi-banzi."
Wakusho lokho wakhipha iduku umabhunu wambona ehlengezela izinyembezi.  Ngisho nasemzimbeni uyabonakala bandla ukuthi kukhona into emphethe kabi, bandla.
"Impela umkami ngeke ngamxolela ngisho noma sekunjani ngalento angenze yona ukuba ngibe yinhlekisa lapha eMnambithi.  Nazisiza nina mfo kaMahlatse enisazihlalele ngoba umuntu wesifazane akehlukene nosathane ohamba ngezinyawo uma senixabene naye," sekusho yena uMabhunu.  "Nami-ke ngingakafi, ngiyodela ngike ngazwisa isihlobo sakhe segazi lobubuhlungu engibuzwayo ngenxa yakhe uVuyisile."
Akasayiphathi manje nendaba yokuthi naye wenza iphutha uMabhunu; usezibeka ebuhleni!
Njengoba ucingo lolo lwafika emini ngoLwesithathu, babe-

102

suka njalo naye uGamede sebeya ehhovisi lomhloli wezikole ezokwethula udaba lokuthi nangu uShandu esewushiya umsebenzi phakathi nesikole.  Bamchazela isisusa sonke sendaba bemnikeza nazo izincwadi lezo nocingo.  Washiya ebhalise amakheli asebusingatha ekhaya ukuze kuthi isheke lakhe balithumele khona.
Ngakusasa wavukela ehhovisi likansumpa welokishi eseyokwesula yona indlu-le egameni lakhe efuna nezindleko zakhe uma sekungena omunye umuntu njengoba useyilungise wafaka nosilingi phezulu wayiplastela ngaphandle nangaphakathi.
Athi eshaya amadina, wabe engena emagcekeni akubo ngemoto yakhe.  Wabalandisa-ke udaba lonke.  Babonga ukuthi kubeyinhlanhla ukuba ahambe esaphila.
Kwasa okungaliyo; sekuyilona uLwesihlanu usuku lwamanqamu phela.  Kwake kwalalwa yini eSteadville ngalelolanga?  Kwathi nje lapho kushaya o-10 kusihlwa, kwakufika imoto emnyama yafika yema esangweni lakhona lapha kwaMbatha.  Yema maqede yase icima izibani zayo.
Yema lapho isikhathi eside; kwathi emva kwesikhathi, kwase kwehla izinsizwa ezintathu zavula isango maqede zase zingena ziqonda khona endlini.  Zafika zangqongqoza isikhathi eside lapha esicabheni esingaphambili.  Ngelikade kubuye kulandele esinye isithunzana base besuka-ke sebeyongqongqoza esicabheni sangemuva.  Nakhona kungabikhona mpendulo.  Ziyasuka-ke lezinsizwa seziphihliza amafasitela ngamatshe.  Kwathi noma sezikhanyisa ngamathoshi emafasiteleni, zathola ukuthi akukho muntu.  Zazibuyela futhi emotweni sezizobhunga nalona ezihamba naye.
Yasuka-ke lapho imoto emnyama yaye yema lapho kuqashe khona oSibisi benoMntambo.  Yabafica besazihlalele ngoba babesandukuqeda ukudla besazixoxela.  UMntambo ubeqeda ukusho nje ukuthi kazi lishona nje ukuziphi izinkalo umfokaMbatha.
Lababalisa bafike bangqongqoze esicabheni esingaphambili nakwesangemuva kanye kanye.  Bathule babhekane oMntambo benoSibisi.
Bangqongqoze lababhemu ngenkulu inkani le.
"Kungabe obani labo abangqongqozayo?" sekubuza uMntambo.

103

"Yithina, vulani!" kuphendula lona onesihosho ongqongqoza lapha esicabheni sangaphambili.  Ubelesele nalona ongqongqoza esicabheni sasekhishini.
'Yinina ningobani?  Futhi nifunani lapha ebusuku futhi anizisho ukuthi ningobani?" kuqhuba uMntambo ezwa intende yesandla sakhe seyinomjuluko.  Babhekane benoSibisi.  USibisi useke washaya nesiphambano kwaphela ukuqina.
"Sifuna uthisha uShandu - Vulani-ke ngoba sijahile.  Mkhipheni nimlethe lapha uma ningafuni ukulimala kanye naye" kusho sona belu isihosho esicabheni esingaphambili.
"Pho uma nifuna uShandu, beningayi ngani komfuna emzini wakhe?" Kubuza uMntambo ezibamba ukucasuka.  "Pho nazomfuna lapha pho nesabani ukuya emzini wakhe?"
"Sesivela khona endlini yakhe kodwa safica engekho.  Sazi kahle ukuthi ucashe lapho endlini ngakho-ke ningalokhu nisilibazisa ngemibuzo uma ningafuni ukuba sinenze isilo sengubo kanye naye.  Vulani-ke bafokazi ningasilibazisi ngeze." Yisona belu isihosho esisho njalo.  Sikhuluma ngokukhulu ukuzethemba lokhu.  Yisichwensi nje esingabuzwa futhi esingabashayi mkhuba nalabantu abasendlini.
"Njengoba nithi animtholanga emzini wakhe, pho uma ningasamtholi nalapha endlini yinto leyo eyokwenziwa njani?" sekusho uSibisi naye esezidela amathambo.  Simsizile isiphambano nakhu esengusibindi-gidi.
"Bafokazi, angikhathali ukuthi nibangaki lapho endlini, njengoba nakhu sengathi nani ninenkanyana, uma simfica lapha phakathi uMabhunu nifuna ukuba nina sinenzenjani?" kubhoka sona isihosho isicabha sisidlikizisa.  'Niyasivulela noma nifuna ukuba siqale sinikhombise ukuthi sisuke eMgungundlovu ngoba siqonde lokhu esikuqondile?  Niyasivulela noma nifuna singene ngendlovu-yangena?"
"Pho uma nifuna uShandu anizisho ngani nina ukuthi ningobani?" sekubuza uSibisi manje usemi phakathi nendlu.  Isicabha lesi sasekhishini usesishiye sodwa kanti futhi akafuni ukusondela laphaya kuMntambo obhekene nalesiqhwaga esihoshoza phandle.
"Webanumzane, musani ukusishonisela ilanga ngeze.  Niyasivulela noma nifuna ukuba sinihlanganise naye uMabhunu lowo?  Vulani uma ningafuni ukuthelwa amachaphazelo!" Kusho sona isihosho sinxapha.

104

"Niyoze nizisho ukuthi ningobani.  Ucabanga ukuthi singavulela izigebengu ebusuku ezingazisho nanokuthi zingobani ..." sekusho uMntambo manje sekuthe xhifi nakuye.  Akaqedanga nalokho ayekusho; laduma ivolovolo khona lapho esicabheni sangaphambili.  Indlu yonke yanuka umsizi.  Kwezwakala izinja zishaya umkhulungwane kulemizi eseduze.  Akekho owatshela omunye ukuthi mabasivule isicabha leso.
Zangena zontathu lezizinsizwa ezigqoke amajazi amnyama kanti ebusweni lapha zizemboze ngezigqoko zikavolo.  Zangena zaqonda kuMntambo zazimdumela zimhlohloloza ngento esansimbi zambhekisa odongeni ekhoneni lendlu.  Zazibuya sezikhomba uSibisi naye kwelakhe ikhona.  Oyedwa wagada uMntambo kwathi owesibili wabhekana noSibisi kwase kuthi isihosho lesi esiphethe ivolovolo elithunyayo, sasingena siphuma kuyona yonke indlu sikhanyisa ngethoshi.  Emakamelweni sasifika sivula amakhabethe, silunguza nangaphansi kwemibhede, kodwa sangathola lutho noma sesingehe ku-
wona womane amakamelo.
"Nx!  OVuyisile bathi bayagana, badlala ngesikhathi sabo nje,' kusho yona lensizwa enesihosho enamahlombe abanzi uma seyihluleke yonke indawo.  "Bheka-ke sengihambe ibanga elingaka ngihambela ubala!  Nize nimtshele uMabhunu ukuthi impela aze alihlabele inkomo emhlophe idlozi lakhe ngoba nakhu asimtholanga lapha.  Nimdonse ngendlebe ukuthi izinsuku zakhe zibaliwe lapha emhlabeni uma ezodlala ngoVuyisile.  Asihambeni madoda siyofika nini eMgungundlovu." Sasho sibakhomba umnyango ngalo ivolovolo.
Baphume balandelane kugcine sona isiqhwaga lesi sevolovolo.  Isicabha basishiya sithe gengelezi.
Kube yikhathi sebethombuluka oSibisi benoMntambo uma sebeyizwa imoto seyiduma ihamba.
"Uzisizile umntakaMbatha wazihambela.  Bheka ngoba nathi sesicishe sathola amachaphazelo!" Sekusho uSibisi esesivala isicabha lesi sangaphambili.  "Nakanjani bebengeke bamshiye ephila.  Nalombhemu wesihosho ungathi uqhuba intwala ngewisa futhi uzethembile.  Ngiyasola ukuthi uyisihlobo sika Vuyisile.  Umzwile esethi bona basuka eMgungundlovu?" Kusobala ukuthi wazalwa izinsizwa ziboshiwe ngendlela adelela ngayo."
"Sekuyavuma nokuba ukhulume manje ngoba sebehambile

105

Mahlatse?" kuhleka uMntambo.  "Umbonile loya owesifazane abebemshiye emotweni?  Phela lesibani esisophahleni semoto simkhanyisile lona owesifazane ngenkathi sebengena kuyona imoto."
"Ingabe uyasho!  Bengisadinga nje ukuthi kungabe indlu yethu bayikhonjiswe ubani abantu baseMgungundlovu.  Angingabazi ukuthi bekunguye uVuyisile.  Akalibonge elakubo umntakaMbatha!"
NgoMsombuluko ekuseni wayefika uMabhunu neloli esezolayisha zonke izimpahla zendlu.  Wase eya nasesikoleni eseyovalelisa koGamede.
Bathi uma sebemxoxela indaba yangoLwesihlanu oMntambo benoSibisi, nalesiqawaga sesihosho sevolovolo ebesithi sona sisuka eMgungundlovu, wasimze wathi:
'Kuyoba kancane kungesiye uBaldwin umnewabo kaVuyisile lowo.  Ngisho noma angathini, linye elami naye ngoba phela izintaba zona zimi ndawonye futhi ngeke zahlangana.  Thina sinaye siyoze sihlangane uma sisaphila.  Sengiyomjezisela yena udadewabo lo ongenze inhlekisa lapha eMnambithi." Washo wahlengezela izinyembezi lapho esevalelisa kubangane bakhe.  Saba sikhulu isililo sikaMabhunu esikoleni ngoba phela wayezifundisa ngempela lezifundo zakhe.
Yaphela iminyaka emithathu engaziwa uMabhunu ukuthi washona ngakuphi nezwe uma eseshiye lapha esikoleni waphuma ngesamagundane.
Phela wathatha izimpahla zakhe waqonda ekhaya eBusingatha eMazizini wafike wahlala izinyanga ezintathu esafuna umsebenzi ngezincwadi.  Wethuka sekufika incwadi seyimbiza ukuba azifikele mathupha eThekwini kwaKopeletsheni aphathe izincwadi zakhe.  Wafika waqashwa ukuba afundise abashayeli bamabhasi akwaKopeletsheni.
Kulomsebenzi wafika wahlala kahle futhi wathuthuka ngoba nakhu utshwala wabufungela ngamhla esuka eMnambithi.  Ngokulala, uziqashele ikamelo emzini wakwaMadondo, eNdunduma, eClermont.  Usenomkhaba imbala omdala.  Usashiya nentshebe; uma uhlangana naye sewuzibonela nje' umnumzane onobhebhenene wentshebe ofaka izibuko washiya nesihluthu.
UMaMcethe yena kwathi uma kuphela unyaka, wabe engena kubameli esemangalela uMabhunu ukuthi wamshiya nge-

106

sihluku nonya endlini yabo ngaphandle kwesizathu - usefuna isehlukaniso.  Isaziso leso wasibona naye ephepheni kodwa wangazihlupha nokuba akaye enkantolo yezahlukaniso.  Incwadi yabo yomshado yadatshulwa nje engekho nokubabikho.
Lapha-ke eThekwini waziwa nje ngokuthi ungomfokaNdaba waseMtshezi ngokuzalwa.  Uyinkomo edla yodwa njengoba engasaphuzi.  Uthi angashayisa emsebenzini abe ezingenela emotweni yakhe emhlophe afika wayithenga uma efika lapha emzini kabhanana.
Kulomuzi aqashe kuwona kaMadondo, usetholene nomunye umhlengikazi naye oqashile.  Lomhlengikazi wakwaSithole usezwile ukuthi usesibhedlela saseSpringfield.  Usewutholile umkhondo kaBaldwin ukuthi usashintshelwa eMgungundlovu kwaloliwe.  Alikapheli igqubu lelo eliqondene nabakwamcethe abamenza kabi.  Uma esekhumbula kancane, wayeke axoxe uVuyisile ukuthi ingoduso kaBaldwin ngeyakwaCele eFairview.  Negama usalikhumbula ukuthi lalingu Abigail.  Ngokusho kukaVuyisile, yabe ingumhlengikazi kusona lesosibhedlela uMaSithole akusona.  Bona bathi beshada, uBaldwin lowo wabe esejele edonsa ngecala levolovolo.
Kuthi ngelinye ilanga ezokha amanzi empompini, bese belamelana naye uMaSithole.
"Uxolo nkosazana Sithole, angithi wena sewunesikhathi ulaphaya esibhedlela eSpringfield?" sekubuza yena uShandu ebeka phansi ibhakede lakhe.
"Yebo, Ndaba kunjalo ngoba unyaka weshumi ngiwuqede ngoJune walonyaka," kuphendula uMaSithole naye elibeka phansi elakhe ibhakede.  "Kukhona yini umuntu omaziyo
khona esibhedlela, Ndaba?"
'Bengibuza nje ngoba ngike ngezwa umzala ekhuluma ngentombazane yakwaCele ekhona lapho esibhedlela eSpringfield adukelana nayo." Sekulanda uMabhunu.
"Intombazane yakwaCele kuphi nezwe?"kubuza okaJobe.  "Ngithi eyaseMzumbe eFairview uma esho umzala." Kusho uMabhunu.
"Intombazane yakwaCele eMzumbe?  Igama lona awusalikhumbuli?  Phela sibaningi kabi laphaya esibhedlela.  Kusho umabhunu.
"Sengathi wathi igama lingu Abigail Cele uma ngingaphosi-

107

si," kusho uMabhunu ekhumula isigqoko enwaya impandla." Ngezwa sengathi seyashadela kwaZondi leyontombazane.  Kungabe uyayazi?"
'UAbigail Cele wasemzumbe?  Mina umuntu oyilelogama nesibongo, washadela kwaMcethe." Kusho uMaSithole enwaya ibunzi.  "UAbigail Cele oshadele kwaZondi, angimazi impela.  Mina loAbigail Mcethe onguMaCele waseMzumbe, uqashe indlu khona eduze nasesibhedlela kuStanley-Copley Drive.  Ngimazi kahle ngoba futhi sejwayelene naye.  Umyeni wakhe useshintshelwe eMgungundlovu kuyona leminyakana.  Cha, u Abigail Zondi lowo kangimazi nempela kodwa ngingafike ngikubuzele."
"Qha, ungazihluphi wena Jobe ngoba naye umzala wayekhuluma nje ngoba ekhala isililo sayo leyontombi ayeshela yamehlula.  Kungenzeka nje futhi kube wukufana nje kwamagama kanti futhi ingamkhohlisa nje intombazane ithi ilapho eSpringfield kanti izisebenzela nje lapha emakhishini - uyayibona into enjalo?" Kusho uMabhunu edumela ibhakede lakhe eyongena endlini yakhe.
Useyithole yonke-ke indaba abeyifuna.  Wahleka yedwa lapho esebuka izithombe ezindala besathandana noVuyisile.  Engakalali, wabe edumela ipeni esebhala ethi:
'Baldwin,
MfokaMcethe bengithi uyindoda futhi uhlakaniphile kodwa sengiyamangala uma sewuvuma ukuba ushiye umuzi wakho lapha eThekwini.  Kimi njengoba ngikwazi, kuyangijabhisa uma sengibona u Abigail esehlala nesoka lakhe elidala lapha emzini wakho.
Yimina othintekile,
G. Ngobese.'
Wayikhela kahle lencwadi wayifaka nesitembu.  Ithunyelwa ekhelini lakwaloliwe eMgungundlovu.  Ayipose azithulele.
Bese kuthi ngesonto ntambama, bese esuka ngemoto yakhe eqonda khona esibhedlela.  Wazi kahle ukuthi uMaSithole ulapha ekhaya akasebenzi.  Uma efika nje esangweni, bese eyimisa imoto esehla ngezinyawo eqonda kulesigejana sabahlengikazi esingasesangweni esebuza ukuthi angambona kanjani u Abigail Mcethe - uMaCele.
"Uyoze angene kusihlwa uma ngingaphosisi." Sekusho isiphofukazi esidekazi esifaka izibuko.
"Manje-ke pho ngingambona kanjani ngoba wayethe uma

108

ngifike lapha esibhedlela bayongilayela umuzi aqashe kuwona khona lapha eduze ku-Stanley-Copley Drive?" Asho impela angangabazi nakancane.  "Into nami ngisenendlela kanti benginomlayezo ovela kuMcethe umyeni wakhe athe angize ngiwushiye ekhaya.  Ningengisize?"
Abhekane amakhosazana bese kuba iyona lena yezibuko eqhubayo-
'Makube asizongena emsebenzini khona manje, bengizokukhombisa ngikuphelezele ngoba kukhona nje lapha eNqulwini." Kusho yona intokazi yezibuko ikhomba.  "Uma wehla ngalomgwaqo, uzokwehla njalo udlule amasango amane angakwesobunxele.  Elesihlanu, kuyobe yikhona.  Uyobona nje ngendlu emhlophe eyisitezi.  Uqashe lapho-ke u Abigail.  Uqaphele izinja."
"Ungalingi wehle emotweni ngoba zinolaka kabi.  Uyongena nje ngayo imoto esangweni uyozibona izindlu zeziqashi ngasemuva." Sekusho lentokazi enonwele lwempunzi ebeyizithulele imbuka lombhemu.
"Ukwanda kwaliwa wumthakathi yedwa, makhosazana amahle!  "sekubonga yena uMab ' hunu." Kwakubi-ke sabonana kanti ngijahile ngakube siyaxoxa sazane.  Mina nginguMbuso Cele - uyise ka Abigail nobaba bashiyelana ibele."
"Nkom'eyasengwa ilele!" Sekusho intokazi yezibuko." Igazi belivele langitshela ukuthi nangu uNdosi.  Nami Ndosi ngingowakhona koKhumbuza.  Uze umtshele usisi Sizakele ukuthi aze aphathe okumnandi uma eseza lapha emsebenzini umtshele ukuthi kusho uThobile!"
"Khumbuza omuhle - nkom'eyasengwa igiyeme!" Kusho yena uMabhunu ebuyela emotweni," Ngiyothi ngamhla ngiphinda ngifika lapha esibhedlela, ngiyethemba ukuthi uyobe sewungitholele umuntu wokuba angiduduze dadewethu!" Asho eyidumisa imoto isuka kancane avalelise ngesandla.  Zimphelezele izithakazelo zakoNdosi aze ayosithela.
Bamyalele kahle ngempela ngoba nasi nebala isitezi leso esiphansi kwemithi.  Wabe uyayingenisa imoto eyihambisa kancane.  Ambone umfanyana odlala yedwa phandle.  Aphume bese emdlalisa esihlathini aye angqongqoze.

Lapha endlini afice abesifazane ababili.  Lona osemusha uvathe azesesibhedlela kanti lona owesibili ngumame oseqi
109

nile.  Kusobala ukuthi uyena lomame osala nomntwana uma eye esibhedlela.  Akhuleke abuze nempilo.
'Wo, nami angihlezi neze, sengithi angidlule ngoba usibali uMcethe ubengilayezile laph'ekhaya." Sekusho uMabhunu uma esezethulile ukuthi ungowakwaCele.  Avule isikhwama bese ekhipha iphepha lika-R5 alinikeze unesi." uthe umkhwenyana ngize ngimkhonzele kakhulu kinina; uthe angase avele ngalapha ngesonto elizayo uma kwenzeka."
"Pho wena Bhuti ungowaphi indawo?" kusho uSizakele emukela imali ngazozombili,
"Usho ukuthi awusangiboni, Sizakele?  Engani mina ngikwazi dadewethu usafunda eNanda ninoVuyisile is'kwiza sakho?  Angithi uVuyisile washadela kwaMbatha eBergville?  Usho ukuthi awusangiboni ngempela Ndosi?  Awusamkhumbuli uDonald umnewenu waseMpolweni?"
'Into seside isikhathi sagcinana, Khumbuza," kusho u Abigail embukisisa.  'Ungayiphathi wena indaba kaVuyisile ngoba wathi uyagana, wazilahla kulesosidakwa saseMambatheni; nokho sebahlukana washiya phansi."
"Musa wena ukukhuluma umhlolo!  Muohi yena uVuyisile uma kanti wabuye wehlukana noShandu-kaNdaba?  Kanti uMcethe uthule nendaba enkulu kangaka?" Kuzethukisa uMabhunu.
"UVuyisile usazishadela nomfokaMsibi abanezitolo eNtabazwe, ePhomolong.  Usayeka ngisho nokusebenza usekhulisa amakhosi abo abafana." kusho yena u Abigail ngokukhulu ukujabula.  "Impela bengingeke ngisakubona, Bhuti."
"Nami sengithi angingene noma ngingasezusibeka nesinqe, bandla ngoba indlela yami isende." Kusho yena uMabhunu ebheka iwashi esandleni.
"Sewusho ukuthi ungephuze nje ngisho namanzi ashisayo, Khumbuza?" kusho u Abigail.
"Ngiyophuza ngelinye ilanga Ndosi, kufanele liyashona ngiyangena eMgungundlovu ngoba sisazodlulela eHowick sinosibali uMcethe." kusho yena uMabhunu elungisa isigqoko.
"Ukhonze kakhulu kubaba usibongele nemali kamadoda, Khumbuza!" Babesuka benomadoda sebeqonde emotweni.  Uyafika khona usemkhunga umfana ngesixwexwe sika-50c.
"Siyambongela, Ndosi, ndlelanhle!" Kumemeza uMaCele lapho imoto ihlehla kancane.  Bathathazelane ngezandla.

110

Wathi nje efika eClermont wabe ebhala incwadi enye yokuthi:
'Baldwin,
Ngiyethamba ukuthi usazikhohlisa ngokuthi lomfana uMadoda uzalwa nguwe.  Uma ungase umbone ehlezi noyise wangempela, ungazibonela ukuthi wadlala ngemali yakho.  Uyise kaMadoda usehlala endlini yakho noSizakele.  Ngisho eya emsebenzini uhanjiswa ngemoto emhlophe.  Uma esebuya emsebenzini uyalandwa.  Bafuna ukuba bamthumbe umfana bamyise kwabakubo wena uhlale lapho eMgungundlovu.
Yimina okuzwelayo,
G. Ngobese.'
Lokhu incwadi yokuqala wayengayinakile uBaldwin, kodwa lena eyesibili yamethusa bangehla ngisho ubuthongo.
NgeSonto ekuseni wabe esuka ngemoto yakhe uMabhunu esebheke khona esibhedlela.  Usethengele uMadoda nebhola elisha elinemibalabala.  Wafika wayimisa imoto eduzane nesango nakhu sezifikile nezimoto zamasoka nabayeni abazohlangabeza omkabo nezintombi zabo lezi ebezisebenza ebusuku.  Naye afike ayimise eyakhe azihlalele phakathi afunde iphepha.  Ulokhu ewaphonsa amehlo laphaya uma ebona abaphumayo ukuthi akekho yini phakathi kwabo u Abigail.
Laphaya phansi kwezihlahla kunemoto enezinamba zaseMgungundlovu ena bantu ababili.  Abaphumeli ngaphandle lababantu kodwa amehlo abo alokhu ebheke khona lapha esangweni.
Ngelikade bese ebabona laba abazihambela nje bengajahile bese embona kuqala uSizakele eseqonda khona lapha emotweni ebashiya abanye.  Kwaba nje wukufika emotweni wabe
esivula isicabha.
"Hawu Bhuti sewulapha futhi?  Uthi awusahlali nje lapha, Khumbuza?" kusho yena uMaCele engena ehlala." Wahamba kahle kodwa ngeledlule Ndosi?"
"Ngahamba kamnandi noma yake yathi ukungihlupha nje imoto.  Nina nihlezi kanjani, Khumbuza?" kubuza uMabhunu imoto eyidumisa isuka.
"Ngaze nganenhlanhla ukuba ungihlangabeze ngoba nanti nezulu sengathi liyabanda futhi liyakhemezela," kusho yena uSizakele elikhuphula ifasitela elingakuye.  "Uzojabula kanjani

bandla uMadoda uma ekubona ngoba uhlala ekubuza ukuthi uyofika nini u'Lume wakhe!"
"Uthi kodwa uyobe esangibona uMadoda?  Engani usangibone kanye?" asho eyisusa ihlehla kancane imoto yaye yafika emgwaqeni.  Yayisuka kancane-ke manje seyibheke lapho eqashe khona uMaCele.  Athi uma ethi ubheka esibukweni uMabhunu, ayibone nayo lemoto enezinamba zaseMgungundlovu isuka ibeka lapha emva kweyakhe kodwa ingajahe ukuyifica.  Bathe bangaqondana nesango lalapha kuqashe khona uMaCele, bese eyijikisa lena eyakhe ingena.  Yahamba njalo ngaphakathi yaze yayofika ngasezindlini zabaqashile.  Wathi nje angayibona imoto uMadoda, wabe esuka ngejubane.  Amvulele uMabhunu angene phakathi lapho unina ehla eyongena endlini.  Uthe uma ephinda ebheka esibukweni lapha emotweni, abe eyibona lemoto yaseMgungundlovu ihamba kancane kodwa ingaze yangena lapha esangweni.  OMaCele nomfana bangaze bona banaka lutho.
Bathi ukusala lapha emotweni oMadoda no'Lume wakhe.  Baze baphume bathi ukudlala ibhola leli elifike noMabhunu.
Ngelikade, base besuka sebeyongena endlini.  Kube yisikhathi engenile ngoba sebemenzele itiye uyaphunga.  Bese ebuya esukuma esevalelisa ethi uzobuya futhi ntambama.
"Impela singathokoza uma ungabuya Bhuti ngoba nabanga ne bami bazobe bekhona.  Uyozibonela wena umuntu ofanele wena esimkhethe sinoThobile." Sekusho yena uMaCele lapho uMabhunu esengenile lapha emotweni yakhe.
'Nakanjani-ke Khumbuza!  Sesiyobonana ntambama!" Yayisuka njalo inyelela ibheke esangweni umsakazo ukhala kancane.  Uthe nje lapho engena emgwaqeni omkhulu, wabe eyibona lemoto enezinombolo zaseMgungundlovu.  Yangena ngomkhulu umfutho yaqonda khona laphaya bekumi eyakhe.  Yathi nje iqeda ukuma imoto leyo sasizwakala isibhamu sidubula kukhala abesifazane.  Kwaphuma nabomuzi bephuthuma ngoba laba abesifazane sebephansi bayopha.
'Kanti wena Sizakele wawujahe ukuba ngihambe lapha khona uzohlala namashende akho?  Ufunani lapha uyise kaMadoda?" Yilokho nje akuzwa.  Wayishaya lapho imoto uMabhunu waye wema ngasethilomu leNdiya lapho abatshela ukuthi mabashayele amaphoyisa aphuthume kwanamba 767 lapho kusuke khona isidumo kuyaliwa.  Ngokuphazima kweso yabe

112

ibonakala iveni yamaphoyisa idlula iphuthuma ngoba nabomuzi base beshayile.  Dukuduku, yase ibonakala ne-Ambulose seyibheke khona.
Ngokuphazima kweso kwase kugcwele abantu.  Uma ezibuzisa uMabhunu, bamtshela ukuthi umnumzane womuzi ubethi ubulala umkakhe nendodana.  Umkakhe umdubule engalweni wathi udubula indodana, kwadubuleka isalukazi emlenzeni.  Njengokusho kwalamaKhaladi angomakhelwane.
Yathi isuka nabo oMaCele nomame lona obhasobha lapha ekhaya, naye uBaldwin babemfaka venini sebemephucile ivolovolo lakhe.  Abomndeni kwathiwa nabo mabeze bazobhalisa abakubonile.
Pho usabonwa yini uMabhunu lapho?  Useshiye imoto laphaya ngasethilomu ukuze angene lapha phakathi kwesixuku.
Wathi esephindela emotweni, wamuzwa ekhuluma yedwana ethi:
"Uyangizwa-ke loBaldwin wabo lapho ngihamba khona?  Aze amtshele noVuyisile ukuthi zibuyile izinduku ngoba nabakubo bazoke baluzwe lolusizi angizwisa lona ngenkathi ngiseMnambithi.  Azifange-ke ngamvunye?"
Akaphindanga akalubeke unyawo lwakhe uMabhunu esibhedlela.  Indaba wazethukisa nje uma eseyixoxelwa uMaSithole lona abaqashe naye amakamelo kwaMadondo.








113

9. Ikhubalo Lenhlanhla.

Ngisho noma esemncane uMndayiza, esalandela amathole, wayebonakalisa uthando olungavamile lwemithi yesiNtu.  Wabekhonze ikakhulukazi imithi yokulutha, neyokuloya ngisho neyokukhunkula imbala.
. Wawumthola exoxa aze agamanxe ngezigqabo, izikhafulo namafutha ajulileyo ezilwane ahlonishwa ngisho nayizinyanga uqobo.

Engani ngisho nakhona lapha ekhaya kubo, emzini kaNdimande benoMaMbhele, wake wabenzela ezibukwayo bengazelele lutho?
Akuthi nje langa-lithize, uMndayiza ezelusele wona amathole akwabo eduzane nomuzi, bese ebona abafana abayintanga yakhe nabangaphezuywana bezidlalela ezansana nokhalo beciba insema, wabe uyasuka naye eseqonda kubo.  Omdala phela ukhangwa wukuthi baphethe izinkande kucitshwa yona insema.  Usethi makayobakhombisa ukuthi yena unemba kanjani ngenxele lakhe.  Nebala wathi angafika, zaqala manje ukwehla izihlathi kulabafana bakwaNdlovu nabakwaXulu abadala kunaye lokhu bebekhombisa ubungcweti babo ekunembeni.  Kepha kuthe uma efika umfo kaMaviyo, badlela ogageni.
Uma esethole lelosasasa lodumo uMndayiza, khohlwiyane yindaba yamathole sekumnandi phela ukuba elokhu enconywa ukuthi yena olwakhe ukhande kalukhi phansi.  Yena uyinemba ngisho noma igijima ngelingakanani ijubane insema kanti futhi akadingi nokuba seduzane nayo; uyikhomba nje kube kanye nakanjani uzoyihlaba.
Indaba leyo yokuthi konje ubeluse amathole, waze nje wayikhumbula ngelikade.  Wathi eqambe ethi qala-qala, nankaya amathole kade esezishonele konina lapho onondlini bese bekhalela ngakhona sebezisenga.  Uyaqambe uyafika, kade okungamathole sekwenyisile konina sekuzitshakadulela kungasabanake nakubanaka onina laba asebezilalele phansi

sebetshisa.
Wake wasenga-ke uNdinande ngalelolanga?  Phinde.  Engani
114
zontathu izinkomazi uzibonele yena ngamehlo ngenkathi sezenyisa.

Wathi esathi khekhekhe eziqhuba uMndayiza ezozingenisa esibayeni ukuze uyise asenge, wamemeza kuqala yena uNdimande wathi makasale esewayeka amathole konina.  Yena, into kuphela okufanele ukuba ayenze, wukuba ayolanda isitilobho babonane naye laphaya emva kwendlu.
Wamenzani-ke ngaso isitilobho ezinqeni nasemhlane uNdimande lowo?  Wawungaphika ukuthi ushaya amathumbu akhe ngoba wamshiya izinqana lezi kusengathi bezishiswa ngensimbi nasemhlane lapha nasemahlombe, kuxabalazile imivimbo eminye yaze yadabuka yopha igazi ngoba phela nayo lendoda enguMaviyo inenhliziyo elukhuni satshe.  Nalaba abamsolayo bemnuka ukuthi uyindoda ehamba-hambayo ebusuku, ungeze wamphikela ngoba nakhona lapha komakhelwane uma indoda ike yahilizisana naye, ngendaba yemngcele noma kambe uma kone impahla esifeni sakhe, kuyolinywa kane noma kahlanu bengabhekani engakaxoli uMaviyo.  Angisayiphathi-ke laba abake badazelane naye inkani ngoba indoda nayo yethembe izikhwama zayo, uyokwethuka sebemlandula lowo engasabikwanga nakubikwa ukuthi uyagula, kwasha kwacima.
Wamtalabha wamtalabha-ke ngalelolanga uMndayiza kwaze kwalamula yena uMaMbhele lapho uMndayiza esekhale empongoloza waze washa izwi uyise emhlalele ngaso isitilobho kanti umnyathele ngolungakanani lona unyawo ngenkathi sona isibhaxu sikhala lapha emhlane, emahlombe nakuzona iziqana lezi. Umshaya nje uyathetha lomuntu onguyise uyabalisa ,uyaqalekisa,uyasonga kunjeya.

'Hawu kodwa Ndimande sewungaze ingane uyikhiphe umphefumulo ngenxa nje yendaba yobisi?  Uma ngabe awukadeli, sala sewubulala mina okungcono ... kunini kodwa umqalile uMndayiza?  Kanti kuwena alisaxhoshwa yini libhekile?"

Washo uMaMbhele esithi hlwi isitilobho leso nakhu umzume wamvelela ngasemuva.  Pho, uyavinyelela yini?  Ungathi wena ubhula amabele.

Kwaba wukuphunyula kwakhe-ke njalo lapho uMndayiza wasubatha ngejubane ephaphatheka eyoshona ezihlableni elokhu ezihlikihla zona izinqana lezo ebalekela lendlondlo enguyise.

115

"Wenzani MaMbhele?  Manje sewuqala lomkhuba wakho wokuba uyone lengane ngokuyivuna uyikhulumele ngisho noma yonile?" sekufutheka yena uNdimande efikelwa amalimi usethukuthele manje usemnyama ngenkani sekungqangqa ngisho nodebe lolu lwakhe olukhulukazi.  Ungefunga ukuthi nezulu uyaliphuma.
'Mameshane!  Yona lengane oyikhulumelayo, ngekabani uma ingesiyo eyami?  Angikhumbuli nakancane ufika lapha emzini kamaphithi uqhuba ingane mhla uzochanguza - angikhumbuli nakancane!" Washo enxapha omdala esecanasa kancane esebheke endlini lapho ebeshiye isichitshana kumancishana.

"Usho kahle phela ngoba nakhu ngakufica uhlezi naye loMndayiza osewufuna ukumbulala ngezandla sengathi ubulele umuntu.  Sewuze umshaye kangaka umshayela nje indaba yobisi?  Sewungaze umshaye ngesitilobho-ke pho, baba?  Uma ingane yonile, bewunani ukhe uswazana lompetshisi uyithi -thwasu ezithweni kube kuphela ukuze ingane ikuhlothwasu

niphe ingakwesabi?  Ngiyazisa unenhliziyo yomthakathi!" Washo uMaMbhele eshaya izandla eyosithela exhibeni.  Naye hela uhambela kujana ngoba uyalwazi ulaka lwalesixhwa-
nguxhwangu sendoda yakhe uma sesithukuthele.  UNdimande angamswica nangani nje angase ayithole, kuphele ngalokho.  Ubani yena?
Kungathi esatshwa ngisho yilamadoda akhelene nawo; nawo ayawakhetha amazwi uma esuke eqondene naye ngoba nasembokodweni bayamenqena.  Ukhona yini umuntu ofuna ukuba kwendulelwe phezu kwakhe izwe lingaka nje?
Uthe angasiminya isicathulo leso, lase lehla igwebu lolaka.  Ngisho akaphendule.
UMndayiza laze lashona engabonwa lapha egcekeni waduba ngisho nokudla imbala.  Inhliziyo yakhe ibomvu okwegazi futhi igaya izibozi uma ezwa leminjunju eshoshozela lapha emhlane nasezinqeni.  Phela ngenhliziyo embi, akungatshazwa ukuthi lwefuza imbiza.  Waze wayoncengwa wunina sekuzolalwa ukuba abuye azolala.  Wathi noma ethi uyamncenga ukuthi akakhe kanye lapha emthameni obandayo igugu lakhe, wenqaba waphetha.  Esikhundleni salokho waqala phansi ukusikhihla futhi isililo nakhu phela yiwona lamasi asecishe wabulawa nguyise ngenxa yawo.

116

Kwaze kwasa ecabanga engaqedi ukuthi konje angayibuyisela kanjani leminjunju kuyise omzalayo.  Akusekho ngisho nokuncane ukuzisola lapha kuye ukuthi nguye obesephutheni yingakho nje uyise eseze amshaye ashiye lona ulimi ukuba aze ayixoxele amagwababa mhla ewafica esigcakini echobana!  Wasonga ukuthi ngamhla wakhula naye wabanamandla, uyoze amkhumbuze uyise leyomivimbo yesitilobho.

Ekuseni ngakusasa kwabonwa nguye ukuthi sekusile.  Kwaba nje wukubona ukuthi sekuyakhanya ngaphandle, wabe ephuma njalo aye athi tshobe ehlathini leli elingakwesobunxele somuzi.  Phela wakhe ehlanzeni uMaviyo.  Wathi ebuya lapho wabe eyikhe ngezinkani imbabazane.  Wathi nje efika nayo wabe ehleka yedwa nakhu phela useyitholile lento abeyicabanga ubusuku bonke.  Wabe edumela ijazi likayise eselikhatha ngayo imbabazane ngaphakathi emfolomini.  Waqinisa lapha emakhwapheni nasesiphikeni salo ijazi leli likayise.  Wathi angadela kahle ukuthi nasemhlane lapha ulikhathe wenele, wase elibuyisela futhi emgibeni lapho belivele lilenga khona yena wabe ebuyela esiphukwini sakhe esezilalisa sengathi ubengazange akaye ndawo.

Phela nakhona lapha ekhaya kuyaziwa ukuthi yena uze aphunyelwe yilanga futhi lize liqophe engakavuki.  Engani kwasho yena uyise ukuthi akafuni ukuba izinkomo zakhe zivulelwe ekuseni ngoba uma zidla utshani busenamazolo zibanenyongo zingenwe nawumbendeni kalula.  Waphindela kuzona iziphuku zakhe wazilalisa-ke ezembozile okomuntu impela ozumekile kanti yena uyayazi into ayilindile.  Engani wazi kamhlophe ukuthi uyise ngenkathi evuka, nakanjani uzothi nje angaphuma ezingutsheni zokulala, abe eligqoka lelijazi lakhe phezu kwebheshu bese ecanalsa kancane eseyobuka uchibi lwezinkomo zakhe esibayeni lapho lusaziguqele ekuseni lwetshisa ngoba phela lendoda enguNdimande yefuyile.  Ezayo izinkomo lezi zibulala inyoka uma ziphuma esibayeni.  Lapha ezinkabini zejoka, unezipani ezintathu ehleli nje, kanti-ke ngisho nesesine siyaphuma nje kalula uma sekukubi.

UMndayiza ulele nje, akalele nakulala; ulindele nje ukuba uyise enze phela inhlayenza yakhe leyo yokuba ayonumuza ayohlola imfuyo yakhe esibayeni ngoba lokhu ukwenza ngi-

117

sho noma izulu lina imbala.  UMndayiza ulokhu elivezile iso
phansi kwesiphuku.
Ngelikade amuzwe uyise esezamula kuhle okwebhubesi; phela yena uma esuke ezamula ungefunga ukuthi kuzamula ubhova noma ibhubesi lilambile.  Dukuduku, awabone amaqikolo ezinyawo zikayise seziqonde emgibeni lapho lilenga khona ijazi likayise.  Kwaba nje wukuba alibeke emahlombe, sase sisukile isidumo lesi abesilindele.  Wathi eqambe eyifaka imikhono lapha ezingalweni, yathi imbabazane kangenziwa njalo mina.  Kwaba seyisizakele lapho izomthola emakhwapheni lapha nasentanyeni - izindawo ezithambileyo.  Emhlane lapha kwaba sengathi uthelwe ngeziqanda seyimbabela imbabazane yansondo; pho ubeyifake ngezinkani naye uMndayiza lowo.
Walikhumula sengathi uyasha uNdimande uma seyimkhungethe wonke umzimba imbabazane wabhongisa okwenkunzi yesibhunu yenkomo ebiza omaphithi abamzalayo wena omuzwayo ungaze ucabange ukuthi ubhekene nendlondlo enophaphe emvimbele endleleni kanti akaphethe nduku akusekho nokuyibalekela!  Wathi angalikhumula waye walitshinga laphaya kude naye wabe ezenwaya ngazozombili.  Ayisababike lapho imbabazane sewungathi uyayibanga ngokuzenwaya lokho lapha emakhwapheni nasemhlane ngoba waze wazihhubha ngensika yendlu ngoba nakhu isandla asikwazi ukufinyelela emhlane.  Uma uke uyibone ingulube izenwaya ukhwekhwe, sewubona yena-ke uMaviyo ngalelolanga!
'Hawu!  Yini kwenzenjani yise kaKhethiwe walahla ijazi phansi?" sekumangala uMaMbhele lapho ezithela kulona ijazi eliyigugu elikhulu elaba yisibizo saseMadungeni lapho bendisela khona uKhethiwe, inkosazana lena enguMafungwase lapha kuyise.  Alicoshe ethi uyambheka uyise wabantwana, nanguya manje usezigudla ngobonda lwendlu uyazenwaya nangezandla ungefunga ukuthi ukhwelwe yimbuzi-beyishuka!
"Usabuza kona ukubuza MaMbhele?  Phuthuma kewubheke ukuthi asikho yini lesicabu esinesihlungu laphaya ejazini ngoba sekub aba wonke umzimba selokhu ngike ngalibeka emzimbeni wami ijazi leli!" Usho njalo uyazihhubha lomuntu seyiphele nya inkani.  Nomame aliphuthume aphumele nalo phandle ukuze asibheke isilwanyana leso.

118

"Hawu!  Baba, kanti ukhuluma nje sewugcwele isihlungu wonke umzimba!" Kubabaza yena uMaMbhele lapho ebona ukuthi sekugcwele isihlungu wonke umhlane lapha kumyeni wakhe.  Phela uNdimande uma eke wathola umkhemezelo, uqubuka isihlungu sekhambi wonke umzimba.  Kepha ngoba alizange keline nje futhi kanti ubengakaphumeli naphandle uNdimande, pho kungabe lesihlungu sivuswe yini.
"Nkosikazi, sekubaba wonke umzimba sondela nawe ungenwaye lapha emhlane ngafa - bo!" kuzikhalela umnumzane womuzi ezenwaya ebheke phambili.
Kwenzeka nje konke lokhu, uzithulele uMndayiza uyabukela sekuthi makaqhume yinsini uma eyizwa lendoda enguyise izikhalela ibalisa.  Kanti naye uyabuzwa ubuhlungu?  Usesho nje ngenhliziyo uthi: 'Ashosho phela!  Mudle kudla kwakhe!!  Ubani obewumshaya ngesitilobho izolo?  Uyangizwa-ke?"
Waze wazivukela nje ngelikade uMndayiza wazembathela isiphuku sakhe wayoziphumela ngomnyango eyohlala esigcakini ngoba usecishe waphubuka wahleka lapho eyibona indoda enguyise seyisele nensudi yesele ibhokelwe yimbabazane selisele phansi ibheshu nezinjobo!  NoMaMbhele usebamba eyeka ethi uyayilamula lenkinga eseyivele ukuba lelijazi eliyigugu kangaka selingaze lilahlwe nje phansi kanjeya!
Laze laphela lonke lelosonto njalo ekuseni uMaMbhele avuke ijazi lelo ayoleneka ngemfilomu engilazini.  UNdimande yena uselesabisa okwenyoka.  Usexolele ukuba kuthi uma eyohlola izinkomo zakhe, embathe wona umbhalala wakhe wokulala.  UMndayiza yena, uthi nje angalibona ijazi lelo lenekiwe, kuthi akaqhume yinsini.
Ngisho ukuba kebasole abazali ukuthi kungabe uMndayiza unolwazi ngalento eseyenze uyise ukuba azile ijazi lakhe leli athi uma eligqokile umbone ehamba kancane echiza.
Zadlula izinyanga ezintathu kwenzekile kokhu; nakhu sekufika uZondo ezozikhalela lapha kuNdimande ngomfana wokwelusa.  Lomfana obekade ebelusela leminyaka emine eyedlule useshiyile waya kosebenza eziMobeni zabelungu laphaya ngasolwandle.  Wathi uma ebancenga uZondo kwaze kwezwela kuMaMbhele base bevuma ukuthi uMndayiza angayihlanganisa imihlambi yomibili ngoba futhi nakhu imizi yakhelene.

119

"Maqondana nenkokhelo yomfana, kangazi ukuthi sizovumelana yini ekubeni ahole inkomo yoboya njalo uma kuphela unyaka." Sekusho uNdimande uma seliphumile lapha kuMaMbhele ukuthi yena akaboni usizo lukaMndayiza lapha ekhaya.
"Sekungaba yinkomo impela Ndimande?  Engani uyasho nawe ukuthi umfana kuzothi uma kulusuku lwediphu nami ngimphelekezele ngoba zingamehlula uma ezihlanganisile?" sekuzikhalela uZondo.
"Uxolo Mthiyane, sengathi sizoxabana nje singakafiki ndawo," sekusho uNdimande.  "Manje uma sewuzongishayela wena umthetho emzini wami, futhi ngalomfana wami, okungcono asivele siyeke.  Akumina engixakekile futhi angizange ngiye kofuna lutho emzini wamuntu."
"Hawu, kahle phela yise kaKhethiwe, wase ukhuluma sengathi uncikisele nje?" sekusho uMaMbhele ngoba uyamazi umyeni wakhe nenhliziyo yakhe yobuwele - sengathi kwakuphikiwe ukuthi wabe eliwele nodadewabo lona owendele kwaHlongwa eBhobhobho ngaphesheya kweNdonyane.
"Impela Ndimande ngiyazikhalela ukuthi ningizwele bakithi ngoba mina abami abantwana basebancane kakhulu.  Okungcono sesingakhulumela khona etholeni maqondana nenkokhelo." Sekusho uZondo.  Uyasho nje ngenhliziyo ukuthi impela enethunga ayisoze yasengelwa phansi.
UMndayiza uma seyimdlile kanjalo inkatha yokwelusa imihlambi yomibili, konke sekuhlelwe kahle ngokuvumelana phakathi komakhelwane bobabili.  Nebala konke kwahamba kahle konke ngoba namadlelo ahlumile kanti nezimoba zabeLungu zibuqamamana.  Usizo uze aludinge nje kuphela ngosuku lwangoLwesine - usuku lwediphu.  Nakhona lapho bahamba nje naye uZondo usezoziyela ematshwaleni namanye amadoda.  Sekuyoze kufike uLwesine olulandelayo kube yisona leso futhi.  Kanti-ke, nangaphandle nje kwalokho, uMndayiza udla ekhaya zonke izinsuku futhi ulala khona.  Ebusika, nawo amadiphu eqisa amasonto kuthi futhi uma izulu lina, akudishwa.
Kwahamba kahle waphela unyaka welanywa ngomunye.  Ekupheleni konyaka wakhe ebusika, abakwaZondo sebezokhomba ithole lapha esibayeni ukuthi yilo abaholela ngalo

120

uMndayiza nokho lingaze lesulwa lapha ebhukwini lakwaZondo.

Uyabuka njalo uMndayiza uzithulele.  Ayikamkhohli phela nendaba leyo ake ayenziwa nguyise ngesitilobho.  Yikho nje engajahe nokuba izinkomo lezi zakhe zisheshe zesulelwe lapha kuyise.  Iyahamba nje iminyaka, naye uyabala.
Ingxabano yasuka nje okomlilo osuswa yinhlansi kanti uzoshisa amazwe.  Nakhona lapha phakathi kwabakwaZondo nabakwaNdimande uchuku lwasuka nje ngentwana encane: ngonyaka wesibili babekhombe isithole unkomishi bathi yisona abasiholela uMndayiza.  Ngalonyaka-ke unkomishi lowo asuke azibule, futhi azibule ngesithole.
Izindaba uMmndayiza uyazithuthela lapha kunina uMaMbhele. Kuthe uma uMaMbhele ezwa ukuthi isithole sikaMndayiza sizibule ngesithole esinye, wase ethi kuhle uMndayiza athi ufuna ukuba zesulelwe ebhukwini lakubo zonke lezinkomo esezibiza yena.  Empeleni uMaMbhele wayesejahe ukuba nabo bavube lapha ezinkomeni zikaMndayiza.
Wasizakala lapho uNdimande nakhu phela uNkomishi wazala yedwa kwathi zonke ezinye izithole zalapha kwaZondo kanye nezimazi imbala, zaphunza.  Nabo-ke abakwaZondo base bekhalela kuyena uNkomishi ukuze nabo basenge.  Waqala kanjalo-ke umbango namazwi angabe asabamnandi phakathi kukaMaMbhele benoMaNgobese - umkaZondo.  Pho, ubani ongazi ukuthi uma udaba seluze lwangenwa abantu besifazane, ngeke kusabuye kulunge lutho?
Ngisho naye uMndayiza uqobo lwakhe usekhombisa ngokusobala ukuthi akasagculisekile kangako ngoba ngisho nasekuseni akasenzi njengakuqala lapho wayevuka akuseni ayovulela ezakwaZondo bese ezihlanganisa nalezi zakubo; muva nje uqala avulele lezi zakubo azishonise emfundeni.  EzakwaZondo zona useyoze azivulele lezi zakubo sezesuthi osekukhombisa khona ukuthi manje useshisa umbango.  Loluhlevana lwezinkulumo lwase lubuye lwandiswa nayilendaba yokuphunza kwazo zonke ezakwaZondo izinkomazi emveni kokuba kuke kwabanezinkulumana.  Baqala manje ukuba bakhulumele phansi omakhelwane.
Sebeyasho nalaba abanye abafana ukuthi lesinonseyana esinguMndayiza izinkomazi zakwaZondo ubezishaya ngomazwende yingakho nje ziphunzile.  Loluswazana lwakhe lu-

121

kamazwende uthi uma esezozivalela, alugqibe khona lapha esibayeni sakwaZondo bese eziphathela nje indukwana enganakekile.  Indaba phela kayihlali phansi ukuthi yena Mndayiza lowo unemishana ayiphuzisa lezi ezakubo zodwana.  Useke waphahluka kaningana nalapha kontanga yakhe ukuthi yena uma ethanda, angaziphuzisa umuthi othile ezakhe zizale izithole zodwa.  Waze washo nokuthi ngisho noma isithole leso sesibambile, uyakwazi yena ukusimisela sizale isithole uma eseziphuzise lomuthi wakhe.  Bathi uma lendaba beyixoxa emakhaya koyise, basukumela phezulu abanumzane bezozidelela nebala kwaba njengawo amagama enkehli.
Omunye umnumzane babhejelana ngenkomazi yakhe eyabe seyilamanise amaduna kwaze kwakathathu.  Kwathi eseyiphuzise lomuthi wakhe uMndayiza, yaqala-ke ukwelamanisa izithole wabe uyayithatha njalo imbuzikazi kulomnumzane njengoba babebhejelane ngayo.  Lomuthi wakhe wodumo, uma besho, bathi uthakwa ngomhlapho wevondwe nezinso zephithi neminye-ke imithi embiwayo.
Waqala-ke manje uMndayiza ukuba yindaba eGudwini.  Nakhona lapha ekwaluseni umfica engungwe abanumzane bemizi yabo nakhu phela omdala unomona akafuni ukuba noyise athole usizo ngaye.  Uthi uma esekhokha, amshayele nje imbuzi azoyethula kubo sengathi uyithengelwe abakwaZondo.  Wadelisa abanumzane abaningi impela babamba ongezansi bemangaliswe ukuthi kungabe ulwazi lwemithi yesibaya uluthathephi lokhu uyise bamazela ekubetheleni izulu, izikhafulo zezibhobo nemithi yokuthakatha namaqondo kuphela.  Kulena yesibaya akazi ngisho iboza leli lokusiza.
Kusenjalo, watshela abangane bakhe ukuthi ngalowonyaka ezakhe izinkomo zizozala amalunga wodwa ngenkathi zikhwelwa.  Kwadingiseka nje ukuthi angakusho kanjani lokho ngoba ngisho nasediphu ayikho inkunzi elunga.  Kepha akubanga njalo?
Uma sebeqaphelisisa, kwakuthi uma lezi zakubo zizophuza, afake induku enamagabelo amhlophe n'amnyama bese kuba nebhodlela lakhe elithelwa lapho kuzobe kuphuza lezi zakubo zodwa seziphuze zonke lezi ezinye zemizi.  Ziyothi zingaphuza ezakhe bese eyikhipha futhi indukwana yakhe leyo ayifihle ekwazini kwakhe useyoze ayifake futhi ngakusasa sekuphuza zona ezakubo.

122

Kwathi futhi uma esephusa uNkomishi, nakhu eselandelwa yizinkunzi kabusha, yaqala phansi futhi indaba yokuba abakwaNdimande babelesele ukuthi phela sekuyisona isikhathi sokuba 'zibuye emasisweni.' Manje sekukhulunywa indaba yokuba abakwaNdimande besulelwe izinkomo eziyisithupha uma sekubalwa nezibulikazi likaNkomishi kanti abakwaZondo bona bathi naso isithole leso sikaNkomishi siyinkomo ngokwaso.
Washa-ke lapho lowombango kwashisa phansi ngoba udaba lolo lwaze lwayosingathwa wumnumzane esigcawini sekumangele phela uMaviyo ethi nakhu uZondo esenqaba nezinkomo ezasetshenzelwa wumfana wakhe iminyaka emihlanu.
Uma seliqulwa ebandla, uZondo yena ubambelele ephuzwini lokuthi lesithole esizalwa wuNkomishi usibala njengenkomo ngokwaso njengoba nakhu sazalelwa emqubeni wesibaya sakhe.  Aqhube lapho azikhalele ngokuthi okungenani yena ubengavuma ukuba ashaye izinkomo ezintathu lapha esibayeni bese kuthi lezi ezimbili kube yizinkomo zemali.
Kwathi akamudle amfele uNdimande uma ezwa lelo lenkokhelo yemali.  Washo nokusho ukuthi kanti uZondo wayeze emzini wakhe ngoba nakhu ezomgabisela ngemali yakhe yini?
'Mina elami lokugcina, ngelokuthi uZondo uma engavumi ukunginikeza izinkomo zami zonhlanu nethole likaNkomishi, angavele ayeke phansi angakhokhi ngisho nenkukhu kuphele ngalokho." Sekusho yena uNdimande lapho eseqephuza ekhulu-ma eneka izandla phambi kwebandla.
Likhuze lapho ibandla ngoba useyasonga, uyaqalekisa ukhomba phezulu.
'Kanti-ke bakithi ibandla malingakhohlwa phela ukuthi nguyena uZondo owangisukela ngizihlalele emzini wami ngingafune lutho lwamuntu.  Kanti wayeze ngoba eqonde khona ukuba angigone angenze inhlekisa?  Uma engafuni ukusigcina isethembiso sakhe leso, angavele ayeke phansi kuyozikhanyela."
Kwathula kwathi cwaka ebandla ngoba nakhu ukhuluma abuye angunuze uMaviyo ngenkathi sekukhuluma uZondo ethalalisa.  Pho lapha ebandleni ukhona yini ongafisa ukuba agxambukele kuloludaba uma owakhe umbono uphikisana nalona obekwa uyena uMaviyo ngokwakhe.  Baphi oNyengelezi noSigwegwe abake baphikisana naye uMaviyo lo?  Bama-

123

thambo-mhlophe - silima phezu kwabo, mntanomuntu!
"Wona unyaka wakhe umfana uphela nini?" sekubuza yena umnumzane nakhu sengathi ibandla likhoshobele akekho ofuna ukukhuluma nje agqashule selokhu lungenile esigcawini ngezithebe loludaba phakathi kukaZondo benoNdimande.
"Mina.ngokwami, unyaka womfana ngiwubala kusukela ngesikhathi kwendulelwa ngoba ngikhumbula ukuthi umfana wamthatha izinkomo kade ziqoqwa kade zidla amahlanga." Leyo kube yimpendulo kaNdimande.  Kulelophuzu bayavumelana bobabili noZondo.
Wancenga encengile bandla uZondo ekubeka ngokusobala ukuthi yena wabe engaqonde ngxabano kuphela nje uyazikhalela nasebandleni lilonke ukuthi isimo sakhe sibucayi ngenxa yokuthi ezinye izinkomo zakhe zibulawe wumbendeni ngakho-ke uyazikhalela ukuthi lingawa ijoka uma zingase zesulwe kanye kanye lezinkomo futhi kade engakuhlinzekile lokho yingakho nje ezincengela ukuthi okungenani uNdimande akayemukele imali.
Pho uqondene nomfokaMiphitha - uxamu kavinjelwa ongezwa makhambi uma yena into seyishilo, useyishilo.
Yazukuzwa-ke leyondaba engezwa nakuzwa uNdimande.  Ekugcineni umnumzane waze walikhipha yena elokuthi uZondo okungenani makakhokhele uNdimande ama-R75 uma ngabe uyalihlonga leliduna akhala ngalo ukuthi kungawa isipani uma ngabe lesulelwa kuNdimande.
Kwehlukanwa lapho uNdimande esemnyama kuhle okwezulu lihloma.  Usakhala isililo saleliduna elimphunyuke emlonyeni ngoba naye ngokwakhe ubeligasele ngamehlo abomvu ukuze naye aphembe isipani sesine - imali uyayihola ngokulimela abantu laba abangefuyile.  Uqashe abantu bokubalimela yena eze nje ngoba ezonquma imali kube kuphela.
Kwaba sengathi selidume ledlula'uma-ke sezize zesulwa lezinkomo zikaMndayiza kanti abasabuzanga elangeni kumfokaMiphitha omnyama ngisho nenhliziyo yakhe.
Kwaba nje azesuliwe; isibaya sakwaZondo saqala kancane kancane ukuba simile imbuya njengosongo lolo olwenziwa wuNdimande mhla linqunywa komkhulu.
Izinkomo zaqala manje ukuba zephuke ubuphoqophoqo
zilandelana.  Uma inkomo ingephukanga nje obala, bazokwethuka nje sezibhokodana zodwana khona lapha esibayeni.  Kuyogcina ngokuba ize iqedelwe leyo elimeleyo.  Kudingeke nje ukuthi kungabe kwenzenjani ngoba ayikho inkomo entsha lapha esibayeni.  Wathi uma uZondo eyophenya emhlahlweni, basho into efanayo - ukuthi kwembelwa uphoqo lapha esibayeni yikho nje izinkomo zephuka kangaka ngoba ziweqa lapha empundwini uma ziphuma.  Ukuxabana lokhu kubangwa yiqeba leziqanda elathunyiselwa zona ukuba zizondane.
UNkomishi wathi nje efika esibayeni sakwaNdimande wabe elamanisa ngesinye futhi isithole.  UMndayiza waba nezinkomo nje eziyisithupha uma sekufike lezi azisebenze kwaZondo.  Ushintshisa nangezimbuzi lezi aziholelwa abanumzane ngokubamisela izibaya zabo.
Saqala manje isibaya sikaNdimande ukuba sinakeke kanti futhi ngisho nayo impahla ngokwayo yanonophala yancibilika yabiza umuntu ezihambela ngendlela.
UMndayiza welusa nje kanti futhi uzibambela mathupha ukuze laba abamfunayo bamthole kalula khona endle bangaze bayobonana noyise hleze aze anyonkele lapha esifeni sakhe ukuthi uhlanganisani nani lapha emakhambini.  Iselokhu ikhona leyansila yegqubu lenzondo phakathi kwakhe noyise.  Akakhohlwa ufana nesithole sendlovu - indaba yesitilobho uyikhumbula njalo uma esuke egeza ezwa imizizima elapha emhlane engasoze yaphela.
Dukuduku, wabe esethi kungabangcono isibaya sishintshwe endaweni yaso kwathi kulesi esisha wembela ihobosha empundwini wasibethela.  Kwathi lezi zakubo zaphuziswa ugobho kanti njalo ntambama zithunyiselwa ngodengezi lwamakhekheba ezinyosi ukuze zithandane futhi zizibuyele.  Zasuke zakhuluphala kunakuqala kanti nabantu kwaba sengathi sebetshelene befika bezomfuna ukuba azobaqinisela izibaya zabo.  Naye uMaviyo useqalile manje ukuba ayihloniphe indodana futhi kukhona nokuyesaba.
Kungabe lolulwazi lwamakhambi kungabe uMndayiza walutholaphi, lokhu zonke izinsuku ulala lapha ekhaya?  Sekuze kusho uMaMbhele ukuthi kunensizwa yempondo umfokafikeni oyaye afike lapha bahambe naye njalo ntambama nezimbo.  Lomfo usebenza kwaloliwe khona lapha eduzane.
Zanda izinkomo zikaMndayiza sagcwala isibaya sikaNdimande abantu bebhekile.  Phela manje sebeza nje udede bezomfuna ekhaya ukuba ayobethela aqinise izibaya zabo aze azimisele izimazi imbala.  Uma ehambile, kuzosala lona ikhehla leli elinguyise leluse nakhu futhi seligugile kanti selivamise nokuzibika.  Seyiphelile inkani manje.
Lapha balimela abantu kanti futhi bathengisa ngobisi emzini lena yabantu abangafuyile nakotisha laba abaqashe izindlu zokuhlala abangenankomo.
Kwaba nguyise manje osefuna umfana wokwelusa ngoba nakhu uMndayiza usekhulile kanti futhi isikhathi akasenaso sokwelusa ebizwa ebiziwe lapha emizini.
Wathi lapho eyikhomba intombi yenduna umadlala, washaya kulezi ezakhe zoboya kwaba yizibizo kuphela azikhokha ngemali.  Aziphelanga izinyanga eziyisithupha uMaMadlala eyingoduso zaziwushaya kumfokaMaviyo.
Emva kokushada-ke wabe eseyofuna umsebenzi kwaloliwe eduzane eMzumbe.  Wasebenza elala ekhaya nakhu futhi nalo ikhehla elinguMaviyo selivamise ukulaliswa yimikhuhlane nezilalo futhi engumuntu wephika uma ligqubuthele izulu.
Wathi uyophela unyaka uMaMadlala wabe ehluba ngoba lathi liyoshaya iPhasika wabe encelisa indodakazi.
Lapha emsebenzini nakhona wathi nje efika, waba yindabamlonyeni ngoba nalo udumo lwakhe lwase luhambe phambili kusukela koFairview, koMagogo, koMzumbe Home kuye kuyoshaya eMabheleni (Hibberdene) imbala.  Abanumzane sebefika nakhona lapha emsebenzini bezomfuna ukuba azobaqinisela izibaya zabo.
Wathi uphela unyaka wesibili esebenza, kwakumenela uMaviyo ukufa ekhaya basala bodwa manje oMaMandlala noninazala nendodakazi uma esemsebenzini uMndayiza.  Nokho, bakhona abantu laba bokusenga nabalimayo.  UMaMadlala yena unesivande lapho etshale khona imfino ayithengisayo.  Sekukhona nemithi asemethwese yona umkakhe ukuze kuthi uma befike engekho, akwazi ukubathakela.
Indaba eyacishe yamphatha kabana ngeyokuthi nangu uFikeni esebika ukuthi naye usefuna ukubuyela kwelakubo eFlagstaff.  Washiya emdonse ngendlebe ukuthi nakanjani aze alokhu exhumene naye ngezincwadi ukuze basizane.
Ikhubalo abe eligasele kakhulukazi uMndayiza ngaphezu kwaleli lemfuyo kwabe kuyikhubalo lenhlanhla leli abe elincothi uma engase athole lona ngeke ma kakhulu uFikeni uku

esadinga ukusebenza kumlungu ngoba imali iyozizela.
Waqhuba-ke lezozinyanga ezimbalwa lapha kwaloliwe uma esehambile uFikeni wase enza ihlambo likayise ngoba wabe eselindele ukuba kuphele isikhathi leso abesimisile.
Wathi angawuqeda umsebenzi lowo kayise, wase esula lapha kwaloliwe ngoba nakhu esehambile nomngane wakhe ebecobelelana naye amakhambi - yena uFikeni phela.  Ikhubalo leli lemfuyo liyamlethela imali ngempela ngoba uma kukhona okudingekayo, usebheka khona esibayeni athengise abangule iva lelo elimhlabile.  Ngisho naye uMaMadlala ngeke ehlulwa yilutho uma engase akathi hulukuqu akaye kothwasela lelikhubalo lenhlanhla koFikeni njengesivumelwane.
Bayabhalelana noFikeni sonke lesikhathi behlukana.  Dukuduku, wabe esevalelisa eselibhekise khona eMampondweni wasishiya sizikhalela isalukazi esinguMaMbhele ebathembisa

ukuthi uyobuya uma esephothule.
Waphela unyaka uMndayiza engabonwa kuleli laseMzumbe.  Ekupheleni konyaka lowo wake wathi qu ekhaya, ebuyele uKhisimusi nakhu futhi wayethole umbiko wokuthi unina aka-

philile kahle futhi ukhala ngaye.
Wafika kwawa inkabi umfo kaMaviyo nakhu phela ufike lapha eyisebenzile ngempela imali uMaMadlala kanti naye ngokwakhe usefunde ukuchathela inyoni.  Omame baphambana lapha belethe izingane zabo - iyangena imali ibheke phambili.  Waqeda amasonto amabili lawo wase evalelisa manje esebathembisa ukuthi useyoze abuye ebusika esebuya

unomphela.
Wathi uma esebuyele enyangeni emethwasisayo, yase imtshela ukuthi sekusele nje ukuba akayongeniswa esizibeni esinenkanyamba emakhanda amahlanu ukuze adumelane nayo ukuze kubonakale ukuthi unesibindi.  Uma esedlule lapho uyobe useqedile ngoba nakhu usenalo nekhubalo legwababa elingatholwa kalula.  Into esasele kuphela yiwona umdaka omhlophe nobuchopho benkunzi yamanzi.
Nayo lenyanga yabo benoFikeni ifike yamkhonza kakhulu ngoba bafike bacobelelana ngolwazi analo lwesiZulu nayo

yamthwesa lawa esiMpondo amakhambi.
'Mfo kaNdimande, uyozibonela wena imisebenzi yalelikhubalo unyaka ungakapheli," sekusho yona inyanga lena uma

127

sebexoxa ngalo lelikhubalo aligasele lenhlanhla.  'Ngiyakutshela ukuthi ngeke usamsebenzela umlungu ngoba imali iyozingenela nje okwamanzi uma unaso isibindi."

"Manje yisibindi sani lesi osishoyo?" sekubuza yena uMndayiza lumuthi heqe uvalo.

"Habe, siyadingeka isibindi uma ngabe uzifuna izinhlanhla.  Lelikhubalo ngeke lakusebenzela lutho uma ungafikanga walihlabisa walikhunga.  Uma ungakwenzanga lokho, liyokuphenduka libulale wena uqobo lwakho." sekusho uFikeni ngoba yena usabuya khona lapho esizibeni.
'Manje uthi likhungwa kanjani lona lelikhubalo?" asho akhombise ukwethuka lapho uMndayiza ngoba uke ezwe ukuthi eminye imithi ifuna ukuba abulale umuntu alikhunge ngegazi lakhe.
"Lelikhubalo ukuze likusebenzele, kuyodingeka ukuba ufike ulikhunge ngesibindi somuntu.  Uma lokho ungakwenzanga, ufile wena uqobo lwakho," sekusho inyanga uqobo lwayo.
"Uthi likhungwa ngesibindi somuntu?  Manje ngichazele kahle ngizwe kahle ukuze ngingenzi iphutha," sekusho yena uMndayiza efikelwa yifindo emphinjeni.  "Uthi kufuneka ngilikhunge ngesibindi somuntu onjani?"
"Engani ngiyakutshela nje ukuthi lomuthi ungakawungenisi ekhaya, kuyodingeka uqale uwukhunge ngesibindi somuntu oyigazi lakho - isihlobo sakho esiseduze futhi ozalana naso." Sekuchaza uFikeni ngoba uyambona ukuthi wethuke kakhulu.
"Kufuneka lowomuntu abeligazi nami?  Usho ukuthi yena umkami angeze alunga uma ngilihlabise yena?" Cha, uMndayiza wethuke kakhulu impela ngoba usehhema nje.  Bathi ukumbheka oFikeni nenyanga lena.  Bamfice ejuluka kancane nakhu phela yena ubethi nje yinto nje leyo elula ngoba angazingela lababantu abayimizulane ambulate maqede amcwiye isibindi leso kuphele ngalokho.  Manje kufuneka isibindi somuntu oligazi lakhe?
"Umkakho naye ulungile phela ngoba useyinsila yakho.  Empeleni, bewungabulala unyoko noma uyihlo bona asebezigugele noma kambe ingane yakho ukuze lezi ezinye zidle kahle lapha emhlabeni.  Naye umkakho ulungile ngoba phela naye usengumndeni wakwaNdimande." Sekuchaza uFikeni.  "Ungesabi mngane wami, ubona abantu benethezeka nje, basuke bedele lukhulu, mfana'kithi."

128

Cha athule isikhathi eside impela kubonakale ukuthi kulukhuni usazama ukukhetha lowo azomdela ukuba akhunge ngaye lelikhubalo lenhlanhla.
'Kanti-ke uma sewukwenzile lokho, ngisho nawe uqobo lwakho uyozibonela ukungena kwemali uma sewuwukhungile lomuthi," sekujobelela inyanga." Ngiyakuyala ukuthi ungalingi uwungenise lomuthi ekhaya ungakwenzile lokho ngoba lomuthi uyozihlabisa wona osapheni lwakho uma ungavukelanga wena uqobo lwakho.  Ungethande nawe ukuba lokho kwenzeke kuwe emva komsebenzi ongaka nezindleko osewungene kuzo.  Kanti wena kawufuni yini ukunethezeka ukhombe ngophakathi?"
"Ngethuswa yileli lokuthi ngisho nami uyongibulala uma ngingawukhunganga kanti-ke bese ngibone kahle ukuthi ngizo ..." kusho yena uMndayiza ngoba ubesacabanga sona isalukazi esinguMaMbhele ukuthi kungabangcono uma engaphumuza sona nakhu futhi sesasala sodwa.  Ngenhliziyo uyasho nje ukuthi makube bekusekhona uyise uMaviyo, ubengeke angabaza nakancane ukuba kube nguye akhunga ngaye lelikhubalo.  Uma engabulala uMaMadlala, angathi uzosala nobani badle lemali abayisebenzayo?  Futhi naye uMaMadlala ngokwakhe engani usembonile ukuthi uyindoda ngokwakhe engani wafika wayofaka ebhange ama-R350 imali esetshenzwe uyena uMaMadlala eyedwa?  Uma enikela ngoNomvula, indodakazi, yona lemali ayisebenzayo, iyoba ngekabani uma efa?
Uyena nje uMaMbhele ongafanela ukuba imudle lenkatha yokukhunga ikhubalo leli.

Lezozinyangana ezazisasele zaba wunyaka kuMndayiza.  Manje usabulala yini bona ubuthongo?  Kuze kuse ecabanga, ebamba eyeka ezama ukuhlaziya ukuthi konje wubani ozalweni okufanele ukuba amhlabise ikhubalo lakhe leli lenhlanhla yomcebo.  Abuye akhumbule udadewabo uKhethiwe hhayi-ke lapho avuke ahlale ngesinqe.  Kodwa yena umkhwenyawabo angambheka ngamaphi nje wona amehlo uma engasukela umuntu owalala siswini sinye na e kuMaMbhele?  Bona nje abashana bakhe angababheka athini azi kahle ukuthi bazintandane nje ngenxa yakhe?
Cha, kulukhuni manje; kumnyama phambili kanti nasemuva sekukude.  Usezenzile izifungo zokugcina.  Sekukhona nokuzisola ukuthi kodwa yena wabe engenwe yini ukuba

129

afise imali eningi kunalena abenenhlanhla ukuyithola ngomuthi lowo wezinkomo lezi esezondle umuzi wakubo?  Abamhluphi ngokucela imali oMaMadlala kanti nansi nendodakazi izincwadi zonke ziyayincoma ukuthi iyisilomo esikoleni ngokuba nekhanda elilula ... kambe yena uNomvula?  Yeka, esethi ubulala indodakazi leyo eyodwana, bangabuye bamthole omunye umntwana nanini!
Nokho ngoba nemali yakhe engu-R300 ayikhokhela ukuzokwethwasa akusekho ukuyibiza manje, okungcono sekuyobonakala khona phambili - icebo liyozakha.
Wasuka lapha eFlagstaff ngamabhasi aye amlahla eSayidi nakhona wadlula ngesitimela saye samehlisa eMzumbe.  Nakhona amthatha amabhasi ngoba esitobhini sakubo wehla lapho kuqundeka amehlo.  Uphethe ipotimende lakhe elinsundu elinezimpahla zakhe zokugqoka nokulala. kube yisimolo afake kusona imithi bese-ke kuba wujosaka wakhe wasehlombe angehlukani naw'o lapho elifake khona lelikhubalo lakhe nemithi elihambisana nayo.  Akasibeki ngisho phansi isikhwama lesi.
Lokhu nabantu baningana abehla kuleyobhasi, washesha wathola amantombazane okumthwalisa wawathembisa ingogo uma efika ekhaya.  Yena wasala nalojosaka wakhe.  Besahambe ibangana, nakhu esezithela kunina uMaMbhele naye ezivelela komunye umuzi oseduzane.  Wase ewakhokhela amantombazane esewayalela ukuthi aze afike anikeze uMaMadlala.  Kwaba kuhle kwadela nakhu esezohambisana naso isalukazi.
"Hawu impela ndodana kusobala ukuthi ngizokwethwasa uma kanti sengiphupha into yenzeke!" Sekuzikhalela uMaMbhele lapho sebehlangana nendodana.  Ayange ayigone, ajabule akhale izinyembezi.
"Bheka ngoba ungithola lapha nje bengizothenga imbuzi ngoba lonke lelisonto selokhu liqalile bengilokhu ngiphupha uyihlo ekhuluma ethi angikuhlangabeze ngokuhlaba lembuzi.  Sengize ngayithenga kanti nangempela ngoba nakhu futhi sewufikile uqobo lwakho." Kuzikhalela isalukazi simgona okwengane encane.  Siyefiluleka ngisho nawukufihla intokozo esinayo uma indodana yaso seyibuye unomphela njengokusho kwayo mhla begcinana.
"Kodwa khona ekhaya nisaphila nonke mama?" sekubuza yena uMndayiza efikelwa yifindo emphinjeni uma esekhu-

130

mbula amazwi abehlukane ngawo benoFikeni nenyanga leyo yabo.
"Kodwa wangibelesela ngendaba yempilo lokhu uyasibona siyaphila nje?  Mina engithanda ukukubuza Mndayiza ukuthi sewubuye unomphela manje?  Ngeke usaphindela eMaMpondweni?" Sekusho sona isalukazi simbuka sengathi kasikholwa wukuthi sibona yena uqobo lwakhe.
'Mama wami othandekayo, ungesabi lutho ngoba sengibuye unomphela.  Ngeke ngisasuka lapha phambi kwamehlo akho." Kuphendula uMndayiza naye ethuke sezigcwele amehlo.  Bakhale lapho begonene isikhashana.  Babuye futhi baqhubeke.
Amantombazane ahambe nempahla asesithele kude le; asefikile ngisho nakhona ekhaya.  Bona baze bafinyelela ekhaya sekuqundeke amehlo lokhu bahamba nje bayaxoxa futhi naso isalukazi asisakwazi ukuhamba sisheshe.
Bathi lapho sebezongena ekhaya, wase ephambuka uMndayiza naso lesikhwama sakhe sasehlombe esitshathwayo.  Uthe angathi tshobe emahlozini angenhlana nje komuzi,,wase esifihla khona lapho esethi ukuziba isikhashana ukuze kube sengathi ubengumuntu osaye kozikhulula.  Wase eseqonda khona exhibeni eseyobulisa lapha kumakoti nakundodakazi.
Kwabe kungeniswa intondolo leyo ebeyiye kothengwa wunina.  Balala kudliwe izibindi zayo ngalobobusuku kukuhle kudelile lapha kuMaMbhele.  Kade esemlandisa ukuthi imisebenzi kamalokazana iyancomeka ngoba abantu bafika lapha ekhaya bezochatha izingane zabo kanti nabanumzane bafika befikile bezofuna ukuba babethelelwe izibaya zabo.
"Ngisho noma sengingazunywa wukufa manje Mndayiza, mntanami, ngingeze ngakhala ngalutho ngoba nakhu sewubuyile.  Yini nje engingathi ngisayikhalela engingayibonanga emhlabeni?" sekusho sona isalukazi sihlengezela izinyembezi.  "Umakoti nangu, umzukulu uNomvula nangu uyaphila, nakhu nawe sewubuyile; pho ngingathi ngisakhala ngani kumdali uma engangithatha ngiye kokhonza koyihlo?"
Ukhuluma nje, lawomazwi ayahlaba lapha kuMndayiza.  Wazumeka lapho kwaba sengathi uthunyiselwe wudosi lwempisi.  Wazivukela ngakusasa nelanga seliphezulu nakhu ebika ukuthi ukhathazwe wuhambo lwabo lolo ngebhasi usuku lonke.

131

"Habe, yise kaNomvula, kanti muva nje sewulala sengathi ufile?" sekubuza umakoti esemlethele amanzi okugeza.  Kade yena evukile wayophemba exhibeni.
"Ungakusho ngani lokho nkosikazi lokhu bengiqwashile nj'e ngaze ngazumeka manje sekukhala izinkukhu?" kuphendula umnumzane ezamula ezelula.
"Musa wena ukukhuluma umhlola!  Bewuqwashe nini ngoba ngikuvuse ngaze ngadela ebusuku?  Pho manje bewuqwashe nini yise kaNomvula?" sekubabaza uMaMadlala eshaya izandla.  "Kungathi ngehlulekile ukukuvusa ngenkathi sibeleselwe wumsindo wembuzi emva kwendlu kodwa ungitshele ukuthi bewuqwashile?  Kanti ukuqwasha kushoni uma kungasho ukuphelelwa wubuthongo?"
"Yimbuzi ebeyikhalaphi leyo oyishoyo?  Mina angizwanga
mbuzi lapha." kulandula yena uMndayiza ephinda ezamula.
"Yekanini imihlola kayise kaNomvula!  Usho ukuthi awuyizwanga lembuzi ebeyibelesele ikhala emva kwendlu?" ambuke ngamanye amehlo manje umyeni wakhe.
"Kusobala yimbuzi yakubo kwalena ehlatshwe izolo.  Beyihamba ifuna yona." Sekuphendula uMndayiza lumuthi heqe uvalo.  Yake yakhala nanini imbuzi ebusuku?
"Habe, yise kaNomvula," sekusho umame lapho esemlethele umphungo wetiye lasekuseni," sona isikhwama sakho sikajosaka siphi namuhla?  Musa wena ukungitshela ukuthi wasithengisa lesiya sikhwama esihle kanjeya."
"Habe, nansi indaba ingikhulela bo!  Kanti lesosikhwama singesakho noma singesami?" washo ethi thwecu esigqikini ebheka ngasemnyango.  "Wangisiza wangikhumbuza ngoba bengisadinga ukuthi konje isikhwama sami uthi asisalanga nje lapho ngigcine ukuzikhululela khona?  Bheka ngoba sinyamalale nemithi emikhulu phakathi." Kusho yena uMndayiza ethatha izinyawo eyophuma ngomnyago.
"Musa wena ukukhuluma ngento ewumhlola!  Sewungakhohlwa yisikhwama sakho kanye nemithi yakho?" sekubabaza umakoti.  "Khona sewaba yisikhohlwa esadla impundu saze sayiphindelela, sewungakhohlwa yisikhwama emini libalele?"

Dukuduku ephumile, bayamethuka usebuya naso isikhwa-
ma leso.  Siyaconsa amazolo.
'Habe, yise kaNomvula kodwa awubulewe?  Isikhwama se-
132

singaze silale phandle sinemithi pho?" impela umakoti ambuke ngamanye amehlo.

Azithulele uMndayiza azibuzele uNomvula ukuthi ubengakavuki yini.  Phela kulemizuzwana ephumile, usefike walikhipha ikhubalo lapha esikhwameni ukuze alifihle ngaphandle komuzi.  Manje uselisusile lapha emva komuzi waye walishutheka ngasesibayeni.
Bayafika abantu bezombona, nalabo abaze nje bezofuna usizo.  Kwakuhle nje kudliwa nenyama leyo yentondolo kuphuzwa laze lashona ilanga.
Kwalalwa.  Hhayi-ke ngalobobusuku lokhu lendlu okulala khona oNomvula noninakhulu iyona egcine ngezansi ngasesibayeni, kwaze kwasa bebheke ngawayizolo.  Imbuzi manje seyikhala khona lapha ngasesibayeni eduze nesibaya samankonyane.

Ekuseni bavuswa yisona isalukazi sizikhalela ukuthi abazange kebalale ngenxa yomsindo lowo wembuzi ebeyikhala ngasesibayeni.

"Beyikhala kuze kube sengathi iklinyekile wumchilo," sekulanda uNomvula belandisa uyise.  "Ngimangele kabi ekuseni uma sengithi ngiyobheka ukuthi kodwa yona lembuzi beyikuphi.  Akubonakali ngisho nalapho beyikhulekwe khona."
"Cha, kulokhu ngiyizwile kodwa ngayizwela buthongweni ngaziduduza ngokuthi kungabe yizona izimbuzi zakubo kalena ehlatshwe kuthangi njengoba kade esho uyise kaNomvula." Sekusho uMaMadlala.
Ayizibe nje lendaba uMndayiza.  Abike ukuthi usazoke ahambe ngalelolanga usazoyodlulisa imiyalezo ayiphathiswe wufikeni ezihlotsheni.  Ngalobo busuku akazange abuye.  Lapha ekhaya isibani sakhanya kwaze kwasa ciki.  Bathi nje bangasicima, ibhoke imbuzi kuze kube sengathi seyikhala khona lapha emnyango wendlu ababelele khona ndawonye njengoba engekho uyise kaNomvula.
Ngenkathi ehambile uMndayiza kuthi ebusuku wahlangana nohlanya wangabe esakhuluma waluhlaba entanyeni ngommese walubulala.  Wase eludonsela ehlathini lapho afike waluhlinzela khona.  Wakhipha isibindi maqede wase eluphonsa esiweni ezihambela.  Akabuyanga nje ngoba ubesageza igazi lapha ezingutsheni.
Uma bemxoxela lendaba yembuzi ebeyibabelesele ngasesi-

133

bayeni, naye ubabaza ukuthi usinde ngokulambisa ehlaselwe
zigebengu.  Nebala bazibone nezingubo zakhe ukuthi cha
impela bekulukhuni.
"Nokho, ngenhlanhla, ngisizwe ukuthi nami bengihlomile ngazivikela ngabachitha." Sekusho yena uMndayiza.
"Phela ndodana izwe leli selagcwala izigcwelegcwele.  Ungalingi uhambe ebusuku kulezindawo zakini." Sekweluleka unina.
Kube seyedlule leyo.
Kungakalalwa, anyamalale futhi uMndayiza.  Manje phela usezohlanganisa isibindi leso sohlanya nekhubalo njengoba yabe ishilo inyanga ukuthi aze enze njani.  Kusihlwa bese elibuyisa ikhubalo esezolifaka lapha elawini labo.
Ngalobobusuku akazange akalugobe ukhophe uMaMadlala.  Manje imbuzi seyikhala khona lapha elawini!  Ikhala khona esikhwameni sikaMndayiza semithi!
Kwaba nje wukusicima isibani, sasuka isidumo.  Imbuzi seyikhala khona lapha endlini ibanga omkhulu umsindo.
"Cha, yise kaNomvula, mina angizuyimela lendaba yokungalali." Kubhoka uMaMadlala ehlala ngesinqe.  "Sala sewulikhuluma iqiniso lonke Ndimande.  Kanti yini lena osifikele nayo nalesikhwama sakho?  Selokhu ufikile, asibulali ubuthongo sibeleselwe yimbuzi ekhalayo.  Uma ngabe usibuyele nezimpundulu zaseMaMpondweni, mina anginakuyimela leyonto yokuba singalali.  Khuluma nje iqiniso lonke uma kuyinto edinga uyihlabele, uyihlabele."
Athule isikhathi eside uMndayiza ebheke phansi ngelikade aphendule athi:
Mfazi, akuyona indaba yakho leyo.  Yeka mina phansi uma ungafuni ngixabane nawe."
"Habe, usho ukuthi asisezukulala manje lapha ekhaya?" washo ethatha izingubo zokulala ephuma eyolala kuninazala.  Afike abaxoxele lendaba yembuzi eseyikhala endlini phakathi.  Naye uMndayiza angaze asicima isibani baze bazumeka endlini engezansi.
Ekuseni uma bevuki, kwakufika iveni yamaphoyisa izofuna yena uMndayiza ngoba sewutholakele umkhondo wegazi lohlanya lolo olwalutholwe lucwiywe isibindi.  Basiganklaza basiganklaza isicabha bethi akavule.  Phinde.  Baze basigqekeza bafica isidumbu sakhe uMndayiza naso sicwiywe isibindi.

134

Uma bephenya lapha esikhwameni, sitholakale isibindi sakhe kanye naleso sohlanya.
Amaphoyisa asithatha isidumbu sakhe sayohlolwa odokotela bakwaHulumeni.  Bamthatha naye uMaMadlala noMambhele ukuba bayobhalisa abakubonile nabakuzwile.
Uma seluphenywa yinkantolo udaba lokufa kukaMndayiza kwatholakala ukuthi ucwiywe 'umuntu noma abantu abangaziwa njengaye umufi okubonakala ukuthi wabe ecwiywe nguye uMndayiza."
Noma esashona uMaMbhele, kodwa uMaMadlala usaba yinyanga enkulu kanti uNomvula yena usephothule ezifundweni zobuhlengikazi esibhedlela.


135
